Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 20

Indlela Amabandla Ahlelwe Ngayo

Indlela Amabandla Ahlelwe Ngayo

UJehova unguNkulunkulu ohlelekile. (1 Korinte 14:33) Ngakho silindele ukuba abantu bakhe nabo bahleleke. Ibandla lobuKristu lihlelwe kanjani? Yini esingayenza ukuze siligcine lihlelekile?

1. Ubani oyinhloko yebandla?

‘UKristu uyinhloko yebandla.’ (Efesu 5:23) Esezulwini uqondisa umsebenzi owenziwa abantu bakaJehova emhlabeni wonke. UJesu wabeka “inceku ethembekile neqondayo”​—okuyiqembu elincane labadala abavuthiwe ababizwa ngokuthi iNdikimba Ebusayo. (Fundani uMathewu 24:45-47.) INdikimba Ebusayo inikeza amabandla emhlabeni wonke iziqondiso, njengoba kwakwenza abaphostoli nabadala eJerusalema ngekhulu lokuqala. (IzEnzo 15:2) Kodwa la madoda awabona abaholi benhlangano yethu. Afunda iBhayibheli ukuze athole ukuthi uJehova ufuna enzeni futhi alandela isiqondiso sikaJesu ngokuzithandela.

2. Bangobani abadala futhi benzani?

Abadala amadoda angamaKristu asekhonze ngokwethembeka iminyaka eminingi. Bafundisa abantu bakaJehova ngeBhayibheli, babasize futhi babakhuthaze. Abakhokhelwa ngomsebenzi abawenzayo. Kunalokho, bakhonza “ngokuzithandela phambi kukaNkulunkulu; kungabi ngenxa yothando lwenzuzo yokungathembeki, kodwa ngokulangazela.” (1 Petru 5:1, 2) Abadala basizwa izinceku ezikhonzayo, okuthi ngokuhamba kwesikhathi nazo zifanelekele ukuba abadala.

INdikimba Ebusayo ibeka abadala abathile ukuba babe ababonisi besigodi. Bahambela amabandla ukuze bawanike iziqondiso futhi bawakhuthaze. Ababonisi besigodi bahlola lokho okuseBhayibhelini ukuze banqume ukuthi imuphi umzalwane ozoba inceku ekhonzayo noma umdala.​—1 Thimothewu 3:1-10, 12; Thithu 1:5-9.

3. Iyini indima kaFakazi ngamunye?

Bonke ebandleni ‘badumisa igama likaJehova’ emihlanganweni yebandla ngokwenza izinto ezinjengemiboniso, ukuphendula, ukubeka izinkulumo, ukucula nokushumayela, bakwenze ngokusemandleni abo.​—Fundani iHubo 148:12, 13.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi uJesu ungumholi onjani futhi abadala bazama kanjani ukulingisa isibonelo sakhe, nokuthi thina singamlalela kanjani uJesu futhi singabambisana kanjani nabadala.

4. UJesu ungumholi onomusa

UJesu uyasimema. Fundani uMathewu 11:28-30, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Njengoba uJesu engumholi wethu, ufuna sizizwe kanjani?

Abadala basilingisa kanjani isibonelo sikaJesu? Dlalani IVIDIYO.

IBhayibheli libafundisa ngokuqondile abadala ukuthi kufanele bawenze kanjani umsebenzi wabo.

Fundani u-Isaya 32:2 neyoku-1 Petru 5:1-3, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Kukwenza uzizwe kanjani ukuthi abadala balingisa uJesu ngokuzama ukusiza abanye bazizwe beqabulekile?

  • Yiziphi ezinye zezindlela abadala abalingisa ngazo uJesu?

5. Abadala bafundisa ngokuba isibonelo

UJesu ufuna abadala basibheke kanjani isabelo sabo? Dlalani IVIDIYO.

UJesu wababekela isibonelo labo abahola ebandleni. Fundani uMathewu 23:8-12, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • IBhayibheli lithi abadala kudingeka baziphathe kanjani? Ucabanga ukuthi abaholi benkolo bayakwenza lokho iBhayibheli elikushoyo?

  1. Abadala bagcina ukholo lwabo nolwemindeni yabo luqinile

  2. Abadala banakekela bonke abantu ebandleni

  3. Abadala bashumayela njalo

  4. Abadala bayafundisa. Bayasiza ekuhlanzeni nakweminye imisebenzi

6. Kumelwe sibambisane nabadala

IBhayibheli lisinikeza isizathu esibalulekile sokubambisana nabadala. Fundani eyamaHebheru 13:17, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Kungani iBhayibheli lithi kufanele sibalalele ngokuzithandela labo abaholayo? Uzizwa kanjani ngalokho?

Fundani uLuka 16:10, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Kungani kubalulekile ukubambisana nabadala ngisho nasezintweni ezibonakala zincane?

ABANYE ABANTU BATHI: “Asikho isidingo sokuba ilungu lenkolo ethile.”

  • Kungani ucabanga ukuthi kungakuzuzisa ukuba ingxenye yebandla?

UKUBUYEKEZA

UJesu uyinhloko yebandla. Siyakujabulela ukubambisana nabadala abaholwa uJesu ngoba bayasikhuthaza futhi basifundise ngokuba yizibonelo.

Ufundeni?

  • Ubani inhloko yebandla?

  • Abadala balisiza kanjani ibandla?

  • Iyini indima yesikhonzi sikaJehova ngasinye?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Bona ubufakazi bokuthi iNdikimba Ebusayo nabanye abadala bayawakhathalela amanye amaKristu namuhla.

Ukuqinisa Abafowethu Ngesikhathi Sokuvinjelwa (4:22)

Funda ngomsebenzi ababonisi besigodi abawenzayo.

Ukuphila Kombonisi Wesigodi Wasemaphandleni (4:51)

Thola ukuthi abadala basebenza kanzima kangakanani ukuze bakhuthaze abakholwa nabo.

“Abadala AbangamaKristu​—‘Izisebenzi Ezikanye Nathi Ukuze Sijabule’” (INqabayokulinda, Januwari 15, 2013)