Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 21

Zishunyayelwa Kanjani Izindaba Ezinhle?

Zishunyayelwa Kanjani Izindaba Ezinhle?

UJehova maduzane uzoqeda zonke izinkinga zethu esebenzisa uMbuso wakhe. Yizindaba ezinhle lezo okufanele bazizwe bonke abantu. UJesu wayefuna abalandeli bakhe batshele wonke umuntu lo myalezo! (Mathewu 28:19, 20) OFakazi BakaJehova bakwenza kanjani lokho uJesu akuyala?

1. UMathewu 24:14 ugcwaliseka kanjani namuhla?

UJesu wabikezela: “Lezi zindaba ezinhle zoMbuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke.” (Mathewu 24:14) OFakazi BakaJehova bawenza ngenjabulo lo msebenzi. Sishumayela izindaba ezinhle emhlabeni wonke ngezilimi ezingaphezu kwezingu-1 000! Lo msebenzi omkhulu udinga ukuzikhandla nokuhleleka. Ngeke wenziwe ngaphandle kosizo lukaJehova.

2. Yimiphi imizamo esiyenzayo ukuze sishumayele kubantu?

Sishumayela nomaphi lapho abantu betholakala khona. NjengamaKristu ekhulu lokuqala, sishumayela “endlini ngendlu.” (IzEnzo 5:42) Ukusebenzisa le ndlela kusenza sifinyelele abantu abayizigidi eziningi unyaka ngamunye. Njengoba abantu abaningi bengatholakali emakhaya, siphinde sishumayele nasezindaweni zomphakathi. Ngaso sonke isikhathi sibheka amathuba okukhuluma nabantu ngoJehova nangezinjongo zakhe.

3. Umsebenzi kabani ukushumayela izindaba ezinhle?

Wonke amaKristu eqiniso kufanele ashumayele izindaba ezinhle. Ukushumayela kubalulekile kithi. Sizama konke okusemandleni ukuze sishumayele ngoba siyazi ukuthi kungasindisa ukuphila kwabantu. (Funda eyoku-1 Thimothewu 4:16.) Asikhokhelwa ngokwenza lo msebenzi ngoba iBhayibheli lithi: “Namukele ngesihle, yiphani ngesihle.” (Mathewu 10:7, 8) Akubona bonke abantu abamukela umyalezo wethu. Kodwa siyaqhubeka ngoba ukushumayela kuyingxenye yenkonzo yethu futhi kwenza uJehova ajabule.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda okwengeziwe mayelana nemizamo yoFakazi BakaJehova yokushumayela emhlabeni wonke, ubone nokuthi uJehova usisiza kanjani.

4. Sisebenza kanzima ukuze sifinyelele bonke abantu

OFakazi BakaJehova benza imizamo ekhethekile yokushumayela izindaba ezinhle kubantu yonke indawo. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

  • Yini oyithandayo ngemizamo oFakazi BakaJehova abayenzayo ukuze bashumayele?

Fundani uMathewu 22:39 neyabaseRoma 10:13-15, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Inkonzo esiyenzayo ibonisa kanjani ukuthi siyabathanda omakhelwane bethu?

  • UJehova uzizwa kanjani ngalabo abashumayela izindaba ezinhle?​—Bheka ivesi 15.

5. Siyizisebenzi ezikanye noNkulunkulu

Kunezindaba eziningi ezibikwayo ezibonisa ukuthi uJehova uqondisa umsebenzi wethu. Ngokwesibonelo, eNew Zealand umzalwane okuthiwa uPaul wathola owesifazane ngesikhathi eshumayela endlini ngendlu ntambama. Ekuseni ngalo lelo langa, lona wesifazane wayekade ethandaza kuNkulunkulu esebenzisa igama likaNkulunkulu elithi Jehova, ecela ukuba othile eze azomvakashela. UPaul uthi: “Ngemva kwamahora amathathu ngabe sengifika kwakhe.”

Fundani eyoku-1 Korinte 3:9, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Izindaba ezinjengale yaseNew Zealand zibonisa kanjani ukuthi uJehova uqondisa umsebenzi wokushumayela?

Fundani izEnzo 1:8, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Kungani sidinga usizo lukaJehova ukuze sifeze inkonzo yethu?

Ingabe bewazi?

Njalo emhlanganweni wethu waphakathi nesonto siyaqeqeshwa ukuze sishumayele. Uma uke waya komunye wale mihlangano, ucabangani ngokuqeqeshwa esikutholayo?

6. Silalela umyalo kaNkulunkulu wokuba sishumayele

Ngekhulu lokuqala abaphikisi bazama ukuyekisa abalandeli bakaJesu ukushumayela. AmaKristu okuqala alivikela ilungelo lawo lokushumayela ‘ngokumisa ngokomthetho izindaba ezinhle.’ (Filipi 1:7) OFakazi BakaJehova benza okufanayo nanamuhla. a

Fundani izEnzo 5:27-42, bese nixoxa ngalo mbuzo:

OMUNYE ANGASE AKUBUZE: “Kungani oFakazi BakaJehova beshumayela emizini yabantu?”

  • Ungawuphendula uthini lo mbuzo?

UKUBUYEKEZA

UJesu wayala abalandeli bakhe ukuba bashumayele izindaba ezinhle ezizweni zonke. UJehova uyabasiza abantu bakhe ukuba benze lo msebenzi.

Ufundeni?

  • Izindaba ezinhle zishunyayelwa kanjani emhlabeni wonke?

  • Inkonzo yethu ibonisa kanjani ukuthi siyabathanda omakhelwane bethu?

  • Ucabanga ukuthi ukushumayela kungasenza yini sijabule? Kungani usho kanjalo?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Bona ukuthi oFakazi BakaJehova babashumayeza kanjani abantu emadolobheni amakhulu.

Ukufakaza Edolobheni Elikhulu LaseParis (5:11)

Yini oFakazi BakaJehova abayenzile ukuze basize ababaleki abavela kwamanye amazwe?

Ukusiza Ababaleki Basondelane NoNkulunkulu (5:59)

Yizwa ukuthi othile uthi kungani ejabula ngokuthi ukuphila kwakhe ukusebenzise ekushumayeleni.

Ngiyajabula Ngokuthi Ngakhetha Lo Msebenzi (6:29)

Funda ngezinye zezinqumo zenkantolo ezibalulekile ezenze kwaba lula ukushumayela izindaba ezinhle.

“Abashumayeli BoMbuso Bayisa Udaba Lwabo Enkantolo” (UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa!, isahluko 13)

a UNkulunkulu nguye osinikeze igunya lokwenza inkonzo. Ngakho, oFakazi BakaJehova abayidingi imvume evela eziphathimandleni yokushumayela izindaba ezinhle.