Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 17

Ungumuntu Onjani UJesu?

Ungumuntu Onjani UJesu?

Njengoba sifunda ngezinto uJesu azisho nazenza ngesikhathi esemhlabeni, sifunda ngezimfanelo ezisenza sifune ukusondela kuye nakuYise uJehova. Yiziphi ezinye zalezi zimfanelo ezinhle? Singamlingisa kanjani thina uJesu ekuphileni kwethu?

1. UJesu ufana ngaziphi izindlela noYise?

Sekuphele izigidi eziningi zeminyaka uJesu ebuka uYise onothando futhi efunda kuye ezulwini. Ngenxa yalokho, unemizwa efana neyakhe, ucabanga futhi enze njengaye. (Funda uJohane 5:19.) UJesu uzilingisa kahle izimfanelo zikaYise kangangokuba wathi: “Ongibonile mina umbonile noBaba futhi.” (Johane 14:9) Njengoba ufunda ngobuntu bukaJesu, uzomazi kangcono uJehova. Indlela uJesu ayebazwela ngayo abantu ibonisa indlela uJehova azizwa ngayo ngawe.

2. UJesu ubonise kanjani ukuthi uyamthanda uJehova?

UJesu wathi: “Ukuze izwe lazi ukuthi ngiyamthanda uBaba, ngenza njengoba nje uBaba engiyalile.” (Johane 14:31) Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, wabonisa ukuthi umthanda kakhulu uYise ngokumlalela ngisho nalapho kunzima. UJesu wayekuthanda nokukhuluma noYise nokusiza abanye babe abangane baKhe.​—Johane 14:23.

3. UJesu ubonise kanjani ukuthi uyabathanda abantu?

IBhayibheli lithi uJesu ‘wayesithanda ngokukhethekile isintu.’ (IzAga 8:31, umbhalo waphansi) Wabonisa lolo thando ngokukhuthaza abantu nangokuzidela ukuze abasize. Wenza izimangaliso ezingagcinanga ngokubonisa ukuthi unamandla kodwa ezabonisa nokuthi unozwela. (Marku 1:40-42) Wayephatha abantu ngomusa futhi engakhethi. Ayekusho kwakubaduduza futhi kubanike nethemba bonke abanezinhliziyo eziqotho ababemlalela. UJesu wayezimisele ukuhlupheka nokufa ngoba wayebathanda bonke abantu. Kodwa ubathanda kakhulu labo abenza lokho akufundisayo.​—Funda uJohane 15:13, 14.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda okwengeziwe ngobuntu bukaJesu, ubone ukuthi wena ungalubonisa kanjani uthando futhi uphe njengaye.

4. UJesu uyamthanda uYise

Isibonelo sikaJesu sisifundisa indlela yokubonisa ukuthi siyamthanda uNkulunkulu. Fundani uLuka 6:12 noJohane 15:10; 17:26. Ngemva kokufunda umBhalo ngamunye, xoxani ngalo mbuzo:

  • Singabonisa kanjani ukuthi siyamthanda uJehova njengoba uJesu enza?

UJesu wayemthanda uYise wasezulwini futhi wayekhuluma naye njalo ngomthandazo

5. UJesu uyabazwela abantu abaswele

UJesu wabeka izidingo zabanye abantu kuqala kunezakhe. Ngisho nalapho ekhathele, wasebenzisa isikhathi namandla akhe ukuze asize abantu. Fundani uMarku 6:30-44, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Kule ndaba, uJesu wabonisa ngaziphi izindlela ukuthi unesihawu ngabanye?​—Bheka amavesi 31, 34, 41, no-42.

  • Yini eyenza uJesu wasiza abantu?​—Bheka ivesi 34.

  • Njengoba uJesu elingisa ubuntu bukaJehova, konke lokhu kukufundisani ngoJehova?

  • Yiziphi ezinye izindlela esingabonisa ngazo ukuthi sinesihawu ngabanye njengoJesu?

6. UJesu uyaphana

Nakuba uJesu ayengenazo izinto eziningi, wayephana. Usikhuthaza ukuba nathi siphe. Fundani izEnzo 20:35, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • UJesu uthi yini engasenza sijabule?

Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

  • Yiziphi ezinye zezindlela esingapha ngazo ngisho noma singenazo izinto eziningi?

Ingabe bewazi?

IBhayibheli lisifundisa ukuba sithandaze kuJehova egameni likaJesu. (Funda uJohane 16:23, 24.) Uma sithandaza ngaleyo ndlela, sisuke sibonisa ukuthi siyabonga ngalokho uJesu akwenzile ukuze asisize sibe abangane bakaJehova.

ABANYE ABANTU BATHI: “UNkulunkulu akanandaba nokuthi siyahlupheka.”

  • Njengoba uJesu elingisa ubuntu bukaYise, izenzo azenza emhlabeni zifakazela kanjani ukuthi uJehova uyasikhathalela?

UKUBUYEKEZA

UJesu uyamthanda uJehova, uyabathanda nabantu. UJesu ufana noYise. Njengoba uya umazi uJesu, uzomazi kangcono noJehova.

Ufundeni?

  • Singabonisa kanjani ukuthi siyamthanda uJehova njengoJesu?

  • Singabonisa kanjani ukuthi siyabathanda abantu njengoJesu?

  • Yini oyithanda kakhulu ngobuntu bukaJesu?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi kungani kufanele sithandaze egameni likaJesu.

“Kungani Kufanele Sithandaze Egameni LikaJesu?” (INqabayokulinda, Febhuwari 1, 2008)

Kukhona yini iBhayibheli elikushoyo ngokuthi wayebukeka kanjani uJesu?

“Wayebukeka Kanjani UJesu?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

Yini esingayifunda endleleni uJesu ayephatha ngayo abesifazane?

“Inhlonipho Nesithunzi Elungiselelweni LikaNkulunkulu” (INqabayokulinda, Septhemba 1, 2012)