Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 33

Lokho UMbuso Ozokwenza

Lokho UMbuso Ozokwenza

UMbuso kaNkulunkulu usuyabusa. Maduze nje uzokwenza ushintsho olukhulu emhlabeni. Ake sifunde ngezinye zezinto ezinhle ongazilindela lapho sekubusa uMbuso.

1. UMbuso kaNkulunkulu uzokuletha kanjani ukuthula nokulunga emhlabeni?

UJesu, iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uzobhubhisa abantu ababi nohulumeni empini ye-Armagedoni. (IsAmbulo 16:​14, 16) Ngaleso sikhathi, lesi sithembiso seBhayibheli sizogcwaliseka ngokuphelele: “Sekusele isikhashana nje, ababi bazobe bengasekho.” (IHubo 37:​10) UJesu uzosebenzisa uMbuso ukuze aqiniseke ukuthi kukhona ukuthula nokulunga emhlabeni wonke.​—Funda u-Isaya 11:4.

2. Ukuphila kuyoba njani lapho intando kaNkulunkulu seyenziwa emhlabeni?

Lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu, “abalungile bayodla ifa lomhlaba, bahlale kuwo kuze kube phakade.” (IHubo 37:​29) Zicabange nje usuphila emhlabeni lapho bonke abantu sebelungile futhi bethanda uJehova, nabo bethandana! Akekho oyogula futhi bonke abantu bayophila phakade.

3. Yini eyokwenziwa uMbuso kaNkulunkulu ngemva kokubhujiswa kwababi?

Ngemva kokubhujiswa kwababi, uJesu uyobusa njengeNkosi iminyaka engu-1 000. Phakathi naleso sikhathi, yena nabangu-144 000 ayobusa nabo bayoqeda isono kubantu emhlabeni. Ekupheleni kwaleyo nkathi, umhlaba uyobe usushintshiwe waba ipharadesi elihle, eligcwele abantu abajabulayo ngoba belalela imithetho kaJehova. Ngemva kwalokho, uJesu uyobuyisela ubukhosi kuYise, uJehova. ‘Igama [likaJehova] liyongcweliswa’ ngendlela elingakaze lingcweliswe ngayo. (Mathewu 6:​9, 10) Kuyobe sekubonakele ukuthi uJehova unguMbusi omuhle, obakhathalelayo abantu ababusayo. UJehova uyobe esebhubhisa uSathane, amademoni nanoma ubani oyokhetha ukuvukela ukubusa kwaKhe. (IsAmbulo 20:​7-​10) Izimo ezinhle eziyolethwa uMbuso kaNkulunkulu ziyoba khona kuze kube phakade.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi kungani singamethemba uNkulunkulu ukuthi uzosebenzisa uMbuso ukuze agcwalise zonke izithembiso zeBhayibheli eziphathelene nekusasa lethu.

4. UMbuso kaNkulunkulu uzoqeda ohulumeni babantu

‘Umuntu ubuse omunye kwaba ukulimala kwakhe.’ (UmShumayeli 8:9) Esebenzisa uMbuso wakhe, uJehova uzolungisa umonakalo owenziwe yilokho kungalungi.

Fundani uDaniyeli 2:​44 neyesi-2 Thesalonika 1:​6-8, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Yini uJehova neNdodana yakhe uJesu abazoyenza kohulumeni babantu nabalandeli babo?

  • Lokho osukufundile ngoJehova noJesu, kukusiza kanjani ubone ukuthi izenzo zabo ziyobe zifaneleka?

5. Ayikho iNkosi enhle edlula uJesu

NjengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uJesu uyosiza abantu emhlabeni ngezindlela eziningi. Dlalani IVIDIYO ukuze nibone ukuthi uJesu ubonise kanjani ukuthi unesifiso namandla awanikwe uNkulunkulu okusiza abantu.

Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, wabonisa amazwibela alokho uMbuso ozokwenza. Yiziphi izibusiso ezingezansi olangazelela kakhulu ukuzibona? Fundani imiBhalo ehambisana nazo ezokufundisa okwengeziwe ngazo.

NGESIKHATHI ESEMHLABENI, UJESU . . .

NJENGOBA ESEZULWINI, UJESU . . .

  • uzoqiniseka ukuthi bonke abantu baphile saka.​—Isaya 33:24.

6. UMbuso kaNkulunkulu uzoletha ikusasa elimangalisayo

UMbuso uzonikeza abantu ukuphila okuhle uJehova ayekuhlosile kwasekuqaleni. Bazophila phakade emhlabeni oyipharadesi. Dlalani IVIDIYO ukuze ubone indlela uJehova ayisebenzisa ngayo iNdodana yakhe uJesu ukuze afeze injongo yaKhe.

Fundani iHubo 145:​16, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Kukwenza uzizwe kanjani ukwazi ukuthi uJehova ‘uyokwanelisa isifiso sayo yonke into ephilayo’?

ABANYE ABANTU BATHI: “Uma sibambisana, singazixazulula izinkinga zomhlaba.”

  • Yiziphi izinkinga uMbuso kaNkulunkulu ozozixazulula ohulumeni babantu abahlulekile ukuzixazulula?

UKUBUYEKEZA

UMbuso kaNkulunkulu uzokwenza lokho akufunayo. Uzoshintsha wonke umhlaba ube ipharadesi eligcwele abantu abalungile, abayokhonza uJehova kuze kube phakade.

Ufundeni?

  • UMbuso kaNkulunkulu uzolingcwelisa kanjani igama likaJehova?

  • Kungani singakukholelwa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uzozifeza izithembiso eziseBhayibhelini?

  • Ezintweni ezizokwenziwa uMbuso, iyiphi olangazelela kakhulu ukuyibona?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi kuyokwenzekani phakathi nasekupheleni kweminyaka engu-1 000 yokubusa kukaJesu.

“Yini Eyokwenzeka NgoSuku Lokwahlulela?” (INqabayokulinda, Septhemba 1, 2012)

Bukela ukuthi yini imindeni engayenza ukuze izibone ngeso lengqondo isisePharadesi.

Zibone UsusePharadesi  (1:50)

Esihlokweni esithi “Ngangihlushwa Imibuzo Eminingi,” funda indlela ivukelambuso elazithola ngayo izimpendulo elalizifuna.

“IBhayibheli Lishintsha Ukuphila” (INqabayokulinda, Januwari 1, 2012)