Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Okufunde Engxenyeni 2

Okufunde Engxenyeni 2

Xoxa ngale mibuzo elandelayo nothisha wakho:

  1. UNkulunkulu uzokwenzani ngezinkolo zamanga?

    (Bheka iSifundo 13.)

  2. Fundani u-Eksodusi 20:​4-6.

    • UJehova uzizwa kanjani lapho abantu besebenzisa izithombe lapho bemkhonza?

      (Bheka iSifundo 14.)

  3. Ungubani uJesu?

    (Bheka iSifundo 15.)

  4. Yiziphi izimfanelo zikaJesu ozithandayo?

    (Bheka iSifundo 17.)

  5. Fundani uJohane 13:​34, 35 nezEnzo 5:42.

    • Obani abangamaKristu eqiniso namuhla? Yini ekwenza uqiniseke ukuthi bangamaKristu eqiniso?

      (Bheka iSifundo 18 no-19.)

  6. Ubani oyinhloko yebandla, futhi uliqondisa kanjani?

    (Bheka iSifundo 20.)

  7. Fundani uMathewu 24:14.

    • Lesi siprofetho sigcwaliseka kanjani namuhla?

    • Obani osubaxoxele izindaba ezinhle?

      (Bheka iSifundo 21 no-22.)

  8. Ucabanga ukuthi ukubhapathizwa kusewumgomo ofuna ukuwufinyelela? Kungani?

    (Bheka iSifundo 23.)

  9. Ungazivikela kanjani kuSathane namademoni?

    (Bheka iSifundo 24.)

  10. UNkulunkulu ufuna siphile kanjani?

    (Bheka iSifundo 25.)

  11. Kungani abantu behlupheka futhi beshona?

    (Bheka iSifundo 26.)

  12. Fundani uJohane 3:16.

    • Yini uJehova ayenzile ukuze asikhulule esonweni nasekufeni?

      (Bheka iSifundo 27.)

  13. Fundani umShumayeli 9:5.

    • Kwenzekani kithi lapho sishona?

    • Yini uJesu azoyenzela izigidi zabantu esezashona?

      (Bheka iSifundo 29 no-30.)

  14. Kungani uMbuso kaNkulunkulu ungcono kunohulumeni babantu?

    (Bheka iSifundo 31 no-33.)

  15. Ingabe uyakholelwa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu usuyabusa? Kungani ukukholelwa? Waqala nini ukubusa?

    (Bheka iSifundo 32.)