Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 19

Ingabe OFakazi BakaJehova BangamaKristu Eqiniso?

Ingabe OFakazi BakaJehova BangamaKristu Eqiniso?

Thina oFakazi BakaJehova sikholelwa ukuthi singamaKristu eqiniso. Kungani? Funda ukuthi izinkolelo zethu zisekelwephi, ufunde ngegama lethu elisenza sehluke, ufunde nangendlela esibonisana ngayo uthando.

1. OFakazi BakaJehova bazisekelaphi izinkolelo zabo?

UJesu wathi: “Izwi [likaNkulunkulu] liyiqiniso.” (Johane 17:17) NjengoJesu, oFakazi BakaJehova bebelokhu besekela izinkolelo zabo eZwini likaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, bona ukuthi sikwenze kanjani lokhu eminyakeni yamuva. Ngo-1870, iqembu labafundi beBhayibheli laqala ukuhlola ngokucophelela iBhayibheli. Basekela izinkolelo zabo kulokho elalikusho, ngisho noma lezo zinkolelo zazihlukile kulokho okwakufundiswa emasontweni. Babe sebexoxela abanye amaqiniso ababewathole eBhayibhelini. a

2. Kungani sizibiza ngokuthi singoFakazi BakaJehova?

UJehova uthi abantu abamkhonzayo bangofakazi bakhe ngoba bakhuluma iqiniso ngaye. (Hebheru 11:4–12:1) Ngokwesibonelo, uNkulunkulu wathi kubantu bakhe: “Ningofakazi bami.” (Funda u-Isaya 43:10.) UJesu ubizwa ngokuthi “uFakazi Othembekile.” (IsAmbulo 1:5) Ngakho nathi, ngo-1931, sathola igama elithi oFakazi BakaJehova. Siyaziqhenya ngokubizwa ngalelo gama.

3. OFakazi BakaJehova balulingisa kanjani uthando lukaJesu?

UJesu wayebathanda kakhulu abafundi bakhe kangangokuba base befana nomndeni kuye. (Funda uMarku 3:35.) OFakazi BakaJehova nabo bawumndeni onobunye osemhlabeni wonke. Yingakho sibizana ngokuthi mfowethu noma dadewethu. (Filemoni 1, 2) Silalela nomyalo othi: “Thandani bonke enikholwa nabo.” (1 Petru 2:17) OFakazi BakaJehova balubonisa ngezindlela eziningi lolu thando, njengalapho besiza abakholwa nabo emhlabeni wonke uma bedinga usizo.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda okwengeziwe ngomlando woFakazi BakaJehova uthole ubufakazi obengeziwe bokuthi singamaKristu eqiniso.

AmaKristu eqiniso asekela izinkolelo zawo eBhayibhelini bese ezixoxela abanye

4. Sisekela izinkolelo zethu eBhayibhelini

UJehova wabikezela ukuthi abantu bakhe babeyowaqonda ngokwengeziwe amaqiniso aseBhayibhelini. Fundani uDaniyeli 12:4, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Njengoba abantu bakaNkulunkulu beqhubeka behlola iBhayibheli, yini eyayiyoba “ningi”?

Bona ukuthi iqembu labafundi beBhayibheli, elihlanganisa noCharles Russell, lalitadisha kanjani iZwi likaNkulunkulu. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

  • Kule vidiyo, uCharles Russell nabanye abaFundi BeBhayibheli balitadisha kanjani iBhayibheli?

Ingabe bewazi?

Ngezinye izikhathi siye sazilungisa izimfundiso zethu. Kungani? Lapho ilanga liya liphakama, izinto ziya zibonakala ngokucacile, kanjalo noNkulunkulu usenza siqonde iZwi lakhe kancane kancane. (Fundani izAga 4:18.) Nakuba iBhayibheli lingashintshi, silungisa izimfundiso zethu njengoba siya siliqonda kangcono.

5. Siphila ngokuvumelana negama lethu

Kungani sibizwa ngokuthi singoFakazi BakaJehova? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

  • Kungani igama elithi oFakazi BakaJehova lifaneleka?

Kungani uJehova ekhethe abantu ukuba babe ofakazi bakhe? Kungenxa yokuthi babezoveza ukuthi unguNkulunkulu weqiniso, ngoba maningi amanga aqanjiwe ngaye. Ake sifunde ngamabili alawo manga.

Ezinye izinkolo zifundisa abalandeli bazo ukuthi uNkulunkulu ufuna basebenzise izithombe lapho bemkhonza. Kuyiqiniso yini lokho? Fundani uLevitikusi 26:1, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Lo mBhalo uveza liphi iqiniso? UJehova uzizwa kanjani ngokusebenzisa izithombe?

Abanye abaholi benkolo bafundisa ukuthi uJesu unguNkulunkulu. Kuyiqiniso yini lokho? Fundani uJohane 20:17, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Lo mBhalo uveza liphi iqiniso? Ingabe uNkulunkulu noJesu bangumuntu oyedwa?

  • Kukwenza uzizwe kanjani ukwazi ukuthi uJehova uthume oFakazi bakhe ukuba bashumayele iqiniso ngaye neNdodana yakhe?

6. Siyathandana

IBhayibheli lifanisa amaKristu namalunga ahlukahlukene omzimba. Fundani eyoku-1 Korinte 12:25, 26, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Yini amaKristu eqiniso okufanele ayenze lapho amanye amaKristu ehlupheka?

  • Yini oyibonile endleleni oFakazi BakaJehova abathandana ngayo?

Lapho oFakazi BakaJehova behlupheka engxenyeni ethile yomhlaba, abanye oFakazi emhlabeni wonke banikeza usizo oluphuthumayo. Ukuze ubone isibonelo esisodwa salokhu, dlalani IVIDIYO. Ngemva kwalokho, xoxani ngombuzo olandelayo.

  • Kungani singathi umsebenzi woFakazi BakaJehova wokusiza lapho kunezinhlekelele uwubufakazi bokuthi banothando?

AmaKristu eqiniso abonisa uthando kwabahluphekile

ABANYE ABANTU BATHI: “OFakazi BakaJehova bayinkolo esanda kuba khona.”

  • UJehova waqala nini ukubiza izikhonzi zakhe ngokuthi ofakazi?

UKUBUYEKEZA

OFakazi BakaJehova bangamaKristu eqiniso. Singumndeni osemhlabeni wonke wezikhonzi ezisekela izinkolelo zazo eBhayibhelini nezitshela abanye iqiniso ngoJehova.

Ufundeni?

  • Kungani sibizwa ngokuthi singoFakazi BakaJehova?

  • Siphathana kanjani?

  • Ucabanga ukuthi oFakazi BakaJehova bangamaKristu eqiniso?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Bona isibonelo sokuthi oFakazi BakaJehova bazidalule kanjani izimfundiso zamanga.

Abantu BakaNkulunkulu Bayalikhazimulisa Igama Lakhe (7:08)

Thola izimpendulo zemibuzo okungenzeka unayo ngoFakazi BakaJehova.

“Imibuzo Evame Ukubuzwa NgoFakazi BakaJehova” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

UStephen wayezonda abantu bezinye izinhlanga kangangokuba wayeze abahlasele. Funda ukuthi yini ayibona koFakazi BakaJehova eyamenza washintsha.

“Ukuphila Kwami Kwakuya Kuba Kubi Nakakhulu” (INqabayokulinda, Julayi 1, 2015)

a Kusukela ngo-1879 besilokhu sinyathelisa umagazini INqabayokulinda ukuze sichaze okushiwo iBhayibheli.