Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ngikulungele?

Ingabe Ngikulungele?

Ingabe Ngikulungele Ukushumayela Nebandla?

Kungenzeka usukulungele ukuba ummemezeli ongabhapathiziwe . . .

  • Uma utadisha iBhayibheli njalo, uthandaza, uya nasemihlanganweni yebandla.

  • Uma ukuthanda, ukukholelwa lokho okufundayo futhi ufuna ukukuxoxela abanye.

  • Uma uthanda uJehova futhi ukhetha abantu abamthandayo ukuba babe abangane bakho abakhulu.

  • Uma ususulile ekubeni ilungu lanoma iyiphi inhlangano yezepolitiki noma yenkolo yamanga.

  • Uma uphila ngemithetho kaJehova futhi ufuna ukuba omunye woFakazi BakaJehova.

Uma unomuzwa wokuthi usukulungele ukushumayela nebandla, uthisha wakho uzohlela ukuba ubonane nabadala ukuze nixoxe ngokuthi ungafaneleka kanjani.

Ingabe Ngikulungele Ukubhapathizwa?

Kungenzeka usukulungele ukubhapathizwa . . .

  • Uma ungummemezeli ongabhapathiziwe.

  • Uma uhlanganyela njalo emsebenzini wokushumayela kuye ngezimo zakho.

  • Uma usekela futhi ulandela isiqondiso ‘senceku ethembekile neqondayo.’—Mathewu 24:45-47.

  • Uma usuzinikezele kuJehova ngomthandazo futhi ufuna ukumkhonza kuze kube phakade.

Uma unomuzwa wokuthi usukulungele ukubhapathizwa, uthisha wakho uzohlela ukuba ubonane nabadala ukuze nixoxe ngokuthi ungafaneleka kanjani.