Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 51

Ungamjabulisa Kanjani UJehova Ngendlela Okhuluma Ngayo Nabanye?

Ungamjabulisa Kanjani UJehova Ngendlela Okhuluma Ngayo Nabanye?

Lapho uJehova esidala, wasinika isipho esimangalisayo sokukhuluma. Ingabe kubalulekile kuye ukuthi sisisebenzisa kanjani leso sipho? Yebo! (Funda uJakobe 1:​26.) Ngakho, singalisebenzisa kanjani ikhono lokukhuluma ngendlela ejabulisa uJehova?

1. Kufanele sisisebenzise kanjani isipho sokukhuluma?

IBhayibheli lithi “qhubekani nikhuthazana futhi nakhana.” (1 Thesalonika 5:​11) Bakhona obacabangayo abadinga isikhuthazo? Yini ongayenza ukuze ubakhuthaze? Baqinisekise ngokuthi uyabakhathalela. Mhlawumbe ungabatshela ukuthi yini oyithandayo ngabo. Ukhona yini umBhalo owucabangayo ongakhuthaza umuntu omaziyo? Miningi ongakhetha kuyo. Khumbula nokuthi njengoba nje amazwi owashoyo engamkhuthaza umuntu, nendlela owasho ngayo ingamkhuthaza. Ngakho, ngaso sonke isikhathi zama ukukhuluma ngendlela enomusa nemnene.​—IzAga 15:1.

2. Iyiphi indlela yokukhuluma okufanele siyigweme?

IBhayibheli lithi: “Makungaphumi izwi elibolile emilonyeni yenu.” (Funda eyabase-Efesu 4:​29.) Lokhu kusho ukuthi asiyithuki inhlamba noma sisho izinto ezibuhlungu ezingalimaza imizwa yabanye. Kumelwe sigweme ukuhleba nokunyundela abanye abantu.​—Funda izAga 16:28.

3. Yini ezosisiza sikhulume ngendlela eyakha abanye?

Ngokuvamile izinto esizikhulumayo ziveza lokho okusezinhliziyweni zethu ngempela noma lokho esikucabangayo. (Luka 6:​45) Ngakho, kudingeka sizifundise ukucabanga izinto ezinhle​—izinto ezilungile, ezimsulwa, ezithandekayo, nokukhulunywa kahle ngazo. (Filipi 4:8) Ukuze sikwazi ukucabanga ngezinto ezinjalo, kumelwe sizikhethe ngokuhlakanipha izinto esizijabulisa ngazo kanye nabangane bethu. (IzAga 13:​20) Kuyasiza nokucabanga ngaphambi kokuba sikhulume. Cabanga ukuthi okushoyo kuzobenza bazizwe kanjani abanye. IBhayibheli lithi: “Inkulumo engacatshangiwe injengokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabahlakaniphile luyaphilisa.”​—IzAga 12:​18.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda ukukhuluma ngendlela ejabulisa uJehova nekhuthaza abanye.

4. Qapha indlela okhuluma ngayo

Ngezinye izikhathi, sonke siyazisho izinto esizisolayo ngazo kamuva. (Jakobe 3:2) Fundani eyabaseGalathiya 5:​22, 23, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Yiziphi kulezi zimfanelo ongazithandazela ukuze zikusize uqaphe indlela okhuluma ngayo? Lezo zimfanelo zingakusiza kanjani?

Fundani eyoku-1 Korinte 15:​33, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Abangane obakhethayo nezinto okhetha ukuzijabulisa ngazo zingaba namuphi umthelela endleleni okhuluma ngayo?

Fundani umShumayeli 3:​1, 7, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Kunini lapho kungase kube ukuhlakanipha khona ukuthula noma ukulinda isikhathi esifanele sokukhuluma?

5. Khuluma kahle ngabanye

Singakugwema kanjani ukwedelela abanye noma ukukhuluma izinto ezibalimazayo? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.

  • Kule vidiyo, kungani lo mzalwane ayefuna ukuyishintsha indlela akhuluma ngayo ngabanye?

  • Yini ayenza ukuze ashintshe?

Fundani umShumayeli 7:​16, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Yini okufanele siyikhumbule lapho silingeka ukuba sikhulume kabi ngomunye umuntu?

Fundani umShumayeli 7:​21, 22, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • La mavesi angakusiza kanjani ungacasuki lapho omunye umuntu ekhuluma kabi ngawe?

6. Yiba nomusa lapho ukhuluma nabasekhaya

UJehova ufuna sikhulume nabasekhaya ngendlela enomusa nenothando. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngalo mbuzo olandelayo.

  • Yini ezokusiza ukhulume ngendlela enomusa nabasekhaya?

Fundani eyabase-Efesu 4:​31, 32, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Iyiphi indlela enhle yokukhuluma engeke ibalimaze abanye emndenini?

UJehova wayiveza indlela ayezizwa ngayo ngeNdodana yakhe, uJesu. Fundani uMathewu 17:​5, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Ungamlingisa kanjani uJehova ngendlela okhuluma ngayo nabasekhaya?

Bheka amathuba okuncoma abanye

ABANYE ABANTU BATHI: “Mina ngisho lokho engikucabangayo, anginandaba nokuthi wena ucabangani.”

  • Ingabe wena uyavumelana nalokho? Kungani usho kanjalo?

UKUBUYEKEZA

Esikushoyo kungabasiza noma kubalimaze abanye. Kudingeka sicabange kahle ukuthi yini esizoyisho, sizoyisho nini, sizoyisho kanjani.

Ufundeni?

  • Ungakhuluma kanjani ngendlela eyakha abanye?

  • Yiziphi izinto okufanele uzigweme lapho ukhuluma?

  • Yini engasisiza sihlale sinomusa futhi sikhuluma izinto ezakhayo?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Yini engasisiza sikhulume kahle nabanye?

Yiba Nolimi Lwabahlakaniphile (8:04)

Funda ukuthi yini engakusiza ungayithuki inhlamba.

“Ingabe Kubi Ngempela Ukuthuka Inhlamba?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

Bona ukuthi ungasigwema kanjani isilingo sokuhleba.

Ngingakugwema Kanjani Ukuhleba? (2:36)

Funda ukuthi uJehova wamsiza kanjani owesilisa othile wayeka ukuthuka inhlamba.

“Ngaqala Ukucabangisisa Ngokuthi Ukuphila Kwami Kuphokophelephi” (INqabayokulinda, Agasti 1, 2013)