Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 57

Kuthiwani Uma Wenze Isono Esibi Kakhulu?

Kuthiwani Uma Wenze Isono Esibi Kakhulu?

Nakuba umthanda ngokujulile uJehova futhi uzama kanzima ukugwema izinto ezizomzwisa ubuhlungu, ngezinye izikhathi uzowenza amaphutha. Amanye amaphutha mabi kakhulu kunamanye. (1 Korinte 6:​9, 10) Uma wenze isono esibi kakhulu, khumbula ukuthi uJehova akayekile ukukuthanda, uzimisele ukukuthethelela nokukusiza.

1. Yini okumelwe siyenze ukuze uJehova asithethelele?

Labo abathanda uJehova baphatheka kabi kakhulu lapho beqaphela ukuthi benze isono esibi kakhulu. Kodwa kuyabaduduza lokho uJehova akuthembisa abantu bakhe: “Nakuba izono zenu zibomvu klebhu, zizokwenziwa zibe mhlophe njengeqhwa.” (Isaya 1:​18) Uma siphenduka ngobuqotho, uJehova uyosithethelela ngokuphelele. Siphenduka kanjani? Ngenxa yokuzisola okujulile, siyayeka ukwenza izinto ezimbi bese sincenga uJehova ukuba asithethelele. Ngemva kwalokho, sisebenza kanzima ukuze sishintshe ukucabanga nemikhuba engafanele eyasiholela esonweni, bese sizama ukuphila ngemithetho kaJehova ehlanzekile.​—Funda u-Isaya 55:​6, 7.

2. UJehova ubasebenzisa kanjani abadala ukuba basisize lapho sonile?

Uma senze isono esibi kakhulu, uJehova uthi ‘asibize abadala bebandla.’ (Funda uJakobe 5:​14, 15.) La madoda amisiwe ayamthanda uJehova nezimvu zakhe. Afundisiwe ukuba asisize silungise ubuhlobo bethu noJehova.​—Galathiya 6:1.

Abadala basisiza kanjani uma senze isono esibi kakhulu? Abadala ababili noma abathathu bazosilungisa besebenzisa iseluleko esiseBhayibhelini. Bazosinikeza namacebiso esingawasebenzisa nesikhuthazo ukuze sigweme ukuphinde sone. Bangase banqume ukuthi kunezinto esingeke sikwazi ukuzenza ebandleni isikhashana kuze kube yilapho ubuhlobo bethu noJehova sebuqinile. Ukuze bavikele ibandla emathonyeni alimazayo, abadala basusa ekuhlanganyeleni noma ubani owenza izono ezimbi kakhulu kodwa angaphenduki.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda indlela uJehova asisiza ngayo uma senze isono esibi kakhulu, nokuthi ungabonisa kanjani ukuthi uyabonga.

3. Ukuvuma izono kuyasisiza sibuyisane noJehova

Noma yisiphi isono esisenzayo simzwisa ubuhlungu uJehova, ngakho kuyafaneleka ukuba sisivume kuye. Fundani iHubo 32:​1-5, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Kungani kukuhle ukuba sivume izono zethu kuJehova kunokuba sizifihle?

Ngaphezu kokuvuma izono zethu kuJehova, sithola induduzo lapho sicela usizo kubadala. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

  • Kule vidiyo, abadala bamsiza kanjani uCanon ukuba abuyele kuJehova?

Kudingeka sibatshele konke abadala futhi sethembeke; bakhona ukuze basisize. Fundani uJakobe 5:​16, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Kungani ukwethembeka lapho sikhuluma nabadala kwenza kube lula ukuba basisize?

Vuma isono sakho, wethembeke kubadala, wamukele usizo kuJehova

4. Indlela ukususa ekuhlanganyeleni okusiza ngayo

Uma umuntu owenze isono esibi kakhulu enqaba ukulalela imithetho kaJehova, akabe esaba ingxenye yebandla. Uyasuswa ekuhlanganyeleni futhi asizihlanganisi naye noma sikhulume naye. Fundani eyoku-1 Korinte 5:​6, 11 neyesi-2 Johane 9-11, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Njengoba nje imvubelo ibilisa inhlama, ukuzihlanganisa nesoni esingaphenduki kungaba namuphi umphumela ebandleni?

Abaningi abaye basuswa, babuye babuyela ebandleni ngenxa yokuthi isiyalo, nakuba sibuhlungu, sabasiza babona ukuthi ababekwenzile kwakukubi. (IHubo 141:5) Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

  • Kule vidiyo, kwamsiza kanjani uSonja ukususwa ekuhlanganyeleni?

Ilungiselelo lokususa ekuhlanganyeleni . . .

  • lilidumisa kanjani igama likaJehova?

  • libonisa kanjani ukuthi uJehova uyacabangela futhi unothando?

5. UJehova uyasithethelela lapho siphenduka

UJesu wasebenzisa umfanekiso osisiza siqonde ukuthi uJehova uzizwa kanjani lapho umuntu ephenduka. Fundani uLuka 15:​1-7, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Lo mfanekiso usifundisani ngoJehova?

Fundani uHezekeli 33:​11, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Ukuphenduka kusho ukuthatha siphi isinyathelo esibalulekile?

Njengomalusi, uJehova uzikhathalela ngokujulile izimvu zakhe

ABANYE ABANTU BATHI: “Ngiyesaba ukutshela abadala ngesono engisenzile, ngizovele ngisuswe.”

  • Ubungathini kumuntu ozizwa kanjalo?

UKUBUYEKEZA

Uma senze isono esibi kakhulu kodwa sizisola ngobuqotho futhi sizimisele ukuyeka izinto ezimbi, uJehova uzosithethelela.

Ufundeni?

  • Kungani kukuhle ngathi ukuvuma izono esizenzile kuJehova?

  • Yini okudingeka siyenze ukuze izono zethu zithethelelwe?

  • Uma senze isono esibi kakhulu, kungani kufanele sicele usizo kubadala?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Bukela indlela owesilisa othile awuthola ngayo umusa kaJehova ochazwe ku-Isaya 1:18.

Ungawungabazi Umusa KaJehova (5:02)

Ilungiselelo lokususa ekuhlanganyeleni libazuzisa kanjani bonke abathintekile?

“Okwenza Ukususa Ekuhlanganyeleni Kube Ilungiselelo Lothando” (INqabayokulinda, Meyi 15, 2015)

Funda ukuthi ungamchazela kanjani umuntu ongeyena uFakazi ngelungiselelo lokususa ekuhlanganyeleni.

“Ingabe OFakazi BakaJehova Bayabaxwaya Abantu Ababekhonza Nabo?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

Endabeni ethi “Kwakudingeka Ngibuyele KuJehova,” funda ukuthi kungani indoda ethile eyayishiye iqiniso yaba nomuzwa wokuthi uJehova uyibuyisile.

“IBhayibheli Lishintsha Ukuphila” (INqabayokulinda, Ephreli 1, 2012)