Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 50

Yini Engenza Umndeni Wakho Ujabule?​—INgxenye 2

Yini Engenza Umndeni Wakho Ujabule?​—INgxenye 2

Izingane ziyisipho esivela kuJehova. Ulindele ukuba abazali basinakekele kahle leso sipho. Unikeza izeluleko ezihlakaniphile ezingasiza abazali bakwazi ukwenza kanjalo. Izeluleko zakhe zingasiza nezingane ukuba zenze umndeni ujabule.

1. Yisiphi iseluleko uJehova asinika abazali?

UJehova ulindele ukuba abazali bathande izingane zabo, bachithe nesikhathi esiningi nazo. Ufuna nokuba bavikele izingane zabo ezintweni ezingazilimaza futhi baziqeqeshe besebenzisa izimiso zeBhayibheli. (IzAga 1:8) UJehova uthi kobaba: ‘Qhubekani nikhulisa [abantwana benu] ngesiyalo sikaJehova.’ (Funda eyabase-Efesu 6:4) Uyajabula uma abazali belandela iziqondiso zakhe lapho bekhulisa izingane futhi bengawudluliseli komunye umuntu lowo msebenzi.

2. Yisiphi iseluleko uJehova asinika izingane?

UJehova uyala izingane: “Lalelani abazali benu.” (Funda eyabaseKolose 3:​20.) Lapho izingane zihlonipha futhi zilalela abazali, zijabulisa uJehova nabazali bazo. (IzAga 23:​22-25) UJesu wabeka isibonelo esihle ngesikhathi eseyingane. Nakuba ayengenasono, wayebalalela futhi ebahlonipha abazali bakhe.​—Luka 2:​51, 52.

3. Umndeni wenu ungasondela kanjani kuNkulunkulu?

Uma ungumzali, akungabazeki ukuthi ufuna izingane zakho zithande uJehova njengawe. Ungakwenza kanjani lokho? Ngokwenza lokho okushiwo yiBhayibheli: ‘Kumelwe ugxilise [amazwi kaJehova] kubantwana bakho futhi ukhulume ngawo lapho uhleli endlini yakho nalapho uhamba endleleni.’ (Duteronomi 6:7) “Ukugxilisa” kusho ukufundisa into ethile ngokuyiphindaphinda. Cishe uyazi ukuthi ukuze izingane ziyikhumbule into, kumelwe uyiphinde kaningi. Lo mBhalo usho ukuthi kufanele ufune amathuba okukhuluma njalo nezingane zakho ngoJehova. Kuhle ukuba isonto ngalinye ubeke isikhathi sokuba umndeni wakho ufunde ngoJehova. Uma ungenazo izingane, usengazuza ngokubekela eceleni isikhathi isonto ngalinye ukuze utadishe iZwi likaNkulunkulu.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda ngamacebiso angasiza umndeni ujabule futhi uzizwe ulondekile.

4. Qeqesha izingane zakho ngothando

Kungaba nzima ukuqeqesha ingane. IBhayibheli lingasiza kanjani? Fundani uJakobe 1:​19, 20, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Abazali bangalubonisa kanjani uthando lapho bexoxa nezingane zabo?

  • Kungani umzali kungafanele ayale izingane zakhe ngesikhathi esacasukile? a

5. Vikela izingane zakho

Ukuze uvikele izingane zakho, kubaluleke kakhulu ukuba uxoxe nengane ngayinye ngezindaba zocansi. Kungase kube nzima lokho. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.

  • Kungani kunzima ngabanye abazali ukukhuluma nezingane zabo ngocansi?

  • Abanye abazali basebenzise ziphi izindlela ukuze bachazele izingane zabo ngocansi?

Njengoba kwakuphrofethiwe, izwe likaSathane liya liba libi nakakhulu. Fundani eyesi-2 Thimothewu 3:​1, 13, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Abanye babantu ababi okukhulunywe ngabo evesini 13 bayazinukubeza izingane ngokocansi. Ngakho, kungani kubalulekile ngabazali ukuba bafundise izingane zabo ngocansi nokuthi zingazivikela kanjani kubantu abafuna ukuzinukubeza?

Ingabe bewazi?

