Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 47

Ingabe Usukulungele Ukubhapathizwa?

Ingabe Usukulungele Ukubhapathizwa?

Usufunde izinto eziningi ngoJehova esifundweni sakho seBhayibheli. Kungenzeka kunoshintsho osulwenzile ukuze ukusebenzise lokho osukufundile. Noma kunjalo, kungenzeka kukhona okukuvimbayo ukuba uzinikezele kuJehova futhi ubhapathizwe. Lesi sifundo sizokhuluma ngezinye zezinkinga ezivame ukuvimba umuntu ukuba abhapathizwe, nokuthi ungazinqoba kanjani.

1. Kungakanani okudingeka ukwazi ngaphambi kokuba ubhapathizwe?

Ukuze ubhapathizwe, kudingeka ube ‘nolwazi olunembile lweqiniso.’ (1 Thimothewu 2:4) Lokho akusho ukuthi kudingeka wazi izimpendulo zayo yonke imibuzo ngeBhayibheli ngaphambi kokuba ubhapathizwe. Ngisho namaKristu asebhapathizwe isikhathi eside asafunda kuze kube manje. (Kolose 1:9, 10) Kodwa kuyadingeka uziqonde izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo. Abadala bebandla bazokusiza ubone ukuthi usunalo yini ulwazi olwanele.

2. Yiziphi ezinye zezinyathelo okudingeka uzithathe ngaphambi kokuba ubhapathizwe?

Ngaphambi kokuba ubhapathizwe kumelwe ‘uphenduke futhi uguquke.’ (Funda izEnzo 3:19.) Lokho kusho ukuthi uyazisola ngokujulile ngezono oye wazenza futhi ucela uJehova ukuba akuthethelele. Kusho nokwenqaba ukwenza izinto ezimbi nokuzimisela ukuphila ngendlela ejabulisa uNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, uqala ukwenza izinto ezenziwa yibandla, ezinjengokuya emihlanganweni nokushumayela njengommemezeli ongabhapathiziwe.

3. Kungani kungafanele uvumele ukwesaba kukuvimbe?

Abanye besaba ukuthi ngeke bakwazi ukwenza izinto abazithembise uJehova. Yiqiniso, ngezinye izikhathi uzowenza amaphutha, njengoba nje namadoda nabesifazane abathembekile okukhulunywa ngabo eBhayibhelini bawenza. Kodwa uJehova akalindele ukuba abantu abamkhonzayo bangawenzi amaphutha. (Funda iHubo 103:13, 14.) Uyajabula lapho wenza okusemandleni akho! Uzokusiza. Empeleni, uJehova usiqinisekisa ngokuthi akukho lutho ‘oluyosihlukanisa nothando [lwakhe].’​—Funda eyabaseRoma 8:38, 39.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi ungazinqoba kanjani izinto ezikuvimbela ukuba ubhapathizwe ngokumazi kahle uJehova futhi wamukele usizo lwakhe.

4. Mazi kahle uJehova

Kudingeka umazi kahle kangakanani uJehova ngaphambi kokuba ubhapathizwe? Kudingeka umazi kahle ngezinga elizokwenza umthande futhi ufune ukumjabulisa. Dlalani IVIDIYO ukuze nibone ukuthi abantu abafunda iBhayibheli emhlabeni wonke bakwenze kanjani lokhu. Ngemva kwalokho, xoxani ngalo mbuzo olandelayo.

  • Kule vidiyo, yini eyasiza abanye bakulungela ukubhapathizwa?

Fundani eyabaseRoma 12:2, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Ingabe kukhona ukungabaza onakho ngalokho okufundiswa iBhayibheli noma ngokuthi oFakazi BakaJehova bafundisa iqiniso?

  • Uma kukhona, yini ongayenza ngako?

5. Nqoba izinto ezingase zikuvimbele ukuba ubhapathizwe

Lapho sinquma ukuzinikezela kuJehova futhi sibhapathizwa, sonke sibhekana nezinkinga. Ukuze ubone isibonelo salokhu, dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.

  • Kule vidiyo, yiziphi izinkinga uNarangerel okwadingeka azinqobe ukuze akhonze uJehova?

  • Ukuthanda kwakhe uJehova kwamsiza kanjani ukuba anqobe lezo zinkinga?

Fundani izAga 29:25 neyesi-2 Thimothewu 1:7, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Yini esinika isibindi sokunqoba izinkinga?

6. Themba ukuthi uJehova uzokusiza

UJehova uzokusiza ukuze ukwazi ukumjabulisa. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.

  • Kule vidiyo, yini eyenza umfundi weBhayibheli wangabaza ukubhapathizwa?

  • Yini ayifunda eyamsiza wamethemba nakakhulu uJehova?

Fundani u-Isaya 41:10, 13, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Kungani ungaqiniseka ukuthi ungakwazi ukufeza isithembiso osenza lapho uzinikezela?

7. Mbonge ngokujulile uJehova ngothando lwakhe

Lapho ucabanga ngokuthi uJehova ukuthanda kakhulu kangakanani, uyombonga nakakhulu futhi uzimisele ukumkhonza kuze kube phakade. Fundani iHubo 40:5, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Yiziphi izibusiso ezivela kuJehova ozibonga ngokukhethekile?

Umprofethi uJeremiya wayemthanda uJehova nezwi lakhe, futhi wayembonga ngokujulile ngokubizwa ngegama lakhe. Wathi: “Izwi lakho langithokozisa langijabulisa enhliziyweni yami, ngoba ngibizwa ngegama lakho, Jehova Nkulunkulu.” (Jeremiya 15:16) Phendula le mibuzo:

  • Kungani kuyilungelo elikhethekile ukuba omunye woFakazi BakaJehova?

  • Uyafuna yini ukubhapathizwa ukuze ube omunye woFakazi BakaJehova?

  • Ikhona yini into ekuvimbayo ukuba ubhapathizwe?

  • Ucabanga ukuthi yini okudingeka uyenze ukuze ufinyelele umgomo wokubhapathizwa?

ABANYE ABANTU BATHI: “Ngicabanga ukuthi uma sengibhapathiziwe, ngizohluleka ukwenza okulindeleke ukuba ngikwenze.”

  • Ingabe uzizwa kanjalo nawe?

UKUBUYEKEZA

Ngosizo lukaJehova, unganqoba noma yiziphi izinkinga ezikuvimbela ukuba ubhapathizwe.

Ufundeni?

  • Lungakanani ulwazi lweBhayibheli okudingeka ube nalo ukuze ubhapathizwe?

  • Yiluphi ushintsho okungadingeka ulwenze ngaphambi kokuba ubhapathizwe?

  • Kungani kungafanele uvumele ukwesaba kukwenze ungabaze?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi isinqumo sakho sokubhapathizwa kufanele sisekelwe kuphi.

“Ingabe Usukulungele Ukubhapathizwa?” (INqabayokulinda, Mashi 2020)

Funda ukuthi ungazinqoba kanjani izinkinga ezingakuvimba ukuba ubhapathizwe.

“Yini Engivimbela Ukuba Ngibhapathizwe?” (INqabayokulinda, Mashi 2019)

Bukela ukuthi indoda ethile yazinqoba kanjani ezinye zezinkinga ezinkulu ukuze ibhapathizwe.

‘Kungani Uhlehlisa Ukubhapathizwa?’ (1:10)

Ekuqaleni, indoda okuthiwa u-Ataa yayingabaza ukubhapathizwa. Bona ukuthi yini eyayenza yathatha lesi sinyathelo esibalulekile.

Ingabe Ngiyakufanelekela Lokhu? (7:21)