Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 40

Singaba Kanjani Abahlanzekile Phambi KukaNkulunkulu?

Singaba Kanjani Abahlanzekile Phambi KukaNkulunkulu?

Cabanga ngomama onothando olungiselela umfana wakhe omncane ukuba aye esikoleni. Uyaqiniseka ukuthi ugezile nezingubo zakhe zihlanzekile. Lokhu kumgcina enempilo enhle futhi kukhombisa nabanye ukuthi abazali bakhe bayamnakekela. Ngokufanayo, uBaba wethu onothando, uJehova, ufuna sihlanzeke​—emzimbeni nasendleleni esiziphatha ngayo. Lapho sihlanzekile, siyazuza futhi siyamdumisa.

1. Singaba kanjani abahlanzekile?

UJehova uthi: “Kumelwe nibe ngcwele.” (1 Petru 1:​16) Ubungcwele busho ukuhlanzeka emzimbeni nokugcina izinto zethu nokuziphatha kwethu kuhlanzekile. Singaba abahlanzekile ngokugeza njalo, ngokugcina izingubo zethu, imizi nezimoto kuhlanzekile. Singasiza nasekuhlanzeni iHholo lethu LoMbuso. Uma sizigcina sihlanzekile, sidumisa uJehova.​—2 Korinte 6:​3, 4.

2. Ukuze sihlanzeke, yimiphi imikhuba okufanele siyigweme?

IBhayibheli lisikhuthaza ukuba “sizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya.” (2 Korinte 7:1) Ngakho, sizama ukugwema noma yini engangcolisa imizimba nezingqondo zethu. Imicabango yethu kufanele ijabulise uJehova, ngakho senza konke esingakwenza ukuze sigweme imicabango engafanele. (IHubo 104:​34) Sizama nokukhuluma kahle nabantu, sisebenzise ulimi oluhlanzekile.​—Funda eyabaseKolose 3:8.

Yini enye engenza imizimba yethu nokuziphatha kwethu kungahlanzeki? Ezinye izinto zingayingcolisa imizimba yethu. Ngakho, siyazigwema izinto ezinjengogwayi, ukuhlafuna i-betel nut noma amahlamvu e-coca nokusebenzisa izidakamizwa ukuze sizijabulise ngazo. Uma sigwema lezi zinto, siba nempilo enhle futhi sibonisa ukuthi siyasihlonipha isipho sokuphila. Sizama nokuziphatha ngendlela ehlanzekile ngokulwa nemikhuba engcolile, enjengokushaya indlwabu nokubukela izithombe zocansi ezingcolile. (IHubo 119:​37; Efesu 5:5) Kungaba nzima ukulwa nale mikhuba emibi, kodwa uJehova angasisiza sikwazi ukuyinqoba.​—Funda u-Isaya 41:​13.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi ukuzigcina sihlanzekile kumdumisa kanjani uJehova, nokuthi singayinqoba kanjani imikhuba engcolile.

3. Ukuhlanzeka emzimbeni kudumisa uJehova

Singaba nombono kaJehova ngokuhlanzeka uma sifunda imiyalo ayinikeza u-Israyeli wasendulo. Fundani u-Eksodusi 19:​10 no-30:​17-​19, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • La mavesi asitshela ukuthi uJehova ukubheka kanjani ukuhlanzeka emzimbeni?

  • Yiziphi izinto ongazenza ukuze uzigcine uhlanzekile emzimbeni?

Ukuhlanzeka emzimbeni kudinga isikhathi nomzamo. Kodwa singahlanzeka kungakhathaliseki ukuthi sihlalaphi nokuthi sinayo yini imali noma cha. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

  • Kungani ukugcina izinto zethu zihlanzekile futhi zicocekile kungenza abantu bawuhloniphe umsebenzi wethu wokushumayela?

4. Nqoba imikhuba emibi

UJehova angasisiza sinqobe noma yimuphi umkhuba omubi

Uma ubhema futhi usebenzisa izidakamizwa ukuze uzijabulise, kungenzeka uyazi ukuthi kunzima kangakanani ukunqoba lowo mkhuba. Yini engasiza? Cabanga ngokuthi lo mkhuba unamiphi imiphumela kuwe. Fundani uMathewu 22:​37-​39, bese nixoxa ngokuthi ugwayi nokusebenzisa kabi izidakamizwa . . .

  • kubuthinta kanjani ubungane bomuntu noJehova.