OFakazi BakaJehova benza izincwadi eziningi ezisiza abazali ukuba bafundise izingane zabo ngocansi futhi bazivikele kubantu abafuna ukuzinukubeza. Ngokwesibonelo, bheka lokhu okulandelayo:

6. Hlonipha abazali bakho

Izingane ezincane nesezikhulile zingabonisa ukuthi ziyabahlonipha abazali bazo ngendlela ezikhuluma ngayo nabo. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.

  • Kungani kuyisiza ingane ukuba ikhulume ngenhlonipho nabazali bayo?

  • Umuntu osemusha angakhuluma kanjani nabazali bakhe ngendlela ebabonisa inhlonipho?

Fundani izAga 1:​8, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Ingane kufanele yenzeni lapho abazali bayo beyitshela lokho okufanele ikwenze?

7. Khonzani uJehova njengomndeni

Imindeni yoFakazi BakaJehova ibeka isikhathi isonto ngalinye ukuze ikhonze uJehova ndawonye. Kuba njani lokho kukhulekela komkhaya? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.

  • Yini umndeni ongayenza ukuze ukuKhulekela Komkhaya kwenziwe njalo?

  • Yini umzali angayenza ukuze ukukhulekela komkhaya kuzuzise futhi kujabulise?​—Bhekani isithombe esisekuqaleni kwalesi sifundo.

  • Yini engenza kube nzima ngomndeni wakho ukuba utadishe ndawonye?

Kwa-Israyeli wasendulo, uJehova wayelindele ukuba imindeni ixoxe njalo ngemiBhalo. Fundani uDuteronomi 6:​6, 7, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Ungasisebenzisa kanjani lesi simiso?

Izinto eningazenza ekukhulekeleni komkhaya:

  • Lungiselelani imihlangano yebandla.

  • Fundani, nixoxe ngendaba eseBhayibhelini umndeni ongayijabulela.

  • Uma ninezingane ezincane, dawunilodani noma niphrinte izinto ezingenziwa yizingane kuyiwebusayithi ethi jw.org/zu.

  • Uma ninezingane esezikhulile, xoxani ngesihloko sentsha esikuyiwebusayithi ethi jw.org/zu.

  • Yenzani imidlalo ngendaba ethile eseBhayibhelini.

  • Bukelani ividiyo kuyiwebusayithi ethi jw.org/zu bese nixoxa ngayo.

ABANYE ABANTU BATHI: “IBhayibheli linzima, izingane ngeke ziliqonde.”

  • Wena ungathini?

UKUBUYEKEZA

UJehova ufuna abazali bathande, baqeqeshe futhi bavikele izingane zabo; izingane zihloniphe futhi zilalele abazali bazo; nokuba imindeni imkhonze ndawonye.

Ufundeni?

  • Abazali bangaziqeqesha futhi bazivikele kanjani izingane zabo?

  • Izingane zingabonisa kanjani ukuthi ziyabahlonipha abazali bazo?

  • Yiziphi izinzuzo zokubekela eceleni isikhathi isonto ngalinye ukuze umndeni ukhonze uJehova ndawonye?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Yiziphi izifundo eziyosiza ingane yakho ilungele ukuba umuntu omdala?

“Izinto Eziyisithupha Okufanele Zifundiswe Izingane” (Phaphama! No. 2 2019)

Funda ngamacebiso asebenzayo iBhayibheli eliwanikeza abantu abanakekela abazali babo asebekhulile.

“Lithini IBhayibheli Ngokunakekela Abazali Asebekhulile?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

Bona ukuthi indoda eyayingakwazi ukukhulisa izingane yaba kanjani ubaba ophumelelayo.

Safundiswa UJehova Ukukhulisa Umndeni Wethu (5:58)

Funda ukuthi obaba bangabuqinisa kanjani ubuhlobo babo namadodana abo.

“Obaba Bangahlala Kanjani Besondelene Namadodana Abo?” (INqabayokulinda, Novemba 1, 2011)

a EBhayibhelini, igama elithi “isiyalo” libhekisela ekufundiseni, ekuqondiseni nasekukhuzeni. Alisho neze ukuhlukumeza noma ukuba nonya.​—IzAga 4:1.