Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 41

Lithini IBhayibheli Ngocansi?

Lithini IBhayibheli Ngocansi?

Abantu abaningi bazizwa bengakhululekile ukukhuluma ngocansi. Nokho, lapho iBhayibheli likhuluma ngocansi, aliwafihli amaqiniso, liwaveza ngendlela ehloniphekile. Elikushoyo kuyasizuzisa. Lokhu kunengqondo ngoba uJehova unguMdali wethu. Ngakho ukwazi kahle okusifanele. Usitshela okufanele sikwenze ukuze simjabulise nokuthi yini engasisiza siphile kuze kube phakade.

1. Uyini umbono kaJehova ngocansi?

Ucansi luyisipho esivela kuJehova. Ufuna lujatshulelwe indoda nowesifazane abashadile. Lesi sipho asigcini nje ngokwenza indoda nomkayo bathole abantwana kodwa futhi siyindlela yokubonisana uthando nokusondelana ngokomzwelo ngendlela engokwemvelo nejabulisayo. Kungakho iZwi likaNkulunkulu lithi: ‘Jabula ngomfazi wobusha bakho.’ (IzAga 5:​18, 19) UJehova ulindele ukuba amaKristu ashadile athembeke kubantu ashade nabo ukuze angalokothi nanini aphinge.​—Funda eyamaHebheru 13:4.

2. Kuyini ukuziphatha kabi ngokocansi?

IBhayibheli lisitshela ukuthi “labo abaziphatha kabi ngokocansi . . . ngeke balizuze ifa loMbuso kaNkulunkulu.” (1 Korinte 6:​9, 10) Ababhali beBhayibheli ababebhala ngesiGreki basebenzisa igama elithi por·neiʹa ukuze bachaze ukuziphatha kabi ngokocansi. Lelo gama lihlanganisa (1) izenzo zocansi a ezenziwa abantu abangashadile, (2) ubutabane (3) nokulala nesilwane. Sisuke sijabulisa uJehova futhi nathi siyazuza lapho ‘sideda ekuziphatheni kabi ngokocansi.’​—1 Thesalonika 4:3.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi ungakugwema kanjani ukuziphatha kabi ngokocansi nokuthi kuzokuzuzisa kanjani ukuziphatha ngendlela ehlanzekile.

3. Gwema ukuziphatha kabi ngokocansi

Indoda ethembekile okuthiwa uJosefa yakwenqaba ukuziphatha kabi nowesifazane owayefuna ukulala nayo. Fundani uGenesise 39:​1-​12, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Yini eyenza uJosefa wabaleka?​—Bheka ivesi 9.

  • Ucabanga ukuthi uJosefa wenza isinqumo esihle ngokubaleka? Kungani usho kanjalo?

Abantu abasha bangamlingisa kanjani uJosefa ngokubalekela ukuziphatha kabi ngokocansi namuhla? Dlalani IVIDIYO.

UJehova ufuna ukuba sonke sikwenqabe ukuziphatha kabi. Fundani eyoku-1 Korinte 6:​18, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Yiziphi izimo ezingenza umuntu aziphathe kabi ngokocansi?

  • Ungakugwema kanjani ukuziphatha kabi?

4. Ungamelana nezilingo

Yini engenza kube nzima ukulwa nesilingo sokuziphatha kabi ngokocansi? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

  • Lapho umzalwane okule vidiyo ebona ukuthi izinto azicabangayo nazenzayo zingamenza angathembeki kumkakhe, yini ayenza?

Ngezinye izikhathi ngisho namaKristu athembekile akuthola kunzima ukugcina imicabango yawo ihlanzekile. Ungakugwema kanjani ukulokhu ucabanga ngezinto ezingcolile? Fundani eyabaseFilipi 4:​8, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Yizinto ezinjani okufanele sicabange ngazo?

  • Ukufunda iBhayibheli nokuzigcina simatasa emsebenzini kaJehova kungasisiza kanjani sigweme isilingo sokona?

5. Imithetho kaJehova iyasizuzisa

UJehova ukwazi kahle okusifanele. Uyasitshela ukuthi singaziphatha kanjani ngendlela ehlanzekile nokuthi ziyini izinzuzo zokwenza kanjalo. Fundani izAga 7:​7-​27 noma dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

  • Le nsizwa yazifaka kanjani esimweni esilingayo?​—Bheka izAga 7:​8, 9.

  • IzAga 7:​23, 26, zithi ukuziphatha kabi ngokocansi kungaba nemiphumela emibi kakhulu. Uma siziphatha ngendlela ehlanzekile, yiziphi izinkinga esingazigwema?

  • Ukuziphatha ngendlela ehlanzekile kungasisiza kanjani siphile kuze kube phakade?

Abanye abantu bacabanga ukuthi lokho iBhayibheli elikushoyo ngezitabane akubonisi uthando. UJehova, uNkulunkulu onothando, ufuna bonke abantu baphile kuze kube phakade. Ukuze siphile phakade, kumelwe siphile ngemithetho yakhe. Fundani eyoku-1 Korinte 6:​9-​11, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • UNkulunkulu uthi izifiso zobutabane yizona kuphela yini ezingalungile?

Ukuze sijabulise uNkulunkulu, sonke kudingeka senze ushintsho. Ingabe kuyasiza ukulwenza? Fundani iHubo 19:​8, 11, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Ucabanga ukuthi imithetho kaJehova yokuziphatha iyacindezela? Kungani usho kanjalo?

UJehova usesize abantu abaningi bakwazi ukulalela imithetho yakhe yokuziphatha. Angakusiza nawe

ABANYE ABANTU BATHI: “Akunankinga ukuya ocansini kwabantu ababili, uma nje bethandana.”

  • Wena ungathini?

UKUBUYEKEZA

Ucansi luyisipho esivela kuJehova sokuba indoda nomkayo bajabulisane.

Ufundeni?

  • Ukuziphatha kabi ngokocansi kuhlanganisani?

  • Yini ezosisiza sigweme ukuziphatha kabi ngokocansi?

  • Sizuza kanjani lapho silalela imithetho kaJehova yokuziphatha?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi kungani kubalulekile kuNkulunkulu ukuthi abantu abafuna ukuhlala ndawonye bayashada yini noma cha.

“Lithini IBhayibheli Ngokukipita?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

Hlola ukuthi kungani imithetho yeBhayibheli mayelana nobutabane ingasho ukuthi kufanele sibazonde abantu abayizitabane.

“Ingabe Ubutabane Abulungile?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

Funda ukuthi imithetho kaNkulunkulu ephathelene nazo zonke izenzo zocansi isivikela kanjani.

“Ingabe Ukuphululana Izitho Zangasese Ngomlomo Kuwucansi Ngempela?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

Endabeni ethi “Bangiphatha Ngenhlonipho,” funda ukuthi yini eyenza isitabane sashintsha indlela yokuphila ukuze sijabulise uNkulunkulu.

“IBhayibheli Lishintsha Ukuphila” (INqabayokulinda, Ephreli 1, 2011)

a Lezi zenzo ezenqatshelwe zihlanganisa izinto ezinjengokuya ocansini nomuntu ongashadile naye, ucansi lomlomo, ucansi lwendunu nokuphululana izitho zangasese ngendlela evusa inkanuko.