Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 59

Ungakwazi Ukukhuthazela Lapho Ushushiswa

Ungakwazi Ukukhuthazela Lapho Ushushiswa

Noma nini, wonke amaKristu azophikiswa aze ashushiswe nokushushiswa. Ingabe lokho kufanele kusethuse?

1. Kungani sikulindele ukushushiswa?

IBhayibheli lisho ngokucacile: “Bonke labo abafisa ukuphila ngokuzinikela kuNkulunkulu kanye noKristu Jesu nabo bayoshushiswa.” (2 Thimothewu 3:​12) UJesu washushiswa ngenxa yokuthi wayengeyona ingxenye yezwe likaSathane. Nathi asiyona ingxenye yezwe, ngakho asimangali lapho ohulumeni bezwe nezinhlangano zenkolo zisishushisa.​—Johane 15:​18, 19.

2. Singakulungiselela kanjani ukushushiswa?

Kudingeka simethembe nakakhulu uJehova manje. Kufanele wenze isikhathi sokuthandaza nesokufunda ingxenye ethile yeBhayibheli usuku ngalunye. Yiba khona njalo emihlanganweni yebandla. Lezi zinto zizokunikeza amandla nesibindi ukuze ukwazi ukubhekana nokuphikiswa, ngisho noma uphikiswa abasekhaya. Umphostoli uPawulu, owayevame ukushushiswa, wabhala: “UJehova ungumsizi wami; ngeke ngesabe.”​—Hebheru 13:6.

Isibindi singasithola nangokushumayela njalo. Ukushumayela kusifundisa ukuthembela kuJehova futhi singesabi muntu. (IzAga 29:​25) Uma uba nesibindi sokushumayela manje, uyobe ukulungele ukuqhubeka ushumayela ngisho noma ohulumeni bebekela umsebenzi wethu imingcele.​—1 Thesalonika 2:2.

3. Sizuza kanjani lapho sikhuthazelela ukushushiswa?

Yiqiniso, asikujabuleli ukushushiswa kodwa uma silukhuthazelela ushushiso, nokholo lwethu luyaqina. Sisondela kakhulu kuJehova ngoba siyambona esisiza lapho sinomuzwa wokuthi amandla asephelile. (Funda uJakobe 1:​2-4.) Kumzwisa ubuhlungu uJehova ukusibona sihlushwa, kodwa uyajabula lapho esibona sikhuthazela. IBhayibheli lithi: “Uma nikhuthazelela ukuhlupheka ngenxa yokwenza okuhle, lokhu kuyinto eyamukelekayo kuNkulunkulu.” (1 Petru 2:​20) Umvuzo uJehova ayowunika bonke abakhuthazela ngokwethembeka uwukuphila okuphakade ezweni elingenabo abantu abaphikisa abamkhonzayo.​—Mathewu 24:​13.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi kungani sikwazi ukunamathela ngokwethembeka kuJehova naphezu kokushushiswa nokuthi uyosivuza kanjani.

4. Ungakhuthazela lapho uphikiswa abasekhaya

UJesu waveza obala ukuthi umndeni wethu ungase ungahambisani nesinqumo sethu sokukhonza uJehova. Fundani uMathewu 10:​34-​36, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Yini engenzeka lapho ilungu lomndeni linquma ukukhonza uJehova?

Ukuze ubone isibonelo salokhu, dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

  • Yini ongayenza uma isihlobo noma umngane bezama ukukuyekisa ukukhonza uJehova?

Fundani iHubo 27:​10 noMarku 10:​29, 30. Ngemva kokufunda umBhalo ngamunye, xoxani ngalo mbuzo:

  • Lesi sithembiso singase sikusize kanjani uma uphikiswa umndeni noma abangane bakho?

5. Qhubeka ukhonza uJehova naphezu kokushushiswa

Kudinga isibindi ukukhonza uJehova lapho abanye bezama ukusiyekisa. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

  • Yini ekuqinisayo ngezibonelo ezikule vidiyo?

Fundani izEnzo 5:​27-​29 neyamaHebheru 10:​24, 25. Ngemva kokufunda umBhalo ngamunye, xoxani ngalo mbuzo:

  • Kungani kubaluleke kangaka ukuba siqhubeke sikhonza uJehova ngisho noma umsebenzi wokushumayela noma imihlangano ibekelwe imingcele?

6. UJehova uzokusiza ukhuthazele

OFakazi BakaJehova abangalingani ngeminyaka nabavela ezizindeni ezihlukahlukene, baye baqhubeka ngobuqotho bekhonza uJehova ngisho noma beshushiswa. Ukuze ubone ukuthi yini eyabasiza, dlalani IVIDIYO. Ngemva kwalokho, xoxani ngombuzo olandelayo.

  • Kule vidiyo, yini eyasiza lab’ oFakazi bakhuthazela?

Fundani eyabaseRoma 8:​35, 37-​39 neyabaseFilipi 4:​13. Ngemva kokufunda umBhalo ngamunye, xoxani ngalo mbuzo:

  • Lo mBhalo ukwenza kanjani uqiniseke ukuthi ungakwazi ukukhuthazelela noma yiluphi uvivinyo?

Fundani uMathewu 5:​10-​12, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Kungani ungajabula naphezu kokushushiswa?

Izigidi zabantu abakhonza uJehova ziye zakukhuthazelela ukuphikiswa. Nawe ungakhuthazela!

ABANYE ABANTU BATHI: “Ey, ngeke ngikumele ukushushiswa.”

  • Yimiphi imiBhalo engabanika isibindi abasidingayo?

UKUBUYEKEZA

UJehova akayibukeli phansi imizamo yethu yokumkhonza naphezu koshushiso. Ngosizo lwakhe singakwazi ukukhuthazela!

Ufundeni?

  • Kungani amaKristu kufanele akulindele ukushushiswa?

  • Yini ongayenza manje ukuze lapho ushushiso lufika, ube usululungele?

  • Yini engakusiza uzizwe unesibindi sokuthi ungamkhonza uJehova naphezu kwanoma yiluphi uvivinyo?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Bukela umzalwane osemusha echaza ukuthi uJehova wamsiza kanjani ukuba akhuthazele lapho eboshelwe ukungathathi hlangothi.

Ukukhuthazela Naphezu Kokushushiswa (2:34)

Bukela ukuthi yini eyasiza indoda nomkayo bakhonza uJehova ngokwethembeka iminyaka eminingi naphezu kokuphikiswa.

Ukukhonza UJehova Ngezikhathi Zezinguquko (7:11)

Funda ukuthi ungaba kanjani nesibindi lapho uphikiswa.

“Kulungele Manje Ukubhekana Noshushiso” (INqabayokulinda, Julayi 2019)

Kufanele ube yini umbono wethu ngokuphikiswa abomndeni, futhi singabhekana kanjani nezinkinga ezihambisana nako?

“Iqiniso Liletha Inkemba Hhayi Ukuthula” (INqabayokulinda, Okthoba 2017)