Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 60

Qhubeka Uthuthuka

Qhubeka Uthuthuka

Kuzo zonke lezi zifundo zeBhayibheli, ufunde okuningi ngoJehova. Izinto osuzifundile zikwenze wamthanda kakhulu kangangokuba cishe usuzinikezele kuye waze wabhapathizwa. Uma ungakakwenzi lokho, mhlawumbe ucabanga ukukwenza maduze. Kodwa intuthuko yakho ayipheleli lapho. Ungaqhubeka usondela kuJehova kuze kube phakade. Ungakwenza kanjani?

1. Kungani kufanele uqhubeke uqinisa ubungane bakho noJehova?

Kumelwe sisebenze kanzima ukuze siqhubeke siqinisa ubungane bethu noJehova. Kungani? “Ukuze singalokothi sikhukhuleke.” (Hebheru 2:1) Yini engasisiza siqhubeke sikhonza uJehova ngokwethembeka? Singahlala simatasa emsebenzini wokushumayela, sibheke nezinye izindlela zokukhonza uNkulunkulu wethu ngokugcwele. (Funda eyabaseFilipi 3:​16.) Ukukhonza uJehova kuwukuphila okungcono kakhulu!​—IHubo 84:10.

2. Yini enye okufanele uqhubeke uyenza?

Nakuba lezi zifundo zeBhayibheli seziphela, ukuphila kwakho njengomKristu kuzoqhubeka. IBhayibheli lithi kudingeka ‘sigqoke ubuntu obusha.’ (Efesu 4:​23, 24) Njengoba uqhubeka utadisha iZwi likaNkulunkulu, uya nasemihlanganweni yebandla, uzofunda izinto ezintsha ngoJehova nezimfanelo zakhe. Funa izindlela ongabulingisa ngazo kakhudlwana ubuntu bakhe ekuphileni kwakho. Qhubeka wenza izinguquko ezidingekayo ukuze ujabulise uJehova.

3. UJehova uzokusiza kanjani uthuthuke?

IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu . . . ngokwakhe uyoqedela ukuqeqeshwa kwenu. Uyonenza niqine, uyonenza nibe namandla, uyonisekela.” (1 Petru 5:​10) Sonke siyabhekana nezilingo. Kodwa uJehova usinika esikudingayo ukuze sikwazi ukumelana nazo. (IHubo 139:​23, 24) Uthembisa ukukunikeza isifiso namandla okumkhonza ngokwethembeka.​—Funda eyabaseFilipi 2:​13.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi yini okufanele uyenze ukuze uqhubeke uthuthuka nokuthi uJehova uzokubusisa kanjani.

4. Qhubeka ukhuluma futhi ulalela uMngane wakho omkhulu

Umthandazo nesifundo seBhayibheli kukusizile waba umngane kaJehova. Ukwenza lezo zinto kuzokusiza kanjani usondele nakakhulu kuye?

Fundani iHubo 62:​8, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Ungayithuthukisa kanjani imithandazo yakho ukuze uqinise ubungane bakho noJehova?

Fundani iHubo 1:2 nombhalo waphansi, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Ukuze uqinise ubungane bakho noJehova, yini ongayenza ukuze uzuze ngokugcwele ekufundeni iBhayibheli?

Yini ongayenza ukuze uzuze ngokugcwele esifundweni sakho somuntu siqu? Ukuze uthole amacebiso, dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.

  • Yimaphi amacebiso akule vidiyo ongawasebenzisa?

  • Yiziphi izihloko ongathanda ukuzitadisha?

5. Zibekele imigomo enkonzweni kaJehova

Ukuba nemigomo enkonzweni kaJehova kuzokusiza uqhubeke uthuthuka. Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

  • Kule vidiyo, kwamzuzisa kanjani uCameron ukuzibekela imigomo enkonzweni kaJehova?

Akuyena wonke umuntu ongathuthela kwelinye izwe ukuze ayoshumayela. Noma kunjalo, sonke singazibekela imigomo esingayifinyelela. Fundani izAga 21:​5, bese ucabanga ukuthi yimiphi imigomo ongathanda ukuzibekela yona . . .

  • ebandleni.

  • enkonzweni yasensimini.

Isimiso esikuleli vesi singakusiza kanjani ufinyelele imigomo yakho?

Imigomo ongazibekela yona

  • Thuthukisa imithandazo yakho.

  • Lifunde lonke iBhayibheli.

  • Bajwayele bonke ebandleni.

  • Qala isifundo seBhayibheli futhi usiqhube.

  • Yiba iphayona elisizayo noma elivamile.

  • Uma ungumzalwane, thuthukela ekubeni inceku ekhonzayo.

6. Phila kuze kube phakade!

Fundani iHubo 22:​26, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Yini ongayenza ukuze ujabulele ukuphila manje naphakade?

UKUBUYEKEZA

Qhubeka uqinisa ubungane bakho noJehova futhi uzibekele imigomo enkonzweni yakhe. Uma wenza kanjalo, uyophila kuze kube phakade!

Ufundeni?

  • Kungani uqiniseka ukuthi uJehova uzokusiza umkhonze ngokwethembeka?

  • Ungabuqinisa kanjani ubungane bakho noJehova?

  • Imigomo ozibekela yona enkonzweni kaJehova ingakusiza kanjani uthuthuke?

Umgomo Wesikhathi Esizayo

HLOLA OKWENGEZIWE

Yikuphi uJehova akubheka njengokubaluleke kakhulu, yisenzo esisodwa esibonisa ukuzinikela kuye noma ukwethembeka kuye ukuphila kwakho konke?

Thembeka Njengo-Abraham (9:20)

Ngisho nenceku kaJehova ethembekile ingase iphelelwe injabulo. Bona ukuthi yini ongayenza ukuze uphinde ujabule.

Phinde Uthole Injabulo Ngokutadisha Nokuzindla (5:25)

Ungayibeka kanjani imigomo enkonzweni kaJehova bese uyayifinyelela?

“Sebenzisa Imigomo Engokomoya Ukuze Ukhazimulise UMdali Wakho” (INqabayokulinda, Julayi 15, 2004)

Kungani kubalulekile ukuba ngumKristu ovuthiwe futhi yini ongayenza ukuze uvuthwe?

“Phokophelela Ekuvuthweni​—‘Usuku Olukhulu LukaJehova Luseduze’” (INqabayokulinda, Meyi 15, 2009)