Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 42

Lithini IBhayibheli Ngokushada Nokungashadi?

Lithini IBhayibheli Ngokushada Nokungashadi?

Kwamanye amasiko, abantu bakholelwa ukuthi uma ungashadile ngeke uze ujabule. Kodwa akubona bonke abantu abashadile abajabule, futhi akubona bonke abantu abangashadile abangajabulile. Iqiniso liwukuthi iBhayibheli lithi ukushada nokungashadi kuyizipho.

1. Ziyini ezinye zezinzuzo zokungashadi?

IBhayibheli lithi: “Oshadayo wenza kahle, kodwa lowo ongashadi uyokwenza kangcono.” (Funda eyoku-1 Korinte 7:​32, 33, 38.) Yiziphi izindlela umuntu ongashadile ‘angenza kangcono’ ngazo? AmaKristu angashadile akudingeki anakekele izidingo zabantu ashade nabo. Ngakho, anenkululeko ethe xaxa. Amanye ayakwazi ukwenzela uJehova izinto eziningi. Ngokwesibonelo, enza izinto ezijabulisayo njengokuyoshumayela izindaba ezinhle kwamanye amazwe. Ngaphezu kwakho konke, angachitha isikhathi esiningi esondelana noJehova.

2. Ziyini ezinye zezinzuzo zokushada ngokusemthethweni?

Ukushada, njengokungashadi, kunezinzuzo. IBhayibheli lithi “ababili bangcono kunoyedwa.” (UmShumayeli 4:9) Lokho kuyiqiniso ikakhulukazi kumaKristu aphila ngezimiso zeBhayibheli emishadweni yawo. Abantu abashada ngokusemthethweni benza isifungo sokuthi bazothandana, bahloniphane futhi baphathane kahle. Ngenxa yalokho, bazizwa belondekile kunabantu abakipitile. Umshado wenza nokuba izingane zizizwe zilondekile.

3. UJehova uwubheka kanjani umshado?

Lapho uJehova eshadisa abantu bokuqala wathi: “Indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo.” (Genesise 2:​24) UJehova ufuna indoda nomkayo bathandane, banamathelane uma nje besaphila ndawonye. Uvumela ukuba abantu badivose kuphela lapho omunye wabo ephingile. Uma kukhona ophingile, uJehova unikeza lowo ongenacala ilungelo lokunquma ukuthi uzodivosa yini noma cha. a (Mathewu 19:9) UJehova akawavumeli amaKristu ukuba abe nesithembu.​—1 Thimothewu 3:2.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi ungajabula kanjani futhi ujabulise noJehova, kungakhathaliseki ukuthi ushadile noma awushadile.

4. Sisebenzise kahle isipho sokungashadi

UJesu wayebheka ukungashadi njengokuyisipho. (Mathewu 19:​11, 12) Fundani uMathewu 4:​23, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • UJesu wasisebenzisa kanjani isipho sokungashadi ukuze akhonze uYise futhi asize abanye?

Kungawajabulisa namaKristu ukusebenzisa isipho sawo sokungashadi njengoba kwenza uJesu. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

  • Yiziphi izindlela eziwusizo amaKristu angasebenzisa ngazo ukungashadi kwawo?

Ingabe bewazi?

IBhayibheli alisho ukuthi umuntu kufanele ashade eneminyaka emingaki. Kodwa likhuthaza umuntu osemusha ukuba alinde kuze kudlule “ukuqhuma kobusha,” okuyisikhathi lapho imizwa yokuya ocansini inamandla futhi ingenza kube nzima ukuba enze izinqumo ezihlakaniphile.​—1 Korinte 7:36.

5. Sebenzisa ukuhlakanipha lapho ukhetha umuntu ozoshada naye

Ukukhetha umuntu ozoshada naye kungesinye sezinqumo ezibaluleke kunazo zonke oyoke uzenze. Fundani uMathewu 19:​4-6, 9, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Kungani umKristu kungafanele ajahe ukushada?

