Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 48

Bakhethe Ngokuhlakanipha Abangane

Bakhethe Ngokuhlakanipha Abangane

Abangane esisondelene nabo bayayandisa injabulo yethu ngezikhathi ezimnandi, basiqinise ngezikhathi ezinzima. Kodwa iBhayibheli lisixwayisa ngokuthi akuwona wonke umuntu ongumngane omuhle. Ungabakhetha kanjani-ke abangane abakahle? Cabanga ngale mibuzo elandelayo.

1. Abangane obakhethayo bazokwenza uziphathe kanjani?

Sivame ukufana nabantu esichitha nabo isikhathi esiningi. Lokho kungaba yinto enhle noma embi​—kungakhathaliseki ukuthi sisuke sinabo ngokoqobo noma ezinkundleni zokuxhumana. IBhayibheli lithi, “ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku [abantu abangamthandi uJehova] kuyomhambela kabi.” (IzAga 13:​20) Abangane abathanda nabakhonza uJehova bangakusiza uhlale usondelene naye, wenze nezinqumo ezinhle. Kodwa abangane esisondelene nabo abangekho ebandleni bangasiqhelisa kuJehova. Yingakho iBhayibheli lisikhuthaza ukuba sibakhethe ngokuhlakanipha abangane! Uma abangane bethu kungabantu abathanda uNkulunkulu, siyazuza kubo, nabo bayazuza kithi. Siyakwazi ‘ukuqhubeka sikhuthazana futhi sakhana.’​—1 Thesalonika 5:11.

2. Abangane obakhethayo bazokwenza uJehova azizwe kanjani?

UJehova ubakhetha kahle abangane bakhe. “Uba umngane nabaqotho.” (IzAga 3:​32) Angazizwa kanjani uma singakhetha abangane abangamthandi? Angadumala kakhulu! (Funda uJakobe 4:4.) Ngakolunye uhlangothi, uJehova uyojabula, asikhethe sibe abangane bakhe uma senqaba ukuba nabangane ababi, futhi sisondela kuye nakulabo abamthandayo.​—IHubo 15:​1-4.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi kungani kubalulekile ukukhetha abangane abakahle, ubone nokuthi ungabakha kanjani abangane abazothuthukisa ukuphila kwakho.

3. Qapha abangane ababi

Abantu abangamthandi uNkulunkulu nemithetho yakhe bangabangane ababi. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

  • Singazihlanganisa kanjani nabangane ababi singanakile?

Fundani eyoku-1 Korinte 15:​33, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Umuntu onjani ongaba umngane omubi kuwe? Kungani usho kanjalo?

Fundani iHubo 119:​63, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Yini okufanele uyibheke kumuntu ofuna abe umngane wakho?

I-aphula elilodwa elibolile lingawabolisa wonke. Kungaba namuphi umphumela kuwe ukuba nomngane oyedwa nje omubi?

4. Abantu abahlukile kithi bangaba abangane bethu abahle

IBhayibheli likhuluma ngamadoda amabili akwa-Israyeli wasendulo, uDavide noJonathani. UJonathani wayemdala kunoDavide futhi eyindodana yeNkosi, kodwa babenobungane obuqinile. Fundani eyoku-1 Samuweli 18:​1, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Kungani kungadingeki ukuba abangane bethu kuhlale kungontanga yethu noma abantu abanokuphila okufana nokwethu?

Fundani eyabaseRoma 1:​11, 12, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Bangakhuthazana kanjani abangane abathanda uJehova?

Kule vidiyo, bona ukuthi umzalwane osemusha wabathola kanjani abangane ezindaweni angazilindele. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.

  • Kule vidiyo, kungani abazali baka-Akil babekhathazekile ngabangane ayenabo esikoleni?

  • Yiziphi izinto ezamenza waqala ukubathanda?

  • Wasinqoba kanjani isizungu?

5. Indlela yokuthola abangane abahle

Bukela ukuthi ungabathola kanjani abangane abahle​—nokuthi wena ungaba kanjani umngane omuhle. Dlalani IVIDIYO.

Fundani izAga 18:​24 no-27:​17, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Abangane bangempela basizana kanjani?

  • Unabo abangane abanjalo? Uma ungenabo, ungabenza kanjani?

Fundani eyabaseFilipi 2:​4, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Ukuze uthole abangane abahle, kudingeka nawe ube umngane omuhle. Ungaba kanjani umngane omuhle?

Ukuze ube nabangane abahle, nawe kudingeka ube umngane omuhle

ABANYE ABANTU BATHI: “Ngingamane ngibe umngane wanoma ubani kunokuba ngingabi namngane.”

  • Wena ungathini?

UKUBUYEKEZA

Lapho sikhetha abangane bethu ngokuhlakanipha, sijabulisa uJehova, nathi siyasizakala.

Ufundeni?

  • Kungani kubalulekile kuJehova ukuthi sikhetha abangane abanjani?

  • Abangane abanjani okufanele sibagweme?

  • Singabakha kanjani ubungane obuqinile nabantu abakahle?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi abangane abakahle bangasisiza kanjani ngezikhathi ezinzima.

“Yakhani Ubungane Obuqinile Ngaphambi Kokuba Ukuphela Kufike” (INqabayokulinda, Novemba 2019)

Cabanga ngokuthi yini ongayenza ukuze wenze abangane abahle.

“Ngingabenza Kanjani Abangane Abakahle?” (Intsha Iyabuza​—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1, isahluko 8)

Yini okufanele uyazi ngabangane abatholakala ezinkundleni zokuxhumana?

Hlakanipha Lapho Usebenzisa Izingosi Zokuxhumana (4:12)

Endabeni ethi “Ngangifuna Ukuba Nobaba,” thola ukuthi kungani umuntu othile ahlolisisa abangane ayenabo.

“IBhayibheli Lishintsha Ukuphila” (INqabayokulinda, Ephreli 1, 2012)