Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 05

IBhayibheli Liwumyalezo KaNkulunkulu Oze Kithi

IBhayibheli Liwumyalezo KaNkulunkulu Oze Kithi

UJehova usinikeze isipho esimangalisayo​—izincwadi ezingu-66 ezakha iqoqo elilodwa eliyiBhayibheli. Kodwa ungase uzibuze: ‘Lavelaphi? Labhalwa ubani?’ Ukuze siphendule le mibuzo, ake sixoxe ngokuthi umyalezo kaNkulunkulu oseBhayibhelini wafika kanjani kithi.

1. Uma kungabantu ababhala iBhayibheli, kungani sithi livela kuNkulunkulu?

IBhayibheli labhalwa abantu abangaba ngu-40, kwabathatha iminyaka ecishe ibe ngu-1 600 ukuba baliqede. Incwadi yokuqala yabhalwa eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule, eyokugcina yabhalwa eminyakeni engaba ngu-1 900 edlule. Abantu abalibhala babevela ezindaweni ezihlukahlukene, abanye becebile futhi befundile, abanye bempofu. Noma kunjalo, zonke izincwadi zeBhayibheli ziyavumelana. Kubangelwa yini lokho? Kubangelwa ukuthi livela kuNkulunkulu. (Funda eyoku-1 Thesalonika 2:13.) Abalibhala babengabhali imicabango yabo. Kunalokho, “bakhuluma okuvela kuNkulunkulu njengoba babeqhutshwa umoya ongcwele.” a (2 Petru 1:21) UNkulunkulu wasebenzisa umoya wakhe ongcwele ukuze enze abantu babhale imicabango yakhe.​—2 Thimothewu 3:16.

2. Libhalelwe obani iBhayibheli?

“Zonke izizwe nezinhlanga nezilimi nabantu” bangazuza ezindabeni ezinhle eziseBhayibhelini. (Funda isAmbulo 14:6.) UNkulunkulu waqinisekisa ukuthi iBhayibheli litholakala ngezilimi eziningi kunanoma iyiphi enye incwadi eke yaba khona. Cishe bonke abantu bangaba nalo iBhayibheli. Akunandaba ukuthi bahlalaphi noma bakhuluma luphi ulimi.

3. Yini uJehova ayenzile ukuze avikele iBhayibheli?

IBhayibheli lalibhalwe ezintweni ezisheshe ziguge, njengesikhumba kanye nento efana nephepha eyenziwe ngesitshalo esithile. Kodwa abantu ababelithanda iBhayibheli babelokhu belikopisha ngokucophelela ngesandla. Nakuba ababusi nabaholi benkolo babezama ukuliqeda iBhayibheli, abanye abantu babezimisele ngisho nokufa ukuze balivikele. UJehova akavumelanga lutho lumvimbe ukuba akhulume nathi. IBhayibheli lithi: “Izwi likaNkulunkulu wethu lihlala kuze kube phakade.”​—Isaya 40:8.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi uNkulunkulu wabenza kanjani abantu ukuba babhale iBhayibheli, ukuthi walivikela kanjani nokuthi walenza kanjani ukuba litholakale kubantu.

4. IBhayibheli liyasitshela ukuthi livela kubani

Dlalani IVIDIYO. Ngemva kwalokho nifunde eyesi-2 Thimothewu 3:16, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.

  • Uma kungabantu ababhala iBhayibheli, kungani kuthiwa liyiZwi likaNkulunkulu?

  • Uyakholelwa yini ukuthi uNkulunkulu wayengadlulisela imicabango yakhe kubabhali abangabantu? Kungani usho kanjalo?

Unobhala angayibhala incwadi, kodwa umyalezo okuyo uvela kulowo obembizela. Ngendlela efanayo, iBhayibheli labhalwa abantu, kodwa umyalezo walo uvela kuNkulunkulu

5. IBhayibheli lasinda lapho lihlaselwa

Uma iBhayibheli livela kuNkulunkulu, singalindela ukuba alivikele. Kuwo wonke umlando wabantu, ababusi baye bazama ukuliqeda iBhayibheli. Abaholi benkolo baye bazama ukuba abanye abantu bangalitholi. Kodwa naphezu kokuphikiswa nokutshelwa ukuthi bazobulawa, abantu abaningi baye babeka ukuphila kwabo engozini ukuze bavikele iBhayibheli. Ukuze ufunde ngomunye walabo bantu, dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.

  • Ingabe ukwazi ukuthi abantu abaningi babezimisele ukufaka ukuphila kwabo engozini ukuze bavikele iBhayibheli kukwenza ufune nakakhulu ukulifunda? Kungani?

Fundani iHubo 119:97, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Yini eyenze abantu abaningi bafaka ukuphila kwabo engozini ukuze bahumushe futhi basakaze iBhayibheli?

6. Incwadi yabo bonke abantu

IBhayibheli liyincwadi eye yahunyushwa kakhulu kunazo zonke netholakala kakhulu kunazo zonke. Fundani izEnzo 10:34, 35, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Kungani uNkulunkulu efuna iZwi lakhe lihunyushwe futhi litholwe abantu abaningi?

  • Yini oyithandayo ngeBhayibheli?

Cishe

bonke

abantu emhlabeni

bayalithola iBhayibheli ngolimi abalwaziyo

Izingxenye zeBhayibheli noma iBhayibheli lilonke

litholakala ngezilimi

ezingaphezu kuka-

3 000

Kuye kwakhiqizwa amakhophi eBhayibheli

angaba ngu-5 000 000 000

okuyinani elingaphezu kwelanoma iyiphi enye incwadi

ABANYE ABANTU BATHI: “IBhayibheli liyincwadi endala nje eyazibhalelwa abantu.”

  • Wena ucabangani?

  • Yibuphi ubufakazi obubonisa ukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu?

UKUBUYEKEZA

IBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu futhi uye waqinisekisa ukuthi bonke abantu bayalithola.

Ufundeni?

  • Kusho ukuthini ukuthi uNkulunkulu waphefumulela abantu ukuba babhale iBhayibheli?

  • Yini oyithandayo ngendlela iBhayibheli elasinda ngayo lapho lihlaselwa, indlela elihunyushwe ngayo nendlela elitholakala ngayo?

  • Kukwenza uzizwe kanjani ukwazi ukuthi uNkulunkulu wenze umzamo ongaka ukuze akhulume nawe?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi iBhayibheli lahunyushelwa kanjani ezilimini zethu lisuswa emibhalweni yesandla elalibhalwe kuyo.

“Indlela Esalithola Ngayo IBhayibheli” (Phaphama!, Novemba 2007)

Funda ukuthi iBhayibheli lasinda kanjani ezintweni ezintathu ezazilihlasela.

“Indlela IBhayibheli Elasinda Ngayo” (INqabayokulinda No. 4 2016)

Bona ukuthi yiziphi izinto eziyingozi abantu abazenza ukuze bahumushe iBhayibheli.

Babheka IBhayibheli Njengeliyigugu (14:26)

IBhayibheli liye lakopishwa futhi lahunyushwa izikhathi eziningi. Ungaqiniseka kanjani ukuthi okubhalwe kulo akuzange kushintshe?

“Ingabe Okubhalwe EBhayibhelini Kuye Kwashintshwa?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

a Njengoba kuzochazwa eSifundweni 07, umoya ongcwele ungamandla uNkulunkulu awasebenzisayo.