Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IsiKhuthazo

IsiKhuthazo

Kungani kubalulekile ukuba izikhonzi zikaNkulunkulu zikhuthazane?

Isay 35:3, 4; Kol 3:16; 1Th 5:11; Heb 3:13

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 2Kr 32:2-8—INkosi uHezekiya ikhuthaza abantu bayo lapho bezohlaselwa abase-Asiriya

    • Dan 10:2, 8-11, 18, 19—Ingelosi ikhuthaza futhi iqinisa umprofethi uDaniyeli osekhulile nosephelelwe amandla

Labo abanegunya banasiphi isibopho endabeni yokukhuthaza abanye?

Isay 32:1, 2; 1Pe 5:1-3

Bheka nalo mBhalo Mat 11:28-30

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Dut 3:28; 31:7, 8—Umprofethi uMose ukhuthaza aqinise uJoshuwa, osezoba umholi wesizwe olandelayo, njengoba nje uJehova eyalile

    • IzE 11:22-26; 14:22—Phakathi nesikhathi soshushiso, umphostoli uPawulu nomphostoli uBarnaba bakhuthaza amaKristu ase-Antiyokiya

Kungani ukuncoma ngokusuka enhliziyweni kubalulekile lapho sikhuthaza abanye?

IzA 31:28, 29; 1Ko 11:2

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Hlu 11:37-40—Unyaka nonyaka, abesifazane bakwa-Israyeli bavakashela indodakazi kamaHluleli uJefta ukuze bayincome ngokuzidela kwayo

    • IsA 2:1-4—UJesu kwadingeka awalungise amaKristu ase-Efesu kodwa waphinde wawatshela ukuthi ayenza kahle

Izikhonzi zikaJehova ezithembekile zikhuthazana kanjani?

IzA 15:23; Efe 4:29; Flp 1:13, 14; Kol 4:6; 1Th 5:14

Bheka nalo mBhalo 2Ko 7:13, 15, 16

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Sa 23:16-18—UJonathani ufuna umngani wakhe osemncane uDavide futhi uyamkhuthaza njengoba ebhekene nesikhathi esinzima

    • Joh 16:33—UJesu ukhuthaza abalandeli bakhe ngokubabekela isibonelo nangokubaqinisekisa ukuthi njengaye, bangakwazi ukunqoba

    • IzE 28:14-16—Lapho umphostoli uPawulu esendleleni eya eRoma ecaleni lakhe, ubona abafowabo abathembekile abasuka kude bezomkhuthaza ngakho uba nesibindi

Kungani kubalulekile ukuba sigweme ukudelela nokukhononda?

Flp 2:14-16; Jud 16-19

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Num 11:10-15—Umprofethi uMose udumele kakhulu ngenxa yokungalaleli kwabantu

    • Num 13:31, 32; 14:2-6—Inkulumo engakhi yezinhloli eziyishumi ezingenalo ukholo idumaza abantu futhi ibenza bavukele

Ukuzihlanganisa nesikholwa nabo kusenza kanjani sibe nesibindi?

IzA 27:17; Rom 1:11, 12; Heb 10:24, 25; 12:12

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 2Kr 20:1-19—Lapho iNkosi uJehoshafati isongelwa yibutho lempi elikhulu ibiza abantu ukuze bathandaze ndawonye

    • IzE 12:1-5, 12-17—Ngemva kokuba uJakobe ebulewe nomphostoli uPetru eboshiwe, ibandla laseJerusalema lihlangana ndawonye ukuze lithandaze

Kusisiza kanjani ukuba nethemba lapho sisesikhathini esinzima?

IzE 5:40, 41; Rom 8:35-39; 1Ko 4:11-13; 2Ko 4:16-18; 1Pe 1:6, 7

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Gen 39:19-23; 40:1-8—UJosefa uqanjelwe amanga futhi uboshelwe into angayenzanga kodwa uhlala ethembekile, ezimisele nokusiza abanye

    • 2Kh 6:15-17—Umprofethi u-Elisha akangenwa amanzi emadolweni njengoba esengozini enkulu futhi uthandazela ukuba nesikhonzi sakhe singesabi

Ukuthola isikhuthazo eZwini likaJehova

Yini uJehova asiqinisekisa ngayo ebonisa ukuthi uyasithanda?

Ukucabanga ngesineke nangomusa kaJehova kungasikhuthaza kanjani?

Yini uJehova angayenzela labo abaphelelwe amandla?

Hu 46:1; Isay 12:2; 40:29-31; Flp 4:13

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Sa 1:10, 11, 17, 18—UJehova ulalela umthandazo kaHana, umsiza nokuba athole ukuthula lapho ecindezelekile futhi ephatheke kabi

    • 1Kh 19:1-19—Lapho umprofethi u-Eliya edikibele, uJehova umnika ukudla namanzi. Uyamkhuthaza futhi uyamduduza ngokumnikeza ithemba ngekusasa

Ithemba esinalo ngekusasa elisekelwe eBhayibhelini lisenza kanjani sibe nesibindi?

2Kr 15:7; Hu 27:13, 14; Heb 6:17-19; 12:2

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Job 14:1, 2, 7-9, 13-15—Ngesikhathi uJobe esebunzimeni obukhulu, ududuzwa yithemba lovuko

    • Dan 12:13—Umprofethi uDaniyeli, oneminyaka ecela kweyikhulu, ukhuthazwa yingelosi emtshela ngomvuzo azowuthola

Kusikhuthaza kanjani ukuthandaza kuJehova nokuzindla ngalokho esikwaziyo ngaye?

Hu 18:6; 56:4, 11; Heb 13:6

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Sa 30:1-9—Lapho iNkosi uDavide isebunzimeni, ithandaza kuJehova futhi ithola amandla

    • Luk 22:39-43—Lapho uJesu ebhekene novivinyo olukhulu, unxusa uJehova ngomthandazo, uyamphendula ngokuthumela ingelosi ukuze imqinise

Lapho sizwa imibiko ejabulisayo futhi siyixoxela abanye, singakhuthazeka kanjani?

IzA 15:30; 25:25; Isay 52:7

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • IzE 15:2-4—Umphostoli uPawulu nomphostoli uBarnaba bawakhuthaza kakhulu amabandla abawavakashelayo

    • 3Jo 1-4—Umphostoli osekhulile uJohane ukhuthazeka kakhulu ukuzwa ukuthi labo abafundise iqiniso basathembekile