Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ImiKhosi

ImiKhosi

Imikhosi amaKristu ayigubhayo

Yimuphi umkhosi amaKristu okufanele awugubhe?

Abantu bakaNkulunkulu bahlangana ndawonye ukuze bakhonze

Dut 31:12; Heb 10:24, 25

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:

Imikhosi amaKristu ayigwemayo

Kungani kukubi ukugubha imikhosi ehlobene nenkolo yamanga?

1Ko 10:21; 2Ko 6:14-18; Efe 5:10, 11

Bheka nesithi “Ukuxuba Inkolo Yeqiniso Neyamanga

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Eks 32:1-10—Ama-Israyeli acasula uJehova lapho exuba inkolo yeqiniso neyamanga

    • Num 25:1-9—UJehova ujezisa abantu bakhe ngoba begubhe imikhosi yenkolo yamaqaba futhi beziphathe kabi ngokocansi

Kufanele yini amaKristu agubhe uKhisimusi?

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Luk 2:1-5—UJesu uzalwa ngenkathi amaRoma ebala abantu, cishe ngaleyo nkathi amaRoma ayengeke aphoqe amaJuda avukelayo ukuba athathe uhambo ebusika

    • Luk 2:8, 12—Lapho uJesu ezalwa, abelusi basuke bephandle okuyinto abangeke bayenze ebusika bangoDisemba

Kufanele yini amaKristu agubhe izinsuku zokuzalwa?

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Gen 40:20-22—UFaro ongamkhonzi uNkulunkulu ugubha usuku lwakhe lokuzalwa, kulo kubulawa umuntu

    • Mat 14:6-11—Ngesikhathi iNkosi uHerode, ezonda abalandeli bakaKristu, igubha usuku lwayo lokuzalwa ibulala uJohane uMbhapathizi

Imikhosi esekelwe eMthethweni KaMose

Izimfuneko zoMthetho KaMose, ezihlanganisa imikhosi ehlukahlukene, ziyasebenza yini nakumaKristu?

Kufanele yini amaKristu agubhe iSabatha lamasonto onke?

Kol 2:16, 17

Bheka nalo mBhalo Eks 31:16, 17

Imikhosi yobuzwe

Kufanele yini amaKristu agubhe imikhosi yezwe?

Kufanele yini amaKristu akhumbule futhi ahloniphe izimpi zezwe?

Kufanele yini amaKristu ahlanganyele emikhosini edumisa abantu abavelele?

Eks 20:⁠5; Rom 1:⁠25

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • IzE 12:21-23—UNkulunkulu ujezisa iNkosi uHerode ngokuvuma ukudunyiswa abantu

    • IzE 14:11-15—Umphostoli uBarnaba noPawulu benqaba ukudunyiswa ngokweqile

    • IsA 22:8, 9—Ingelosi kaJehova iyenqaba ukudunyiswa