Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 24

Ziyini Izingelosi Futhi Zenzani?

Ziyini Izingelosi Futhi Zenzani?

UJehova ufuna sifunde ngomndeni wakhe osezulwini. Kulowo mndeni kukhona izingelosi ezibizwa ngokuthi “amadodana kaNkulunkulu.” (Jobe 38:7) IBhayibheli lithini ngezingelosi? Zinayiphi indima ekuphileni kwabantu? Ingabe zonke izingelosi zingamalungu omndeni kaNkulunkulu?

1. Ziyini izingelosi?

UJehova wadala izingelosi ngaphambi kokuba adale umhlaba. Njengaye, nazo azibonakali futhi zihlala ezulwini. (Hebheru 1:​14) Kunezigidigidi zezingelosi futhi ngayinye ihlukile kwenye. (IsAmbulo 5:​11) ‘Zifeza izwi [likaJehova], zilalele izwi lakhe.’ (IHubo 103:​20) Ezikhathini zakudala, uJehova ngezinye izikhathi wayesebenzisa izingelosi zakhe ukuba zihambise imiyalezo, zisekele abantu bakhe futhi zibasindise. Namuhla izingelosi ziqondisa amaKristu kubantu abafuna ukufunda ngoNkulunkulu.

2. Ungubani uSathane futhi angobani amademoni akhe?

Ezinye izingelosi azizange zithembeke kuJehova. Ingelosi yokuqala engalalelanga, ‘ibizwa ngokuthi uDeveli noSathane, odukisa umhlaba wonke owakhiwe.’ (IsAmbulo 12:9) USathane wayefuna ukubusa abanye, ngakho wakhohlisa abantu bokuqala, kamuva wakhohlisa nezinye izingelosi ukuba nazo zingamlaleli uJehova. Lezi zingelosi ezingalalelanga zibizwa ngokuthi amademoni. UJehova wazixosha ezulwini zeza emhlabeni futhi zizobhujiswa.​—Funda isAmbulo 12:​9, 12.

3. USathane namademoni akhe bazama kanjani ukusidukisa?

USathane namademoni badukisa abantu abaningi besebenzisa ubudemoni noma ukusebenzelana nemimoya, okuwumkhuba omubi wokuzama ukukhuluma nemimoya. Ngokwesibonelo, abanye baya kubantu abafunda izinkanyezi, ababikezela ikusasa, izangoma nezinyanga. Abanye bazama izindlela zokwelashwa ezihilela ukusebenzelana nemimoya. Abantu baphinde bakhohliswe ngokuthi bangakwazi ukukhuluma nasebashona. Kodwa uJehova uyasixwayisa: “Ningaphendukeli kwabasebenzelana nemimoya futhi ningayi kubabikezeli bekusasa.” (Levitikusi 19:​31) Usinikeza lesi sixwayiso ukuze asivikele kuSathane namademoni akhe. Bayizitha zikaNkulunkulu futhi bafuna ukusilimaza.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda ngezinto ezinhle ezenziwa izingelosi, izingozi zokusebenzelana nemimoya nokuthi singazivikela kanjani kuSathane namademoni.

4. Izingelosi zisiza abantu bafunde ngoJehova

Izingelosi zikaNkulunkulu azibashumayezi ngokuqondile abantu. Kunalokho, zingase ziqondise izikhonzi zikaNkulunkulu kubantu abafuna ukufunda ngaye. Fundani isAmbulo 14:​6, 7, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Kungani sidinga usizo lwezingelosi ukuze sishumayele?

  • Kuyakukhuthaza yini ukwazi ukuthi izingelosi zingakuqondisa kubantu abafuna ukufunda ngeBhayibheli? Kungani?

5. Ungasebenzelani nemimoya

USathane namademoni bayizitha zikaJehova. Nathi bayizitha zethu. Fundani uLuka 9:​38-​42, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Amademoni abaphatha kanjani abantu?

Asifuni ukuvumela amademoni alawule ukuphila kwethu. Fundani uDuteronomi 18:​10-​12, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Amademoni azama kanjani ukusithonya nokukhuluma nathi? Yiziphi izindlela avame ukuzisebenzisa ngakini?

  • Ubungathi kulungile yini ngoJehova ukuba enqabele abantu ukuba basebenzelane nemimoya? Kungani?

Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngale mibuzo elandelayo.

  • Ucabanga ukuthi isiphandla ebesigqokwe ingane kaPalesa siyingozi? Kungani usho kanjalo?

  • Kungani uPalesa kwakudingeka avikelwe emademonini?

AmaKristu eqiniso abelokhu emelene namademoni. Fundani izEnzo 19:​19 neyoku-1 Korinte 10:​21, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Kungani kubalulekile ukulahla noma yini onayo ehlobene nemimoya?

6. Ungamnqoba uSathane namademoni akhe

Amademoni abuswa uSathane. Kodwa izingelosi ezithembekile ziqondiswa ingelosi eyinhloko uMikayeli, okungelinye igama likaJesu. Unamandla angakanani uMikayeli? Fundani isAmbulo 12:​7-9, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Ubani onamandla kakhulu, uMikayeli nezingelosi zakhe noma uSathane namademoni akhe?

  • Ucabanga ukuthi kufanele yini abalandeli bakaJesu besabe uSathane namademoni akhe?

Ungamnqoba uSathane namademoni akhe. Fundani uJakobe 4:​7, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Ungazivikela kanjani kuSathane namademoni?

ABANYE ABANTU BATHI: “Akukubi ukudlala imidlalo noma ukubukela amamuvi emimoya. Kuwukuchitha isizungu nje.”

  • Kungani ukucabanga kanjalo kuyingozi?

UKUBUYEKEZA

Izingelosi ezithembekile ziyasisiza. USathane namademoni akhe bayizitha zikaJehova, futhi basebenzisa imimoya ukuze badukise abantu.

Ufundeni?

  • Izingelosi zikaJehova zibasiza kanjani abantu bafunde ngaye?

  • Ungubani uSathane futhi angobani amademoni akhe?

  • Kungani kufanele ungafuni lutho oluzokuhlanganisa nemimoya?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Funda ubufakazi bokuthi uJesu uyingelosi eyinhloko uMikayeli.

“Ingubani Ingelosi Eyinhloko UMikayeli?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

Funda ubufakazi bokuthi uDeveli akabona nje ububi obungaphakathi kithi.

“Ingabe UDeveli Ungokoqobo?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

Funda ukuthi owesifazane wakhululeka kanjani ekuthonyweni amademoni.

“Wathola Injongo Ekuphileni” (INqabayokulinda, Julayi 1, 1993)

Funda indlela uSathane asebenzisa ngayo imimoya ukuze akhohlise abantu.

“Iqiniso Ngomlingo Nokuthakatha” (Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade, ingxenye 5)