Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Okufunde Engxenyeni 4

Okufunde Engxenyeni 4

Xoxani ngale mibuzo elandelayo nothisha wakho:

  1. Fundani izAga 13:20.

    • Kungani kubalulekile ukukhetha abangane ngokuhlakanipha?

      (Bheka iSifundo 48.)

  2. Yisiphi iseluleko seBhayibheli ­esingakusiza . . .

    • uma uyindoda noma uyinkosikazi?

    • uma ungumzali noma ingane?

      (Bheka iSifundo 49 no-50.)

  3. Iyiphi indlela yokukhuluma ejabulisa uJehova? Iyiphi indlela yokukhuluma engamjabulisi?

    (Bheka iSifundo 51.)

  4. Yiziphi izimiso zeBhayibheli ezizokusiza wenze izinqumo ezinhle ngokuqondene nendlela obukeka ngayo?

    (Bheka iSifundo 52.)

  5. Ungazikhetha kanjani izinto zokuzijabulisa ezithokozisa uJehova?

    (Bheka iSifundo 53.)

  6. Fundani uMathewu 24:45-47.

    • Ingubani “inceku ethembekile neqondayo”?

      (Bheka iSifundo 54.)

  7. Ungalisekela kanjani ibandla ngesikhathi ­sakho, amandla nezinto onazo?

    (Bheka iSifundo 55.)

  8. Fundani iHubo 133:1.

    • Yini ongayenza ukuze wenze kube nobunye ebandleni?

      (Bheka iSifundo 56.)

  9. Singaluthola kanjani usizo lukaJehova uma senze isono esibi kakhulu?

    (Bheka iSifundo 57.)

  10. Fundani eyoku-1 IziKronike 28:9 nombhalo waphansi.

    • Ungabonisa kanjani ukuthi ‘uzinikele ngokuphelele’ kuJehova lapho abanye bephikisa inkolo yeqiniso noma beyeka ukukhonza uJehova?

    • Ukuze uhlale uqotho kuJehova futhi uzihlukanise nenkolo yamanga, lukhona yini ushintsho okudingeka ulwenze?

      (Bheka iSifundo 58.)

  11. Ungalulungiselela kanjani ushushiso?

    (Bheka iSifundo 59.)

  12. Yini ohlela ukuyenza ukuze uqhubeke uthuthuka enkonzweni kaJehova?

    (Bheka iSifundo 60.)