Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UTshwala

UTshwala

Ingabe iBhayibheli lithi akulungile ukuphuza utshwala ngokulinganisela?

Hu 104:14, 15; Shu 9:7; 10:19; 1Ti 5:23

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:

    • Joh 2:1-11—UJesu wenza isimangaliso sokuqala lapho enza iwayini eliningi elimnandi futhi ngenxa yalokho umakoti nomkhwenyana abahlazeki emshadweni wabo

Yiziphi izingozi ezibangelwa ukuphuza ngokweqile noma ukudakwa?

Izinceku zikaNkulunkulu zikubheka kanjani ukudakwa?

1Ko 5:11; 6:9, 10; Efe 5:18; 1Ti 3:2, 3

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Gen 9:20-25—Njengoba uNowa esedakiwe, uvulela umzukulu wakhe ithuba lokwenza isono esibi kakhulu

    • 1Sa 25:2, 3, 36—UNabali, indoda enokhahlo neyisiphukuphuku, yenza izinto ezihlazisayo ezihlanganisa nokudakwa kakhulu

    • Dan 5:1-6, 22, 23, 30, 31—INkosi uBhelishazari iphuza iwayini eliningi kakhulu, ibe seyithuka uJehova uNkulunkulu; inkosi ibulawa ngabo kanye lobu busuku

Kungani kudingeka siqaphele ukuthi siphuza kangakanani ngisho noma singadakwa?

Singamsiza kanjani omunye umKristu alwisane nomkhuba wokuphuza ngokweqile?