Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 35

Indlela Yokwenza Izinqumo Ezinhle

Indlela Yokwenza Izinqumo Ezinhle

Sonke sinezinqumo okufanele sizenze. Eziningi zalezi zinqumo zingaba nemiphumela emihle noma emibi kithi nasebunganini bethu noJehova. Ngokwesibonelo, kungase kudingeke sinqume ukuthi sizohlalaphi, sizoyithathaphi imali nokuthi sizoshada yini noma cha. Lapho senza izinqumo ezinhle, singaba nokuphila okujabulisayo futhi sijabulise uJehova.

1. Ungalisebenzisa kanjani iBhayibheli ukuba likusize wenze izinqumo ezinhle?

Ngaphambi kokwenza isinqumo, thandaza ucele usizo lukaJehova bese utadisha iBhayibheli ukuze uthole ukuthi uyibheka kanjani leyo ndaba. (Funda izAga 2:​3-6.) Ngezinye izikhathi, uJehova usinikeza umyalo ocacile. Uma esinikezile lowo myalo, ukuwulalela kungaba isinqumo esihle ongasenza.

Kuthiwani-ke uma ungekho umyalo weBhayibheli ocacile okutshela lokho okufanele ukwenze? UJehova uzoqhubeka ekuqondisa “endleleni okufanele uhambe ngayo.” (Isaya 48:​17) Uzokuqondisa kanjani? Kungaba nezimiso ezingakuqondisa. Izimiso zeBhayibheli zingamaqiniso ayisisekelo aveza indlela uNkulunkulu acabanga ngayo nazizwa ngayo. Ngokuvamile lapho sifunda iBhayibheli, siyakwazi ukuthola indlela uNkulunkulu azizwa ngayo ngendaba ethile. Lapho sesiyazi indlela azizwa ngayo, singakwazi ukwenza izinqumo ezimjabulisayo.

2. Yiziphi izinto okufanele uzicabange ngaphambi kokwenza isinqumo?

IBhayibheli lithi: “Okhaliphile uyacabangisisa ngazo zonke izinyathelo zakhe.” (IzAga 14:​15) Lokhu kusho ukuthi ngaphambi kokwenza isinqumo, kufanele sizinike isikhathi sokucabanga ngalokho okufanele sikhethe kukho. Njengoba uhlola ngakunye ozokhetha kukho, zibuze: ‘Yiziphi izimiso zeBhayibheli ezisebenza la? Yikuphi okuzokwenza ingqondo yami ibe nokuthula? Isinqumo sami sizobathinta kanjani abanye? Okubaluleke nakakhulu, sizomjabulisa yini uJehova?’​—Duteronomi 32:29.

UJehova unelungelo lokusitshela ukuthi yini elungile nengalungile. Lapho sesiyijwayele imithetho nezimiso zakhe futhi sizimisele ukuyilalela, siba nonembeza oqeqeshwe kahle. Unembeza uwumuzwa esinawo ngaphakathi wokuthi yini elungile nengalungile. (Roma 2:​14, 15) Unembeza oqeqeshiwe uyosisiza senze izinqumo ezinhle.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi izimiso zeBhayibheli nonembeza kunayiphi indima ebalulekile ekwenzeni izinqumo.

3. Vumela iBhayibheli likuqondise

Izimiso zeBhayibheli zingasiqondisa kanjani lapho senza izinqumo? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.

  • Iyini inkululeko yokuzikhethela?

  • Kungani uJehova asinika inkululeko yokuzikhethela?

  • Yini asinike yona ukuze asisize sisebenzise inkululeko yokuzikhethela ngendlela engcono kakhulu?

Ukuze uthole isibonelo sesimiso seBhayibheli, fundani eyabase-Efesu 5:​15, 16. Ngemva kwalokho, xoxani ngokuthi ungasisebenzisa kanjani ‘kahle isikhathi sakho’ ukuze . . .

  • ufunde iBhayibheli njalo.

  • ube umyeni noma inkosikazi engcono, umzali, indodana noma indodakazi engcono.

  • uye emihlanganweni yebandla.