IBhayibheli lingakusiza wazi ukuthi yini okufanele uyibheke kumuntu ozoshada naye. Ngaphezu kwakho konke, khetha umuntu othanda uJehova. b Fundani eyoku-1 Korinte 7:​39 neyesi-2 Korinte 6:​14. Ngemva kwalokho, xoxani ngale mibuzo:

  • Kungani kufanele sishade nomKristu weqiniso kuphela?

  • Ucabanga ukuthi uJehova angazizwa kanjani lapho sishada nomuntu ongamthandi?

Uma izilwane ezimbili ezingefani ziboshelwe ndawonye ejokeni, zizolimala. Ngendlela efanayo, umKristu oshada nomuntu ongakholwa uyoba nezinkinga eziningi

6. Bheka umshado ngendlela uJehova awubheka ngayo

Kwa-Israyeli wasendulo, amanye amadoda ayedivosa omkawo ngezizathu zobugovu. Fundani uMalaki 2:​13, 14, 16, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Kungani uJehova ekuzonda ukudivosa kwabantu ngaphandle kwezizathu eziseBhayibhelini?

Ukuphinga nokudivosa kulimaza umuntu oshade naye ongenacala kanye nezingane

Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

  • Uma ushade nomuntu ongamthandi uJehova, yini ongayenza ukuze umshado wakho uphumelele?

7. Sebenzisa imithetho kaJehova ephathelene nomshado

Kungase kudingeke ukuba umuntu enze imizamo emikhulu ukuze asebenzise imithetho kaJehova ephathelene nomshado. c Kodwa uJehova uyababusisa labo abayisebenzisayo. Dlalani IVIDIYO.

Fundani eyamaHebheru 13:​4, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Ucabanga ukuthi imithetho kaJehova ephathelene nomshado iyacindezela? Kungani usho kanjalo?

UJehova ulindele ukuba amaKristu ayibhalise imishado namadivosi awo ngoba emazweni amaningi ohulumeni bafuna ukuba zibhaliswe lezi zinto. Fundani uThithu 3:​1, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Uma ushadile, uyaqiniseka yini ukuthi umshado wakho ubhaliswe ngokomthetho?

OMUNYE ANGASE AKUBUZE: “Kushadwelani ngempela? Kunani uma abantu bezihlalela ndawonye?”

  • Ungaphendula uthini?

UKUBUYEKEZA

Ukushada nokungashadi kuyizipho ezivela kuJehova. Kokubili kungenza abantu bajabule futhi baneliseke uma nje benza intando kaJehova.

Ufundeni?

  • Umuntu angakusebenzisa kanjani ngendlela enhle ukungashadi?

  • Kungani iBhayibheli lithi shada kuphela nomKristu weqiniso?

  • IBhayibheli lithi yisiphi isizathu okuwukuphela kwaso sokudivosa?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Kusho ukuthini ukushada “kuphela eNkosini”?

“Imibuzo Evela Kubafundi” (INqabayokulinda, Julayi 1, 2004)

Bukela amavidiyo amathathu amafushane angakusiza wenze izinqumo ezinhle endabeni yokuqomisana nokushada.

Ukulungiselela Umshado (17:05)

Funda ukuthi kungani omunye umzalwane enomuzwa wokuthi lokho uJehova amnike kona kuyigugu kakhulu kunalokho akudelile.

Nganginethemba Lokuthi Uzolamukela Iqiniso (1:56)

Yiziphi ezinye zezinto okufanele umuntu azicabange ngaphambi kokudivosa noma ukuhlala ngokwahlukana nomuntu ashade naye?

“Hlonipha ‘Lokho UNkulunkulu Akubophele Ndawonye’” (INqabayokulinda, Disemba 2018)

a Bheka uMbhalo Osekugcineni 4 okhuluma ngokuhlala ngokwahlukana uma kungekho ophingile.

b Kwamanye amasiko, abazali yibona abakhethela izingane zabo abantu abazoshada nazo. Uma kunjalo, abazali abanothando baqale bacabange ngokuthi lowo muntu uyamthanda yini uJehova, hhayi ukuthi unemali yini noma ukuthi uyaziwa yini emphakathini.

c Uma uhlala nomuntu ongashadile naye, ukuthi uyamshiya yini noma niyashada, yisinqumo sakho leso.