Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UkuKhuthazela

UkuKhuthazela

Ingabe izinceku zikaJehova ziyakudinga ukukhuthazela?

Kungani kufanele silindele ukuthi abanye ngeke bazithande izindaba ezinhle esizishumayelayo, baze ngisho basishushise?

Mat 10:22; Joh 15:18, 19; 2Ko 6:4, 5

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 2Pe 2:5; Gen 7:23; Mat 24:37-39—Nakuba uNowa ‘engumshumayeli wokulunga,’ abantu abaningi abamlaleli futhi wuye nomndeni wakhe kuphela abasinda kuZamcolo

    • 2Ti 3:10-14—Umphostoli uPawulu usebenzisa isibonelo sakhe sokukhuthazelela ukuhlupheka nobuhlungu ukuze afundise uThimothewu indlela yokukhuthazela

Kungani singalindela ukuthi ngisho namalungu omndeni wethu azosishushisa?

Mat 10:22, 36-38; Luk 21:16-19

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Gen 4:3-11; 1Jo 3:11, 12—UKhayini ubulala umfowabo ngenxa yezenzo zakhe ezimbi kuyilapho u-Abela yena elungile

    • Gen 37:5-8, 18-28—Abafowabo bakaJosefa bayamhlasela bese beyamdayisa ukuze abe isigqila ngoba ebatshele iphupho elivela kuJehova

Kungani kungamele sikwesabe ukufa lapho sishushiswa?

Mat 10:28; 2Ti 4:6, 7

Bheka nalo mBhalo IsA 2:10

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Dan 3:1-6, 13-18—UShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego bancamela ukufa kunokukhulekela isithombe

    • IzE 5:27-29, 33, 40-42—Abaphostoli bayaqhubeka beshumayela futhi bekhuthazela nakuba besatshiswa ngokuthi bazobulawa

Yini ezosisiza sihlale sithembekile kuJehova ngisho noma siyalwa?

IzA 3:11, 12; Heb 12:5-7

Ukungathembeki kwabanye kungakuvivinya kanjani ukukhuthazela kwethu?

Jer 1:16-19; Hab 1:2-4

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Hu 73:2-24—Lapho umhubi ebona ukuthi abantu ababi banokuthula futhi bayaphumelela, uyazibuza ukuthi kunanzuzoni ukukhuthazela kwakhe njengoba ekhonza uJehova

    • Joh 6:60-62, 66-68—Umphostoli uPetru uzimisele ukukhuthazela ngokholo nakuba abantu abaningi beyeka ukulandela uJesu

Yini ezosisiza sikhuthazele?

Ukunamathela kuJehova

Ukufunda iZwi likaNkulunkulu, ukutadisha nokuzindla

Ukuthandaza njalo kuJehova ngokusuka enhliziyweni

Rom 12:12; Kol 4:2; 1Pe 4:7

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Dan 6:4-11—Umprofethi uDaniyeli uyaqhubeka nokuthandaza njalo obala, nakuba kunetulo lokumbulala

    • Mat 26:36-46; Heb 5:7—Ngobusuku bakhe bokugcina esemhlabeni, uJesu uthandaza elusizi, unxusa abanye ukuthi nabo bathandaze

Ukuhlangana njalo nesikholwa nabo ukuze sikhonze ndawonye

Ukuhlale sizikhumbula izithembiso zikaJehova

Ukuqinisa indlela esithanda ngayo uJehova, abafowethu nodadawethu abangamaKristu nokulunga

Indlela yokuqinisa ukholo lwethu

Ukuba nombono ofanele lapho sishushiswa

Yiziphi izinzuzo zokukhuthazela ngokwethembeka?

Sidumisa uJehova uNkulunkulu

IzA 27:11; Joh 15:7, 8; 1Pe 1:6, 7

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Job 1:6-12; 2:3-5—USathane uphonsela uJehova inselele mayelana nobuqotho bukaJobe, le nselele ingaphendulwa kuphela uma uJobe ekhuthazela ngokwethembeka njengenceku kaJehova

    • Ro 5:19; 1Pe 1:20, 21—UJesu ukhuthazela ngokwethembeka kuze kube sekugcineni, lokhu kwenza kuphenduleke umbuzo obaluleke kakhulu: Ngokungafani no-Adamu, umuntu ongenasono angakwazi yini ukugcina ubuqotho bakhe, aphumelele ngisho nalapho evivinywa kanzima?

Sikhuthaza abanye ukuba bakhuthazele

Ukukhuthazela kwenza inkonzo yethu ithele

UJehova uyasamukela futhi sithola izibusiso