Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UkuPhoxeka

UkuPhoxeka

Ukuphoxeka lapho abanye besenzele phansi, besizwisa ubuhlungu noma besikhaphela

Hu 55:12-14; Luk 22:21, 48

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Sa 8:1-6—Umprofethi uSamuweli uzwa ubuhlungu futhi uyaphoxeka ngenxa yokuthi ama-Israyeli aphoqelela ukuba awabekele inkosi

    • 1Sa 20:30-34—UJonathani uzwa ubuhlungu futhi uzizwa ehlazekile lapho uyise, iNkosi uSawule, emthukuthelela kakhulu

  • ImiBhalo eduduzayo:

  • Izindaba eziseBhayibhelini eziduduzayo:

    • Hu 55:12-14, 16-18, 22—INkosi uDavide iphonsa umthwalo wayo kuJehova futhi ithola induduzo nakuba ikhashelwe umngani wayo oseduze u-Ahithofeli

    • 2Ti 4:16-18—Ngesikhathi umphostoli uPawulu ebhekene nobunzima, abantu bayamlahla kodwa uba namandla ngokuncika kuJehova nangenxa yethemba alinikezayo

Ukuphoxeka ngenxa yobuthakathaka bethu nokuba nesono

Job 14:4; Rom 3:23; 5:12

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Hu 51:1-5—INkosi uDavide izwa ubuhlungu obukhulu ngenxa yokona uJehova

    • Rom 7:19-24—Umphostoli uPawulu uzizwa elusizi ngenxa yokulwisana ngokuqhubekayo nokuthambekela esonweni

  • ImiBhalo eduduzayo:

  • Izindaba eziseBhayibhelini eziduduzayo:

    • 1Kh 9:2-5—Nakuba iNkosi uDavide yenza izono ezinkulu kakhulu, uJehova uyikhumbula njengendoda eqotho

    • 1Ti 1:12-16—Naphezu kokwenza izono ezimbi kakhulu, umphostoli uPawulu uyaqiniseka ngokuthi uzoboniswa umusa