Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 46

Kungani Kumelwe Uzinikezele Bese Uyabhapathizwa?

Kungani Kumelwe Uzinikezele Bese Uyabhapathizwa?

Uzinikezela kuJehova ngomthandazo ngokumthembisa ukuthi uzokhonza yena yedwa bese wenza intando yakhe ize kuqala ekuphileni kwakho. (IHubo 40:8) Ngemva kwalokho, uyabhapathizwa. Ngokwenza kanjalo, usuke ubonisa abanye ukuthi usuzinikezele. Isinqumo sokuzinikezela kuJehova yisinqumo esibaluleke kunazo zonke esiyoke sizenze. Yini engase ikwenze wenze isinqumo esibaluleke kangaka esizoshintsha ukuphila kwakho?

1. Yini eyenza umuntu azinikezele?

Sizinikezela kuJehova ngenxa yokuthi siyamthanda. (1 Johane 4:10, 19) IBhayibheli liyasikhuthaza: ‘Thanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho nangawo wonke amandla akho.’ (Marku 12:30) Sibonisa ukuthi siyamthanda uNkulunkulu nangalokho esikwenzayo, hhayi ngalokho esikushoyo nje kuphela. Njengoba nje abantu abathandana ngempela beshada, nothando lwethu ngoJehova lusenza sizinikezele kuye futhi sibhapathizwe.

2. Yiziphi izibusiso uJehova azithembisa oFakazi bakhe ababhapathiziwe?

Lapho ubhapathizwa, uzoba ilungu lomndeni kaJehova ojabulayo. Uyobe usulubona ngezindlela eziningi uthando akuthanda ngalo, uyosondelana naye nakakhulu kunamanje. (Funda uMalaki 3:16-18.) Ngaphezu kokuba noBaba onguJehova, uzoba nomndeni wabafowenu nodadewenu emhlabeni wonke abathanda uNkulunkulu nabakuthandayo nawe. (Funda uMarku 10:29, 30.) Yiqiniso, kufanele wenze izinto ezithile ngaphambi kokuba ubhapathizwe. Kudingeka ufunde ngoJehova, umthande futhi ube nokholo eNdodaneni yakhe. Ekugcineni, kumelwe unikezele ukuphila kwakho kuJehova. Uma wenza lezo zinto bese uyabhapathizwa, uzozibeka ethubeni lokuphila phakade. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Ubhapathizo . . . nalo manje luyanisindisa.”​—1 Petru 3:21.

FUNDA OKWENGEZIWE

Hlola ukuthi kungani kubalulekile ukuzinikezela kuJehova bese uyabhapathizwa.

3. Sonke kumelwe sikhethe ukuthi ubani esizomkhonza

Kwa-Israyeli wasendulo, abanye abantu babecabanga ukuthi bangakwazi ukukhonza uJehova nonkulunkulu wamanga uBhali. UJehova wathuma umprofethi wakhe u-Eliya ukuba alungise lo mbono ongalungile. Fundani eyoku-1 AmaKhosi 18:21, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Yisiphi isinqumo ama-Israyeli okwakufanele asenze?

Njengama-Israyeli, nathi kumelwe sikhethe ukuthi ubani esizomkhonza. Fundani uLuka 16:13, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Kungani singeke sikwazi ukukhonza uJehova kanye nomunye umuntu noma enye into?

  • Simbonisa kanjani uJehova ukuthi sikhetha ukukhonza yena?

4. Zindla ngendlela uJehova akuthanda ngayo

UJehova usinikeze izipho eziningi eziyigugu. Yini thina esingamnika yona? Dlalani IVIDIYO.

Yiziphi ezinye zezindlela uJehova abonise ngazo ukuthi uyakuthanda? Fundani iHubo 104:14, 15 neyoku-1 Johane 4:9, 10, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Yiziphi izipho ezivela kuJehova ozithanda kakhulu?

  • Lezo zipho zikwenza uzizwe kanjani ngaye?

Lapho sithola isipho esisithanda kakhulu, sifuna ukubonisa lowo osiphile ukuthi siyabonga ngaso. Fundani uDuteronomi 16:17, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Lapho ucabanga ngazo zonke izinto uJehova asekwenzele zona, yini wena ofuna ukumenzela yona?

5. Ukuzinikezela kuletha izibusiso eziningi

Abantu abaningi bacabanga ukuthi udumo, umsebenzi oholela kahle noma imali kuzobenza bajabule. Kuyiqiniso yini lokho? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.

  • Nakuba indoda ekule vidiyo yayikuthanda ukudlala ibhola, yayekelani?

  • Yanquma ukuzinikezela kuJehova hhayi ebholeni. Ucabanga ukuthi yenza isinqumo esihle? Kungani usho kanjalo?

Ngaphambi kokuba umphostoli uPawulu abe umKristu, wayenomsebenzi ohlonishwayo. Wayefunde umthetho wamaJuda, efundiswa uthisha odumile. Wakushiya konke lokho ukuze abe umKristu. Ingabe wazisola? Fundani eyabaseFilipi 3:8, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Kungani uPawulu athi lokhu ayekwenza ngaphambi kokuba abe umKristu ‘kwakunjengenqwaba yezibi’?

  • Yini ayizuza?

  • Ikhona yini indlela engcono ongasebenzisa ngayo ukuphila kwakho ngaphandle kokukhonza uJehova?

Lapho uPawulu eba umKristu, wazuza okuningi kunalokho okwakumlahlekele

ABANYE ABANTU BATHI: “Kuwukudlala ngesikhathi ukukhonza uNkulunkulu”

  • Kungani ucabanga ukuthi kuyisinqumo esihle ukuzinikezela kuJehova?

UKUBUYEKEZA

Uthando lusenza sizinikezele kuJehova bese siyabhapathizwa.

Ufundeni?

  • Kungani uJehova ekufanelekela ukuba simthande ngenhliziyo yethu yonke futhi simkhonze?

  • UJehova ubabusisa kanjani oFakazi bakhe ababhapathiziwe?

  • Ungathanda yini ukuzinikezela kuJehova?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Buka ukuthi kungani umuntu owayecula nowayedlala ibhola bakhetha ukuzinikezela kuJehova.

Intsha Iyabuza​—Ngizokwenzani Ekuphileni?​—Bacabanga Ngezinqumo Abazenza (6:54)

Thola izizathu ezengeziwe zokuba uzinikezele.

“Kungani Kufanele Uzinikezele KuJehova?” (INqabayokulinda, Januwari 15, 2010)

Kule vidiyo yomculo, buka ukuthi bajabule kangakanani abantu abazinikezele kuJehova.

Ngikuph’ Uk’phila Kwam (4:30)

Endabeni ethi “Sekuyiminyaka Ngizibuza Ukuthi, ‘Kungani Silapha?’” phawula ukuthi yini eyenza owesifazane othile wacabanga ngokwakubaluleke kakhulu kuye.

“IBhayibheli Lishintsha Ukuphila” (INqabayokulinda, Novemba 1, 2012)