4. Qeqesha unembeza wakho ukuze wenze izinqumo ezinhle

Lapho kunomyalo oqondile oseBhayibhelini ngendaba ethile, kuba lula ukubona ukuthi yini okufanele uyenze. Kodwa kuthiwani uma ungekho umyalo onjalo? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

  • Kule vidiyo, yiziphi izinto udadewethu azenzile ukuze aqeqeshe unembeza wakhe futhi enze isinqumo esizojabulisa uJehova?

Kungani kungafanele sicele abanye basenzele izinqumo okufanele zenziwe yithi? Fundani eyamaHebheru 5:​14, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Nakuba kungase kubonakale kulula ukucela abanye basenzele izinqumo, yini okufanele sikwazi ukuzihlukanisela yona?

  • Yini ongayisebenzisa ezokusiza uqeqeshe unembeza wakho futhi wenze izinqumo ezinhle?

Njengemephu, unembeza wethu uyasisiza senze izinqumo ekuphileni

5. Hlonipha onembeza babanye

Abantu abangafani bazokwenza izinqumo ezingafani. Singabonisa kanjani ukuthi siyabahlonipha onembeza babanye? Cabanga ngalezi zimo ezimbili:

Isimo sokuqala: Udade othanda ukufaka i-makeup uthuthela ebandleni elinodade abaningi abakuxwayayo ukubona abantu befake i-makeup.

Fundani eyabaseRoma 15:1 neyoku-1 Korinte 10:​23, 24, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Ngokusho kwala mavesi, yini angase anqume ukuyenza lo dadewethu? Wena ungenzenjani uma unomuntu ononembeza ongamvumeli ukuba enze into unembeza wakho okuvumelayo ukuba uyenze?

Isimo sesibili: Umzalwane uyazi ukuthi iBhayibheli alikulahli ukuphuza utshwala ngokulinganisela, kodwa yena ukhetha ukungabuphuzi. Ube esemenywa emcimbini othile, afike abone abazalwane bephuza utshwala.

Fundani umShumayeli 7:​16 neyabaseRoma 14:​1, 10, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Ngokusho kwala mavesi, yini angase anqume ukuyenza lo mzalwane? Wena ungenzenjani uma ubona umuntu enza into unembeza wakho ongakuvumeli ukuba uyenze?

 Yini ongayenza ukuze wenze izinqumo ezinhle?

1. Cela uJehova akusize unqume ukuthi yini okufanele uyenze.​—Jakobe 1:5.

2. Cwaninga eBhayibhelini nasezincwadini ezisekelwe kulo ukuze uthole izimiso ongazisebenzisa. Ungase ukhulume namaKristu avuthiwe futhi.

3. Cabanga ngomphumela isinqumo sakho esizoba nawo kunembeza wakho nakonembeza babanye.

ABANYE ABANTU BATHI: “Ungenza noma yini oyithandayo. Akunandaba ukuthi abanye bacabangani.”

  • Kungani kufanele sicabangele imizwa kaNkulunkulu neyabanye abantu?

UKUBUYEKEZA

Sisuke senza izinqumo ezinhle lapho siqala ngokuthola ukuthi uJehova uzizwa kanjani ngendaba, bese siyacabanga ukuthi izenzo zethu zizobasiza yini abanye noma zizobalimaza.

Ufundeni?

  • Ungazenza kanjani izinqumo ezijabulisa uJehova?

  • Ungawuqeqesha kanjani unembeza wakho?

  • Ungabonisa kanjani ukuthi uyabahlonipha onembeza babanye?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Ungazenza kanjani izinqumo eziqinisa ubungane bakho noNkulunkulu?

“Yenza Izinqumo Ezidumisa UNkulunkulu” (INqabayokulinda, Ephreli 15, 2011)

Funda okwengeziwe ngendlela uJehova asinikeza ngayo iseluleko.

UJehova Uyabaqondisa Abantu Bakhe (9:50)

Thola ukuthi yini eyasiza owesilisa othile wenza isinqumo esinzima.

UJehova Unika Isiqinisekiso Sakho Konke Okuhle (5:46)

Funda ukuthi ungamjabulisa kanjani uJehova lapho engawunikezile umyalo ocacile endabeni ethile.

“Ingabe Ngaso Sonke Isikhathi Udinga Umyalo WeBhayibheli?” (INqabayokulinda, Disemba 1, 2003)