Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 54

Ingubani “Inceku Ethembekile Neqondayo” Futhi Yenzani?

Ingubani “Inceku Ethembekile Neqondayo” Futhi Yenzani?

UJesu uyiNhloko yebandla lobuKristu. (Efesu 5:​23) Namuhla, njengoba uJesu esesikhundleni sakhe ezulwini, uqondisa abalandeli bakhe emhlabeni esebenzisa “inceku ethembekile neqondayo.” (Funda uMathewu 24:​45.) UJesu Kristu wabeka leyo “nceku” wayinikeza igunya lokwenza izinqumo. Noma kunjalo, leyo nceku kumelwe ilalele uKristu futhi ikhonze abafowabo. Ingubani leyo nceku? Isinakekela kanjani thina?

1. Ingubani “inceku ethembekile neqondayo”?

UJehova ubelokhu esebenzisa indoda noma iqembu lamadoda ukuze adlulisele iziqondiso zakhe kubantu. (Malaki 2:7; Hebheru 1:1) Ngemva kokufa kukaJesu, abaphostoli nabadala eJerusalema yibo abahola. (IzEnzo 15:2) Namuhla, iqembu elincane labadala elibizwa ngokuthi iNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova lilandela isibonelo esifanayo. Lisisiza siqinise ubuhlobo bethu noNkulunkulu liqondise nomsebenzi wokushumayela. ‘Liyinceku ethembekile neqondayo emiswe [uJesu].’ (Mathewu 24:​45a) Wonke amalungu eNdikimba Ebusayo angamaKristu agcotshwe ngomoya, alindele ukuyobusa noKristu eMbusweni wakhe wasezulwini lapho engasaphili emhlabeni.

2. Iyiphi imfundo esisondeza kuNkulunkulu esiyinikezwa inceku ethembekile?

UJesu wathi inceku ethembekile ‘yayiyonika [amaKristu akanye nayo] ukudla kwawo ngesikhathi esifanele.’ (Mathewu 24:​45b) Njengoba nje ukudla esikudlayo kuqinisa imizimba yethu sibe namandla nempilo, imfundo esisondeza kuNkulunkulu isinika amandla esiwadingayo ukuze sihlale siqotho kuJehova. Isenza sikwazi nokwenza umsebenzi uJesu athi asiwenze. (1 Thimothewu 4:6) Le mfundo siyithola emihlanganweni yebandla, emihlanganweni emikhulu nemincane, ezincwadini ezisekelwe eBhayibhelini nakumavidiyo asisiza siqonde intando kaNkulunkulu naqinisa ubungane bethu naye.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi kungani siyidinga “inceku ethembekile neqondayo,” eyiNdikimba Ebusayo.

INdikimba Ebusayo inikeza imfundo esisondeza kuNkulunkulu, iziqondiso nosizo olungokoqobo koFakazi BakaJehova emhlabeni

3. Abantu bakaJehova kumelwe bahleleke

INdikimba Ebusayo ihlela umsebenzi woFakazi BakaJehova iqondiswa uJesu. Kwakwenzeka okufanayo nakumaKristu okuqala. Dlalani IVIDIYO.

Fundani eyoku-1 Korinte 14:​33, 40, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • La mavesi abonisa kanjani ukuthi uJehova ufuna oFakazi bakhe bahleleke?

4. Inceku ethembekile ihlela umsebenzi wethu wokushumayela

Ukushumayela kwakuwumsebenzi obaluleke kakhulu owawenziwa amaKristu okuqala. Fundani izEnzo 8:​14, 25, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Ubani owayeqondisa umsebenzi wokushumayela kumaKristu okuqala?

  • UPetru noJohane benzenjani lapho bethola isiqondiso esivela kwabanye abaphostoli?

Ukushumayela umsebenzi obaluleke kunayo yonke ehlelwa iNdikimba Ebusayo. Dlalani IVIDIYO.

UJesu wakugcizelela ukubaluleka kokushumayela. Fundani uMarku 13:​10, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Kungani umsebenzi wokushumayela ubaluleke kangaka eNdikimbeni Ebusayo?

  • Kungani sidinga “inceku ethembekile neqondayo” ukuba ihlele lo msebenzi emhlabeni wonke?

5. Inceku ethembekile ikhipha iziqondiso

INdikimba Ebusayo inikeza amaKristu emhlabeni wonke iziqondiso. Inquma kanjani ukuthi ikhipha ziphi iziqondiso? Cabanga ngendlela indikimba ebusayo yamaKristu okuqala eyakwenza ngayo lokhu. Fundani izEnzo 15:​1, 2, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Yiluphi udaba olwenza amaKristu okuqala aphikisana?

  • UPawulu, uBarnaba nabanye baya kobani ukuze baxazulule impikiswano?

Fundani izEnzo 15:​12-​18, 23-​29, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Ngaphambi kokuba indikimba ebusayo yokuqala yenze isinqumo, yini eyayicabangela lapho ifuna isiqondiso sikaNkulunkulu ngale ndaba?​—Bheka ivesi 12, 15 no-28.

Fundani izEnzo 15:​30, 31 no-16:​4, 5 bese nixoxa ngale mibuzo:

  • AmaKristu okuqala enzenjani lapho ethola isiqondiso esivela endikimbeni ebusayo?

  • UJehova wakubusisa kanjani ukulalela kwawo?

Fundani eyesi-2 Thimothewu 3:​16 noJakobe 1:​5, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • INdikimba Ebusayo izifuna kuphi iziqondiso lapho yenza izinqumo namuhla?

ABANYE ABANTU BATHI: “Uma ulalela iNdikimba Ebusayo, kusho ukuthi ukhonza abantu.”

  • Yini ekuqinisekisayo wena ukuthi uJesu uyayiqondisa iNdikimba Ebusayo?

UKUBUYEKEZA

INdikimba Ebusayo ‘iyinceku ethembekile neqondayo’ eyabekwa uKristu. Iqondisa amaKristu emhlabeni wonke iwanike nemfundo ewasiza asondele kuNkulunkulu.

Ufundeni?

  • Ubani owabeka “inceku ethembekile neqondayo”?

  • INdikimba Ebusayo isinakekela kanjani?

  • Ingabe uyakholelwa ukuthi iNdikimba Ebusayo ‘iyinceku ethembekile neqondayo’?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Hlola ukuthi iNdikimba Ebusayo ihlelwe kanjani ukuba yenze umsebenzi wayo.

“Iyini INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

Bona ukuthi iNdikimba Ebusayo iqinisekisa kanjani ukuthi sithola imfundo enembile esisondeza kuNkulunkulu.

Ukubhala Izincwadi Ezinembile (17:18)

Amalungu eNdikimba Ebusayo azizwa kanjani ngomsebenzi uJesu awabele ukuba awenze?

Ilungelo Eliyigugu (7:04)

Imihlangano yebandla nemikhulu ikufakazela kanjani ukuthi uJehova uqondisa iNdikimba Ebusayo?

UJehova Uyabafundisa Abantu Bakhe (9:39)