Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 09

Sondela KuNkulunkulu Ngomthandazo

Sondela KuNkulunkulu Ngomthandazo

Kuke kwenzeke yini ube nomuzwa wokuthi udinga isiqondiso ekuphileni kwakho? Ingabe ikhona imibuzo ebalulekile ongafisa ukuthola izimpendulo zayo? Ingabe udinga induduzo noma ithemba? Ungathanda ukusondela nakakhulu kuJehova? Umthandazo ungakusiza kukho konke lokho. Kodwa kufanele uthandaze kanjani? Ingabe uNkulunkulu ulalela yonke imithandazo? Yini ongayenza ukuze uqiniseke ukuthi uzoyizwa yonke imithandazo yakho? Ake sibone.

1. Kufanele sithandaze kubani, futhi kufanele sithini lapho sithandaza?

UJesu wasifundisa ukuba sithandaze kuphela kuBaba wethu osezulwini. UJesu naye wathandaza kuJehova. Wathi: “Kumelwe nithandaze ngale ndlela: ‘Baba wethu osemazulwini . . . ’” (Mathewu 6:9) Lapho sithandaza kuJehova, ubungane bethu naye buyaqina.

Singathandaza nganoma yini. Kodwa ukuze uNkulunkulu ayizwe imithandazo yethu, kumelwe ivumelane nentando yakhe. “Noma yini esiyicelayo evumelana nentando [kaNkulunkulu], uyasizwa.” (1 Johane 5:​14) UJesu wasinikeza isibonelo sezinto ezifanelekayo esingazithandazela. (Funda uMathewu 6:​9-​13.) Ngaphezu kokuthandazela izidingo zethu, kumelwe singakhohlwa ukubonga uNkulunkulu ngezinto asenzele zona nokumcela ukuba asize abanye.

2. Kufanele sithandaze kanjani?

IBhayibheli lisikhuthaza ukuba ‘sithulule izinhliziyo zethu phambi [kukaNkulunkulu].’ (IHubo 62:8) Ngakho imithandazo yethu kufanele isuke enhliziyweni. Singathandaza kuzwakale noma ngenhliziyo kungakhathaliseki ukuthi senzani, uma nje kubonisa inhlonipho kuJehova. Singathandaza noma nini nanoma kuphi.

3. UNkulunkulu uyiphendula kanjani imithandazo yethu?

Uyiphendula ngezindlela eziningi. UJehova usinikeze iZwi lakhe iBhayibheli eliye lisinikeze izimpendulo zemibuzo yethu. Ukufunda iZwi likaNkulunkulu ‘kungahlakaniphisa ongenalwazi.’ (IHubo 19:7; funda uJakobe 1:5.) Angenza ingqondo yethu ibe nokuthula lapho sibhekene nezinkinga. Angasebenzisa nezinceku zakhe ukuba zisisize lapho sidinga usizo.

FUNDA OKWENGEZIWE

Zihlolele ukuthi ungathandaza kanjani ngendlela esuka enhliziyweni nejabulisa uNkulunkulu, uthole nokuthi umthandazo ungakusiza kanjani.

4. Kunezinto uNkulunkulu azilindele ukuze ezwe imithandazo yethu

Yiziphi izinto ezenza uNkulunkulu ayamukele imithandazo yethu noma angayamukeli? Dlalani IVIDIYO.

UJehova uyafuna sithandaze kuye. Fundani iHubo 65:​2, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Ucabanga ukuthi Lowo “olalela imithandazo” uyafuna yini wena uthandaze kuye? Kungani usho kanjalo?

Kumelwe siphile ngemithetho kaNkulunkulu uma sifuna ezwe imithandazo yethu. Fundani uMika 3:4 neyoku-1 Petru 3:​12, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Yini esingayenza ukuze siqiniseke ukuthi uJehova uzoyilalela imithandazo yethu?

Lapho kunempi, womabili amaqembu alwayo angase athandazele ukunqoba. Ingabe kuwukuhlakanipha ukulindela ukuba uNkulunkulu ayiphendule leyo mithandazo?

5. Imithandazo yethu kufanele isuke enhliziyweni

Abanye abantu baye bafundiswa ukuphindaphinda imithandazo njengoba injalo. Kodwa ingabe yileyo ndlela uNkulunkulu afuna sithandaze ngayo kuye? Funda uMathewu 6:​7, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Ungakugwema kanjani ‘ukuphindaphinda izinto ezifanayo’ emithandazweni yakho?

Usuku ngalunye cabanga ngento enhle eyenzekile ongambonga ngayo uJehova. Lokhu kwenze zonke izinsuku kuze kuphele iviki, uma wenza kanjalo uyobe usuthandaze ngezinto ezingu-7 ezingafani ngaphandle kokuphindaphinda into eyodwa.

Ubaba onothando ufuna ingane yakhe imtshele okusenhliziyweni yayo. UJehova naye ufuna sithandaze ngokusuka enhliziyweni

6. Umthandazo uyisipho esivela kuNkulunkulu

Umthandazo ungasiqinisa kanjani, ikakhulukazi ezikhathini ezinzima? Dlalani IVIDIYO.

IBhayibheli lithembisa ukuthi umthandazo ungenza izingqondo zethu zibe nokuthula. Fundani eyabaseFilipi 4:​6, 7, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Nakuba umthandazo ungaziqedi ngaso sonke isikhathi izinkinga zethu, usisiza kanjani?

  • Yiziphi ezinye izinto ongathanda ukuzithandazela?

Ingabe bewazi?

Igama elithi “amen” lisho ukuthi “makube njalo” noma “ngokuqinisekile.” Kusukela ezikhathini zeBhayibheli, “u-amen” ubelokhu eshiwo ekupheleni komthandazo.​—1 IziKronike 16:36.

7. Zibekele isikhathi sokuthandaza

Ngezinye izikhathi singase sibe matasa kakhulu, size sikhohlwe nokuthandaza. Wawubaluleke kangakanani umthandazo kuJesu? Fundani uMathewu 14:​23 noMarku 1:​35, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Yini uJesu ayeyenza ukuze abe nesikhathi sokuthandaza?

  • Wena ungasithola nini isikhathi sokuthandaza?

ABANYE ABANTU BATHI: “Ukuthandaza kuwukudlala ngesikhathi ngoba akekho osuke ekulalele. Kumane kuwukuziduduza nje.”

  • Wena ungathini?

UKUBUYEKEZA

Imithandazo esuka enhliziyweni yenza sisondelane noNkulunkulu, yenze izingqondo zethu zibe nokuthula, isinikeze namandla esiwadingayo ukuze sijabulise uJehova.

Ufundeni?

  • Kufanele sithandaze kubani?

  • Kufanele sithandaze kanjani?

  • Kuzuzisa ngani ukuthandaza?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Thola izimpendulo zemibuzo evame ukubuzwa mayelana nomthandazo.

“Izinto Eziyisikhombisa Okufanele Uzazi Ngomthandazo” (INqabayokulinda, Okthoba 1, 2010)

Funda ukuthi kungani kubalulekile ukuthandaza, nokuthi ungayithuthukisa kanjani imithandazo yakho.

“Kungani Kufanele Ngithandaze?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

Funda ukuthi iBhayibheli lithi kufanele sithandaze kubani.

“Ingabe Kufanele Ngithandaze Kosanta?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

Kule vidiyo yomculo, phawula ukuthi kubalulekile yini ukuthi uthandaza kuphi nokuthi uthandaza nini.

Thandaza Noma Nini (1:22)