Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isethulo

Isethulo

Incwadi ethi ImiBhalo Ewusizo Ekuphileni KwamaKristu izokwenza kube lula ukuthola amavesi eBhayibheli nezindaba eziseBhayibhelini okuzokusiza ubhekane nezinselele ekuphileni. Izokusiza uthole nemiBhalo ongakhuthaza ngayo abanye futhi ubasize benze izinqumo ezidumisa uJehova. Khetha isihloko osithandayo. Isihloko ngasinye sinemibuzo ewusizo nezincazelo ezimfushane zezindaba zeBhayibheli. (Bheka ibhokisi elithi “ Indlela Yokusebenzisa Le Ncwadi.”) Uzobe usuthola iseluleko nesiqondiso okuwusizo kanye nenduduzo evela eZwini likaNkulunkulu. Uzothola nengcebo ongayixoxela abanye—amavesi eBhayibheli angabaqinisa, abasize ezinkingeni abanazo aphinde abeluleke futhi abakhuthaze.

Le ncwadi ayifakanga yonke imibhalo ekhuluma ngesihloko esikhethiwe. Kodwa iyithuluzi eliwusizo kakhulu ongaqala kulo uma ucwaninga. (IzA 2:​1-6) Ukuze umbe ujule, sebenzisa izikhombo namanothi okutadisha asenguqulweni ethi New World Translation of the Holy Scriptures, uma ekhona ngolunye ulimi oluqondayo. Sebenzisa INcwadi Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova noma i-Watch Tower Publications Index ukuze utadishe ngokugcwele incazelo yombhalo noma indlela osebenza ngayo. Funda izinto ezisanda kunyatheliswa ukuze uqiniseke ukuthi uthola ulwazi lwakamuva lwamaqiniso eBhayibheli.

Kwangathi incwadi ethi ImiBhalo Ewusizo Ekuphileni KwamaKristu ingakusiza uthole ukuhlakanipha, ulwazi futhi uqonde okuqukethwe imiBhalo Engcwele. Njengoba usebenzisa le ncwadi, uzoqiniseka nakakhulu ukuthi “izwi likaNkulunkulu liyaphila, linamandla.”—Heb 4:12.