Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 08

Ungaba Umngane KaJehova

Ungaba Umngane KaJehova

UJehova ufuna wazi okwengeziwe ngaye. Kungani? Kungoba unethemba lokuthi lapho ufunda ngobuntu bakhe, ngendlela enza ngayo izinto nangenjongo yakhe, uyofisa ukuba umngane wakhe. Kungenzeka ngempela yini ukuthi ube umngane kaNkulunkulu? (Funda iHubo 25:​14.) Yini ongayenza ukuze ube umngane wakhe? IBhayibheli liyayiphendula leyo mibuzo, lisitshele nokuthi kungani ukuba umngane kaJehova kubaluleke kakhulu kunokuba umngane womunye umuntu.

1. UJehova ukumema ukuba wenzeni?

“Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jakobe 4:8) Kusho ukuthini lokho? UJehova ukumema ukuba ube umngane wakhe. Abanye bangase bakuthole kunzima ukuzicabanga bengabangane bomuntu abangamboni, ingasaphathwa eyokuba umngane kaNkulunkulu. Kodwa eZwini lakhe iBhayibheli, uJehova usitshela konke okudingeka sikwazi ngobuntu bakhe ukuze sisondele kuye. Lapho sifunda lokho uNkulunkulu asibhalele kona eBhayibhelini, ubungane bethu naye buyaqina ngisho noma singakaze simbone.

2. Kungani uJehova enguMngane ongcono kunabo bonke ongaba nabo?

Akekho okuthanda ngaphezu kukaJehova. Ufuna ujabule futhi ukhulume naye noma nini lapho udinga usizo. ‘Ungaphonsa zonke izinkathazo zakho kuye, ngoba uyakukhathalela.’ (1 Petru 5:7) UJehova uhlale ekulungele ukusekela, ukududuza nokulalela abangane bakhe.​—Funda iHubo 94:​18, 19.

3. Yini uJehova ayilindele kubangane bakhe?

UJehova uthanda bonke abantu, “kodwa uba umngane nabaqotho.” (IzAga 3:​32) UJehova ulindele ukuba abangane bakhe bazame ukwenza izinto athi zilungile, bagweme ukwenza izinto athi zimbi. Abanye bacabanga ukuthi ngeke bakwazi ukwenza zonke izinto uJehova afuna bazenze, nokugwema zonke izinto ezimbi. Kodwa uJehova unomusa. Wamukela noma ubani omthanda ngempela nowenza konke okusemandleni ukuze amjabulise.​—IHubo 147:​11; IzEnzo 10:​34, 35.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda okwengeziwe ngokuthi ungaba kanjani umngane kaJehova nokuthi kungani enguMngane ongcono kunabo bonke ongaba nabo.

4. U-Abrahama wayengumngane kaJehova

Lokho iBhayibheli elisitshela kona ngo-Abrahama (obuye abizwe ngokuthi u-Abrama) kuyasisiza siqonde ukuthi kusho ukuthini ukuba umngane kaNkulunkulu. Fundani ngo-Abrahama kuGenesise 12:​1-4, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Yini uJehova acela u-Abrahama ukuba ayenze?

  • Yini uJehova amthembisa yona?

  • Yini u-Abrahama ayenza?

5. Lokho uJehova acela abangane bakhe ukuba bakwenze

Ngokuvamile kunezinto ezithile esilindele ukuba abangane bethu bazenze.

  • Yiziphi izinto wena othanda abangane bakho bakwenzele zona?

Fundani eyoku-1 Johane 5:​3, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Yini uJehova alindele ukuba abangane bakhe bayenze?

Ukuze silalele uJehova, kungase kudingeke sishintshe ubuntu bethu noma ukuziphatha kwethu. Fundani u-Isaya 48:​17, 18, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Kungani uJehova ecela abangane bakhe ukuba bashintshe?

Umngane omuhle angasikhumbuza izinto ezizosivikela futhi zisisize. UJehova ubenzela okufanayo abangane bakhe

6. Lokho uJehova akwenzela abangane bakhe

UJehova uyabasiza abangane bakhe babhekane nezinkinga. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

  • UJehova wamsiza kanjani owesifazane okule vidiyo ukuba alwe nemicabango nemizwa engemihle?

Fundani u-Isaya 41:​10, 13, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Yini uJehova athembisa ukuyenzela bonke abangane bakhe?

  • Ucabanga ukuthi uJehova angaba uMngane omuhle? Kungani usho kanjalo?

Abangane bakho abakhulu bakunikeza usizo lapho uludinga, noJehova uzokusiza

7. Ukuze sibe abangane bakaJehova kudingeka sikhulume naye futhi simlalele

Ukuxoxa kwenza abangane basondelane. Fundani iHubo 86:​6, 11, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Singakhuluma kanjani noJehova?

  • UJehova ukhuluma kanjani nathi?

Sikhuluma noJehova ngomthandazo; yena ukhuluma nathi ngeBhayibheli

ABANYE ABANTU BATHI: “Akunakwenzeka ukusondelana noNkulunkulu.”

  • Yimuphi umBhalo ongawusebenzisa ukuze utshengise umuntu ukuthi singaba abangane bakaJehova?

UKUBUYEKEZA

UJehova ufuna ukuba uMngane wakho futhi uzokusiza ukuba usondelane naye.

Ufundeni?

  • UJehova ubasiza kanjani abangane bakhe?

  • Kungani uJehova etshela abangane bakhe ukuba bashintshe?

  • Ucabanga ukuthi kunzima yini ukuba umngane kaJehova? Kungani usho kanjalo?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Ukuba umngane kaNkulunkulu kungakusiza kanjani ekuphileni kwakho?

“UJehova​—UNkulunkulu Ofanelwe Ukwaziwa” (INqabayokulinda, Febhuwari 15, 2003)

Thola ukuthi kungani owesifazane othile athi ubungane bakhe noJehova basindisa ukuphila kwakhe.

“Ngangingafuni Ukufa!” (INqabayokulinda No. 1 2017)

Lalela indlela intsha echaza ngayo indlela ezizwa ngayo ngoJehova.

Kusho Ukuthini Ukuba Umngane KaNkulunkulu? (1:46)