Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 32

UMbuso KaNkulunkulu Usuyabusa!

UMbuso KaNkulunkulu Usuyabusa!

UMbuso kaNkulunkulu waqala ukubusa ezulwini ngonyaka ka-1914. Izinsuku zokugcina zokubusa kwabantu nazo zaqala ngaleso sikhathi. Sazi kanjani? Sizobheka lokho iBhayibheli elakubikezela, nalokho okwenzekayo emhlabeni nendlela abantu abebelokhu beziphatha ngayo kusukela ngo-1914.

1. Yini eyabikezelwa iBhayibheli?

Incwadi yeBhayibheli kaDaniyeli yabikezela ukuthi uMbuso kaNkulunkulu wawuyoqala ukubusa ekupheleni kwenkathi ebizwa ngokuthi “izikhathi eziyisikhombisa.” (Daniyeli 4:​16, 17) Emakhulwini eminyaka kamuva, uJesu wabiza inkathi efanayo ngokuthi “izikhathi ezimisiwe zezizwe” futhi wafundisa ukuthi yayingakapheli. (Luka 21:​24) Njengoba sizobona, lezo zikhathi eziyisikhombisa zaphela ngonyaka ka-1914.

2. Yini eyenzekayo emhlabeni futhi abantu bebelokhu beziphatha kanjani kusukela ngo-1914?

Abafundi bakaJesu bambuza: “Luyoba yini uphawu lokuba khona kwakho nolwesiphelo sesimiso sezinto?” (Mathewu 24:3) Empendulweni yakhe, uJesu wabikezela izinto eziningi ezaziyokwenzeka ngemva kokuba eseqale ukubusa ezulwini njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. Ezinye zazo kwakuyoba izimpi, ukusweleka kokudla nokuzamazama komhlaba. (Funda uMathewu 24:7.) IBhayibheli labikezela nokuthi indlela abantu ababeyoziphatha ngayo “ezinsukwini zokugcina” yayiyokwenza ukuphila kube ‘nzima ukubhekana nako.’ (2  Thimothewu 3:​1-5) Zonke lezi zinto ziye zabonakala ngokucacile kusukela ngo-1914.

3. Selokhu kuqale ukubusa uMbuso kaNkulunkulu, kungani izimo ziyezaba zimbi kangaka emhlabeni?

Ngemva nje kokuba uJesu ebe yiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, walwa noSathane namademoni ezulwini. USathane wahlulwa kuleyo mpi. IBhayibheli lithi “waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.” (IsAmbulo 12:​9, 10, 12) USathane uthukuthele kakhulu ngoba uyazi ukuthi uzobhujiswa. Ngakho, ubangela ubuhlungu nokuhlupheka emhlabeni wonke. Yingakho izimo zizimbi kangaka emhlabeni! UMbuso kaNkulunkulu uzozixazulula zonke lezi zinkinga.

FUNDA OKWENGEZIWE

Hlola ukuthi sazi kanjani ukuthi uMbuso waqala ukubusa ngo-1914, nokuthi lokho kufanele kusithinte kanjani.

4. Indlela iBhayibheli elibala ngayo izikhathi ibonisa ukuthi uMbuso waqala ukubusa ngo-1914

UNkulunkulu wabangela ukuba iNkosi uNebukhadinezari yaseBhabhiloni lasendulo iphuphe iphupho eliyisiprofetho. Incazelo uDaniyeli ayinika yona yabonisa ukuthi iphupho libhekisela ekubuseni kukaNebukhadinezari naseMbusweni kaNkulunkulu.​—Fundani uDaniyeli 4:​17. a

Fundani uDaniyeli 4:​20-​26, bese usebenzisa ishadi ukuze uphendule imibuzo elandelayo:

  • (A) Yini uNebukhadinezari ayibona ephusheni?​—Bheka amavesi 20, 21.

  • (B) Yini eyayiyokwenzeka esihlahleni?​—Bheka ivesi 23.

  • (C) Yini eyayiyokwenzeka ekupheleni ‘kwezikhathi eziyisikhombisa’?​—Bheka ivesi 26.

Indlela Iphupho Lesihlahla Elihlobana Ngayo NoMbuso KaNkulunkulu

ISIPROFETHO (Daniyeli 4:​20-​36)

Ubukhosi

(A) Isihlahla esikhulu kakhulu

Ubukhosi buyaphazamiseka

(B) ‘Gawulani isihlahla kuze kudlule izikhathi eziyisikhombisa’

Ubukhosi buyabuyiselwa

(C) “Umbuso wakho uyobuyiselwa kuwe”

Ekugcwalisekeni kokuqala kwalesi siprofetho . . .

UKUGCWALISEKA KOKUQALA

Ubukhosi

(D) UNebukhadinezari, iNkosi yaseBhabhiloni

Ubukhosi buyaphazamiseka

(E) Ngemva kuka-606 B.C.E, uNebukhadinezari uhanjelwa umqondo angabe esakwazi ukubusa iminyaka eyisikhombisa

Ubukhosi buyabuyiselwa

(F) UNebukhadinezari ubuyelwa umqondo bese eyabusa futhi

Ekugcwalisekeni kwesibili kwalesi siprofetho . . .