  • kuwuthinta kanjani umndeni womuntu nabanye abantu.

Hlela izinto ongazenza ukuze unqobe umkhuba omubi. a Dlalani IVIDIYO.

Fundani eyabaseFilipi 4:​13, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Ukuthandaza njalo, ukutadisha iBhayibheli nokuya emihlanganweni kungamsiza kanjani umuntu athole amandla okunqoba umkhuba omubi?

5. Yilwa nemicabango nemikhuba engcolile

Fundani eyabaseKolose 3:​5, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Sazi kanjani ukuthi ukubukela izithombe ezingcolile zocansi, ukuthumelelana imiyalezo enezinto ezingcolile kanye nokushaya indlwabu kuyenyanyeka kuJehova?

  • Ucabanga ukuthi kuyafaneleka ukuba uJehova alindele ukuba siziphathe ngendlela ehlanzekile? Kungani usho kanjalo?

Thola ukuthi ungalwa kanjani nemicabango engcolile. Dlalani IVIDIYO.

UJesu wasebenzisa umfanekiso obonisa ukuthi kumelwe sithathe isinyathelo ngokushesha ukuze ukuziphatha kwethu kuhlale kuhlanzekile. Fundani uMathewu 5:​29, 30, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • UJesu wayengasho ukuthi kufanele sizilimaze emzimbeni, wayesho ukuthi kudingeka sithathe isinyathelo. Yisiphi isinyathelo umuntu angasithatha ngokushesha ukuze agweme imicabango engcolile? b

Uma ulwa kanzima ukuze unqobe imicabango engcolile, imizamo yakho iyamjabullisa uJehova. Fundani iHubo 103:​13, 14, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Uma unenkinga yokwenza umkhuba ongcolile, lo mBhalo ukukhuthaza kanjani ukuba uqhubeke ulwa?

Ungayeki! Qhubeka uzama!

Kulula ukucabanga, ‘Ngiyisehluleki, angivele ngiyeke.’ Kodwa cabanga ngalokhu: Ukuthi umgijimi uyaqhuzuka awe, akusho ukuthi ngeke esawina emncintiswaneni, akusho nokuthi kufanele ayoqala phansi. Ngendlela efanayo, ukubuyela isikhashana emkhubeni ongcolile akusho ukuthi usuhlulekile ukuwunqoba. Akusho nokuthi intuthuko osuyenzile ayisho lutho. Uma umuntu ezama ukuyeka umkhuba ongcolile, kuyenzeka abuyele isikhashana kuwo. Ungayeki! Ngosizo lukaJehova, ungawunqoba lowo mkhuba omubi.

ABANYE ABANTU BATHI: “Sengiphilela kona. Akuyekeki.”

  • Yimuphi umBhalo ongawusebenzisa ukuze ubonise umuntu ukuthi ngosizo lukaJehova angawunqoba umkhuba omubi?

UKUBUYEKEZA

Sijabulisa uJehova ngokugcina imizimba yethu, izingqondo nokuziphatha kuhlanzekile.

Ufundeni?

  • Kungani kubaluleke kangaka ukuhlale uhlanzekile?

  • Ungazigcina kanjani uhlanzekile?

  • Singayigcina kanjani imicabango yethu nokuziphatha kwethu kuhlanzekile?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Yiziphi izinto ezilula ongazenza ukuze uzigcine uhlanzekile ngisho noma uhlupheka?

Impilo Nenhlanzeko​—Ukugeza Izandla (3:01)

Thola izinyathelo ezingakusiza uyeke ukubhema.

“Indlela Yokuyeka Ukubhema” (Phaphama!, Meyi 2010)

Funda ukuthi indoda ethile yawunqoba kanjani umkhuba wokubukela izithombe zocansi ezingcolile.

“Ngahluleka Kaningi Ngaphambi Kokuphumelela” (INqabayokulinda No. 4 2016)

a Umagazini othi “Indlela Yokuyeka Ukubhema” osengxenyeni ethi Hlola Okwengeziwe kulesi sifundo, uchaza izinto eziwusizo ongazenza ukuze unqobe imikhuba engcolile.

b Ukuze uthole usizo lokunqoba umkhuba wokushaya indlwabu, bheka isihloko esithi “Ngingawunqoba Kanjani Umkhuba Wokushaya Indlwabu?” encwadini ethi Intsha Iyabuza​—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1, isahluko 25.