Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 38

Bonga Ngesipho Sokuphila

Bonga Ngesipho Sokuphila

Ukuphila kunezinto eziningi ezijabulisayo esingazenza. Ngisho noma sinezinkinga, ziba khona izinto esingazijabulela ekuphileni. Singabonisa kanjani ukuthi siyabonga ngesipho sokuphila? Yisiphi isizathu esibaluleke kakhulu sokusibonga?

1. Kungani kufanele sikubonge ukuphila?

Kufanele sikubonge ukuphila ngoba kuyisipho esivela kuBaba wethu onothando, uJehova. “Ungumthombo wokuphila”​—zonke izinto eziphilayo zadalwa uyena. (IHubo 36:9) “Yena ngokwakhe unika bonke abantu ukuphila nomoya nazo zonke izinto.” (IzEnzo 17:25, 28) UJehova usinikeza esikudingayo ukuze siqhubeke siphila. Akagcinanga lapho, usinikeze nezinto eziningi ezenza ukuphila kube mnandi.​—Funda izEnzo 14:17.

2. Singambonisa kanjani uJehova ukuthi siyabonga ngesipho sokuphila?

Kusukela esikhathini umama wakho akukhulelwa ngaso, uJehova ubelokhu ebonisa ukuthi uyakukhathalela. UDavide, isikhonzi sikaNkulunkulu, wathandaza wathi: “Amehlo akho angibona ngisho ngisewumbungu.” (IHubo 139:16) Ukuphila kwakho kuyigugu kakhulu kuJehova. (Funda uMathewu 10:29-31.) Kungamzwisa ubuhlungu obukhulu uma umuntu ezibulala yena noma ebulala omunye umuntu ngamabomu. a (Eksodusi 20:13) Kungaphinde kumzwise ubuhlungu uma sifaka ukuphila kwethu engozini ngokungenasidingo, noma uma singazithathi izinyathelo zokuvikela ukuphila kwabanye. Lapho sivikela ukuphila kwethu futhi sihlonipha nokuphila kwabanye, sibonisa ukuthi siyabonga ngesipho sokuphila esimangalisayo.

FUNDA OKWENGEZIWE

Cabanga ngezinye zezindlela ongabonisa ngazo ukuthi uyabonga ngesipho sokuphila.

3. Nakekela impilo yakho

AmaKristu azinikezele kuJehova asebenzisa ukuphila kwawo konke ukuze amkhonze. Kuba sengathi anikela ngemizimba yawo ibe umhlatshelo kuNkulunkulu. Fundani eyabaseRoma 12:1, 2, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Yini okufanele ikwenze unakekele impilo yakho?

  • Ungayinakekela kanjani?

4. Thatha izinyathelo ukuze ugweme ukuba othile alimale noma afe

IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sigweme ukwenza izinto eziyingozi. Dlalani IVIDIYO ukuze ubone ezinye zezinto ongazenza ukuze uphephe.

Fundani izAga 22:3, bese nixoxa ngokuthi yini wena nabanye eningayenza ukuze niphephe . . .

  • ekhaya.

  • emsebenzini.

  • lapho nidlala.

  • lapho ushayela imoto noma ugibele izinto ezinjengetekisi, noma ibhasi.

5. Hlonipha ukuphila kwengane engakazalwa

Ngamazwi amnandi, uDavide wachaza indlela uJehova akukhathalela ngayo ukuphila nokukhula kwengane engakazalwa. Fundani iHubo 139:13-17, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • UJehova uthi ukuphila komuntu kuqala lapho ezalwa noma lapho umama ekhulelwa?

Imithetho uJehova ayeyinike u-Israyeli wasendulo yayivikela omama nezingane zabo ezingakazalwa. Fundani u-Eksodusi 21:22, 23, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • UJehova wayembheka kanjani umuntu obulale ingane engakazalwa ngephutha?

  • Angazizwa kanjani uma umuntu ebulala omunye ngenhloso? b

  • Uzizwa kanjani wena ngalo mbono kaNkulunkulu?

Dlalani IVIDIYO.

Ngisho nowesifazane owaziyo ukuthi ukuphila kuyigugu, angase abe nomuzwa wokuthi ayikho into angayenza ngaphandle kokukhipha isisu. Fundani u-Isaya 41:10, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Uma owesifazane ecindezelwa ukuba akhiphe isisu, angaluthola kubani usizo? Kungani usho kanjalo?

ABANYE ABANTU BATHI: “Owesifazane unelungelo lokukhetha ukuthi uyasikhipha isisu noma cha​—umzimba wakhe.”

  • Yini ekwenza uqiniseke ukuthi uJehova ubheka ukuphila kukamama nengane yakhe engakazalwa njengokuyigugu?

UKUBUYEKEZA

IBhayibheli lisifundisa ukuba sithande, sihloniphe futhi sivikele isipho sokuphila esivela kuJehova. Lokho kuhlanganisa ukuphila kwethu nokwabanye.

Ufundeni?

  • Kungani ukuphila komuntu kuyigugu kuJehova?

  • UJehova uzizwa kanjani lapho umuntu ebulala omunye ngamabomu?

  • Yini ekwenza usithande isipho sokuphila?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Singambonga kanjani uJehova ngesipho sokuphila?

Ingoma 141 Isimangaliso Sokuphila (2:41)

Thola impendulo yombuzo othi, Ingabe uNkulunkulu uyomxolela owesifazane okhiphe isisu?

“Lithini IBhayibheli Ngokukhipha Isisu?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

Funda ukuthi umbono kaNkulunkulu kufanele usisize kanjani lapho sikhetha izinto esizozijabulisa ngazo.

“‘Imidlalo Eyingozi’​—Ingabe Kufanele Uyizame?” (Phaphama!, Okthoba 8, 2000)

Kuthiwani uma umuntu efuna ukuzibulala? Funda ukuthi iBhayibheli lingasiza kanjani.

“Angisafuni Ukuphila​—Ingabe IBhayibheli Lingangisiza Lapho Ngifuna Ukuzibulala?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

a UJehova ubakhathalela kakhulu abantu abaphukile ezinhliziyweni. (IHubo 34:18) Uyabubona ubuhlungu obungabangela abantu bafune ukuzibulala futhi uyafuna ukusiza. Ukuze ubone ukuthi angamsiza kanjani umuntu alwe nemicabango yokuzibulala, funda isihloko esithi “Angisafuni Ukuphila​—Ingabe IBhayibheli Lingangisiza Lapho Ngifuna Ukuzibulala?” esisengxenyeni ethi Hlola Okwengeziwe kulesi sifundo.

b Abantu abaye bakhipha isisu akudingeki bahlushwe umuzwa wecala​—uJehova angabathethelela. Ukuze uthole amaphuzu engeziwe, bheka isihloko esithi “Lithini IBhayibheli Ngokukhipha Isisu?” esisengxenyeni ethi Hlola Okwengeziwe kulesi sifundo.