  • (G) Isihlahla sasimelela obani?​—Fundani eyoku-1 IziKronike 29:23.

  • (H) Ubukhosi babo baphazamiseka kanjani? Sazi kanjani ukuthi babusaphazamisekile ubukhosi bamakhosi akwa-Israyeli ngesikhathi uJesu esemhlabeni?​—Fundani uLuka 21:24.

  • (I) Lobu bukhosi babuyiselwa nini futhi kuphi?

UKUGCWALISEKA KWESIBILI

Ubukhosi

(G) Amakhosi akwa-Israyeli amelela ubukhosi bukaNkulunkulu

Ubukhosi buyaphazamiseka

(H) IJerusalema liyabhujiswa, kuphela iminyaka engu-2 520 ukubusa kwamakhosi akwa-Israyeli kuphazamisekile

Ubukhosi buyabuyiselwa

(I) UJesu uqala ukubusa ezulwini njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu

Zinde kangakanani izikhathi eziyisikhombisa?

Ezinye izingxenye zeBhayibheli ziyasisiza siqonde ezinye izingxenye. Ngokwesibonelo, incwadi yeBhayibheli yesAmbulo ithi izikhathi ezintathu nengxenye zilingana nezinsuku ezingu-1 260. (IsAmbulo 12:​6, 14) Uma siphinda kabili izikhathi ezintathu nengxenye sithola izikhathi eziyisikhombisa, noma izinsuku ezingu-2 520. Ngezinye izikhathi iBhayibheli lithi “usuku” lumelela unyaka. (Hezekeli 4:6) Ngenxa yalokho, izikhathi eziyisikhombisa ezisencwadini kaDaniyeli ziyiminyaka engu-2 520.

5. Umhlaba uye washintsha kusukela ngo-1914

UJesu wabikezela izinto ezaziyokwenzeka emhlabeni ngemva nje kokuba ebe iNkosi. Fundani uLuka 21:​9-​11, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Kulezi zinto, yiziphi ozibonile noma oye wezwa ngazo?

Umphostoli uPawulu wachaza ukuthi abantu babeyoba njani ezinsukwini zokugcina zokubusa kwabantu. Fundani eyesi-2 Thimothewu 3:​1-5, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Kulaba bantu ababalwe lapha, yibaphi oye wababona?

6. Ukubusa koMbuso kaNkulunkulu kufanele kusenze sithathe isinyathelo

Fundani uMathewu 24:​3, 14, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Yimuphi umsebenzi obalulekile obonisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu usuyabusa?

  • Ungasiza kanjani kulo msebenzi?

UMbuso kaNkulunkulu usuyabusa, futhi sekuseduze ukuba ubuse wonke umhlaba. Fundani eyamaHebheru 10:​24, 25, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Ngamunye wethu kufanele enzeni njengoba ‘sibona usuku lusondela’?

Ake sithi wazi into ethile ebingasiza futhi isindise abanye, yini obungayenza?

OMUNYE ANGASE AKUBUZE: “Kungani u-1914 ubalulekile koFakazi BakaJehova?”

  • Ungaphendula uthini?

UKUBUYEKEZA

Iziprofetho zeBhayibheli nendlela elibala ngayo izikhathi nezinto ezenzeka emhlabeni kubonisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu usuyabusa. Sibonisa ukuthi siyakukholelwa lokhu ngokushumayela ngako nangokuba khona emihlanganweni.

Ufundeni?

  • Kwenzekani lapho kuphela izikhathi eziyisikhombisa ezabikezelwa encwadini yeBhayibheli kaDaniyeli?

  • Yini ekwenza uqiniseke ukuthi uMbuso kaNkulunkulu waqala ukubusa ngo-1914?

  • Ungabonisa kanjani ukuthi uyakholelwa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu usuyabusa manje?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi abantu ababhala umlando nabanye bathini ngezinguquko ezenzeka emhlabeni kusukela ngo-1914.

“Inkathi Yokuwohloka Kwesimilo Okukhulu” (Phaphama!, Ephreli 2007)

Funda ukuthi isiprofetho esikuMathewu 24:​14 sakuthinta kanjani ukuphila komuntu othile.

“Ngangiyithanda Ngenhliziyo Yami Yonke!” (INqabayokulinda No. 3 2017)

Yini ebonisa ukuthi “izikhathi eziyisikhombisa” okukhulunywa ngazo kuDaniyeli isahluko 4 zaphela ngo-1914?

“UMbuso KaNkulunkulu Waqala Nini Ukubusa? (Ingxenye 2)” (INqabayokulinda, Novemba 1, 2014)

a Funda  izihloko ezimbili zokugcina ezingaphansi kwengxenye ethi Hlola Okwengeziwe kulesi sifundo.