Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 49

Yini Engenza Umndeni Wakho Ujabule?​—INgxenye 1

Yini Engenza Umndeni Wakho Ujabule?​—INgxenye 1

Abantu abasanda kushada basuke bethemba ukuthi injabulo ababenayo ngosuku lomshado izohlala unomphela. Kungaba njalo. AmaKristu asenesikhathi eside eshadile futhi asesebenze kanzima ukuze asebenzise iseluleko seBhayibheli, ayazi ukuthi angaba nayo leyo njabulo.

1. Yisiphi iseluleko iBhayibheli elisinikeza abayeni?

UJehova ubeke indoda ukuba ibe inhloko yekhaya. (Funda eyabase-Efesu 5:23.) Ulindele ukuba yenze izinqumo ezizozuzisa umndeni. IBhayibheli leluleka amadoda: “Qhubekani nithanda omkenu.” (Efesu 5:25) Kusho ukuthini lokho? Umyeni onothando umphatha kahle umkakhe, lapho besekhaya noma bephakathi kwabantu. Uyamvikela ezintweni ezingase zimlimaze futhi enze okusemandleni akhe ukuze anakekele zonke izidingo zakhe. (1 Thimothewu 5:8) Okubaluleke nakakhulu, uyahola ekusizeni umkakhe ukuba abe nobungane obuseduze noJehova. (Mathewu 4:4) Ngokwesibonelo, angathandaza nomkakhe, bafunde neBhayibheli. Lapho indoda imnakekela ngothando umkayo, iyaqhubeka ingumngane kaJehova.​—Funda eyoku-1 Petru 3:7.

2. Yisiphi iseluleko iBhayibheli elisinikeza amakhosikazi?

IZwi likaNkulunkulu lithi inkosikazi ‘kufanele imhloniphe ngokujulile umyeni wayo.’ (Efesu 5:33) Ingakwenza kanjani lokho? Ingacabanga ngezimfanelo ezinhle umyeni wayo anazo nemizamo ayenzayo ukuze ayinakekele yona nezingane zabo. Ingabonisa nenhlonipho ngokusekela izinqumo azenzayo nangokukhuluma kahle naye nangaye, ngisho noma engamthandi uJehova.

3. Indoda nomkayo bangawuqinisa kanjani umshado wabo?

IBhayibheli lithi ngabantu abashadile: “Laba ababili bayoba nyamanye.” (Mathewu 19:5) Lokho kusho ukuthi kumelwe balwe nanoma yini engabenza baqhelelane. Lokho bakwenza ngokuchitha isikhathi njalo bendawonye nangokuvulelana izifuba ngendlela enothando. Abavumeli lutho noma omunye umuntu ukuba abaluleke ngaphezu kwabantu abashade nabo​—ngaphandle kukaJehova. Bayaqaphelisisa ukuba bangasondelani kakhulu ngendlela engafanele nomunye umuntu.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi yiziphi izimiso zeBhayibheli ezingaqinisa umshado wakho.

4. Madoda​—thandani omkenu, nibanakekele

IBhayibheli lithi “amadoda kufanele athande omkawo njengemizimba yawo siqu.” (Efesu 5:28, 29) Kusho ukuthini lokho? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

  • Yiziphi ezinye zezindlela indoda engabonisa ngazo ukuthi iyamthanda futhi iyamnakekela umkayo?

Fundani eyabaseKolose 3:12, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Indoda ingazibonisa kanjani lezi zimfanelo emshadweni?

5. Makhosikazi​—thandani abayeni benu, nibahloniphe

IBhayibheli likhuthaza inkosikazi ukuba ihloniphe umyeni wayo kungakhathaliseki ukuthi uyamkhonza uJehova noma cha. Fundani eyoku-1 Petru 3:1, 2, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Uma unomyeni ongamkhonzi uJehova, akungabazeki ukuthi uyafisa ukuba amkhonze. Ucabanga ukuthi iyiphi indlela engaphumelela​—ukumfundekela ngokumshumayeza noma ukuziphatha kahle umhloniphe? Kungani ucabanga kanjalo?

Amadoda nomkawo bangenza izinqumo ezinhle uma bebambisene. Noma kunjalo, ngezinye izikhathi inkosikazi ingase ingavumelani nomyeni wayo. Uma bengavumelani, inkosikazi ingakusho ekucabangayo, kodwa ikusho ngomoya ophansi nangenhlonipho. Nokho, kumelwe ikhumbule ukuthi uJehova unikeze umyeni ilungelo lokunquma ukuthi yini elungele umndeni. Kufanele yenze okusemandleni ayo ukuba isekele isinqumo sakhe. Uma yenza kanjalo, yenza kube nomoya omuhle ekhaya. Fundani eyoku-1 Petru 3:3-5, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • UJehova uzizwa kanjani lapho inkosikazi ihlonipha umyeni wayo?

6. Ungazinqoba izinkinga emshadweni wakho

Awukho umshado ongenazo izinkinga. Ngakho, abantu abashadile kumelwe babambisane ukuze bazinqobe. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.

  • Kule vidiyo, yiziphi izimpawu ezibonisa ukuthi indoda nomkayo base beqhelelana?

  • Yiziphi izinto abazenza ukuze baqinise umshado wabo?

Fundani eyoku-1 Korinte 10:24 neyabaseKolose 3:13. Ngemva kokufunda umBhalo ngamunye, xoxani ngalo mbuzo:

  • Ukusebenzisa lesi seluleko kungawuqinisa kanjani umshado?

IBhayibheli lithi kufanele sibonisane udumo. Ukubonisa udumo kuhlanganisa nokuphatha umuntu ngendlela enomusa nokumhlonipha. Fundani eyabaseRoma 12:10, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Ingabe umuntu oshadile kufanele alinde lowo ashade naye ukuba ambonise udumo kuqala? Kungani usho kanjalo?

ABANYE ABANTU BATHI: “Uthando lwethu alusavuthi njengasekuqaleni.”

  • Abasho kanjalo ungabachazela kanjani ukuthi iBhayibheli lingabasiza?

UKUBUYEKEZA

Indoda nomkayo bangajabula lapho bethandana, behloniphana, besebenzisa nezimiso zeBhayibheli.

Ufundeni?

  • Yini engenziwa indoda ukuze bajabule emshadweni?

  • Yini engenziwa inkosikazi ukuze bajabule emshadweni?

  • Uma ushadile, yisiphi isimiso seBhayibheli esingakusiza uqinise umshado wakho?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Funda amacebiso anganisiza nibe umndeni ojabulayo.

Umndeni Wakho Ungajabula (incwajana)

Bukela ividiyo yomculo ebonisa izibusiso zokusebenzisa iseluleko sikaNkulunkulu emshadweni wakho.

Ngik’thanda Ngempela (4:26)

Hlola ukuthi kusho ukuthini ukuzithoba ebunhlokweni bendoda.

“Makhosikazi, Kungani Kufanele Nithobele Ubunhloko?” (INqabayokulinda, Meyi 15, 2010)

Indoda nomkayo bazinqoba kanjani izinkinga ezinkulu ababebhekene nazo—ezihlanganisa nokudivosa?

Sawakha Kabusha Umshado Wethu Ngosizo LukaNkulunkulu (5:14)