Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 30

Abantu Obathandayo Asebashona Bangaphinde Baphile!

Abantu Obathandayo Asebashona Bangaphinde Baphile!

Ukufa kubangela usizi nobuhlungu. Yingakho iBhayibheli libiza ukufa ngokuthi kuyisitha. (1 Korinte 15:​26) ESifundweni 27, ufundile ukuthi uJehova uzosinqoba leso sitha. Kodwa kuzokwenzekani kubantu asebashona kakade? Kulesi sifundo, uzofunda ngesinye sezithembiso zikaJehova ezimangalisayo​—uyovusa izigidi eziningi zabantu bajabulele ukuphila phakade. Yebo uzobavusa! Kungenzeka ngempela yini lokho? Ingabe bayovuselwa ezulwini noma emhlabeni?

1. UJehova ufuna ukubenzelani abantu esibathandayo asebashona?

UJehova uyakulangazelela ukuvusa abantu baphinde baphile. Indoda eyayinokholo okuthiwa uJobe yayiqiniseka ngokuthi uNkulunkulu wayengeke aze ayikhohlwe lapho isishonile. Yathi kuNkulunkulu: “Uyobiza, mina ngiyokuphendula [ngiseThuneni].”​—Funda uJobe 14:​13-​15.

2. Sazi kanjani ukuthi asebashona bangaphinde bavuswe?

Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, uNkulunkulu wamnika amandla okuvusa abantu. UJesu wavusa intombazanyana eyayineminyaka engu-12 nendodana yomfelokazi. (Marku 5:​41, 42; Luka 7:​12-​15) Ngemva kwalokho kwashona umngane kaJesu uLazaru. Nakuba uLazaru ayesenezinsuku ezine eshonile futhi wangcwatshwa, uJesu wamvusa. Ngemva kokuthandaza kuNkulunkulu, uJesu wabheka ngasethuneni wamemeza wathi: “Lazaru, phuma!” futhi “lo muntu owayefile waphuma”​—ephila! (Johane 11:​43, 44) Cabanga nje ukuthi wawujabule kangakanani umndeni nabangane bakaLazaru!

3. Yiliphi ithemba elikhona ngabantu obathandayo asebashona?

IBhayibheli liyathembisa: “Kuyoba khona uvuko.” (IzEnzo 24:​15) Labo uJesu abavusa babengayanga ezulwini. (Johane 3:​13) Bajabula lapho ebavusela khona lapha emhlabeni. Ngokufanayo, maduzane uJesu uzovusa izigidi eziningi zabantu zijabulele ukuphila phakade emhlabeni oyipharadesi. Wathi bonke abasenkumbulweni kaNkulunkulu bayovuswa, ngisho noma abanye abantu sebakhohlwa yibo.​—Johane 5:​28, 29.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi iBhayibheli lithi kungani singaqiniseka ngokuthi uJesu unamandla okuvusa abantu nokuthi uzobavusa. Funda nokuthi uvuko lungakududuza kanjani futhi lukunikeze ithemba.

4. UJesu wabonisa ukuthi uyakwazi ukuvusa asebashona

Funda okwengeziwe ngalokho uJesu akwenzela umngane wakhe uLazaru. Fundani uJohane 11:​14, 38-​44, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Sazi kanjani ukuthi uLazaru wayefe ngempela?​—Bheka ivesi 39.

  • Ukube uLazaru wayeye ezulwini, ucabanga ukuthi uJesu wayengambuyisa azophila lapha emhlabeni?

Dlalani IVIDIYO.

5. Baningi abayovuswa!

Fundani iHubo 37:​29, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Izigidi eziningi zabantu abazovuswa zizohlalaphi?

UJesu ngeke avuse kuphela labo ababekhonza uJehova. Fundani izEnzo 24:​15, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Ubani ongathanda ukumbona evuswa?

Cabanga ngalokhu: Kulula ngoJesu ukuba avuse umuntu osewashona njengoba nje kulula nangobaba ukuba avuse indodana yakhe elele

6. Uvuko lungakududuza lukunikeze nethemba

Indaba eseBhayibhelini yendodakazi kaJayiru iye yaduduza futhi yakhuthaza abaningi abashonelwe. Fundani le ndaba eyenzeka ngempela kuLuka 8:​40-​42, 49-​56.

Ngaphambi kokuba avuse indodakazi kaJayiru, uJesu wathi kuyise wentombazane: “Ungesabi, kuphela nje yiba nokholo.” (Bheka ivesi 50.) Ithemba lovuko lingakusiza kanjani . . .

  • lapho ushonelwe umuntu omthandayo?

  • lapho ukuphila kwakho kusengozini?

Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

  • Ithemba lovuko libaduduze futhi labakhuthaza kanjani abazali bakaPhelicity?

ABANYE ABANTU BATHI: “Kunzima ukukholelwa ukuthi abantu asebashona bangavuka.”

  • Wena ucabangani?

  • Yimuphi umBhalo ongawusebenzisa ukuze ubonise ukuthi luyoba khona uvuko?

UKUBUYEKEZA

IBhayibheli lithembisa ukuthi izigidi eziningi zabantu asebashona zizovuswa. UJehova ufuna ukuba baphinde baphile futhi unike uJesu amandla okubavusa.

Ufundeni?

  • UJehova noJesu bazizwa kanjani ngokuvusa abantu asebashona?

  • Izigidi eziningi zabantu ezivusiwe zizohlalaphi​—ezulwini noma emhlabeni? Kungani usho kanjalo?

  • Yini ekwenza uqiniseke ngokuthi abantu obathandayo bangaphinde baphile?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Funda ngokuthi yini ongayenza lapho usosizini lokushonelwa.

“Usizo Kwabasosizini Lokushonelwa” (Phaphama! No. 3 2018)

Izimiso eziseBhayibhelini zingamsiza ngempela yini umuntu oshonelwe?

Lapho Kushona Umuntu Omthandayo (5:06)

Yini engasiza izingane lapho zishonelwe umuntu ezimthandayo?

Isihlengo (2:07)

Bakhona yini abayovuswa baye ezulwini? Obani abangeke bavuswe?

“Luyini Uvuko?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)