Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UkuThethelela

UkuThethelela

UJehova uthethelela ngezinga elikhulu kangakanani?

Hu 86:5; Dan 9:9; Mik 7:18

Bheka nalo mBhalo 2Pe 3:9

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Hu 78:40, 41; 106:36-46—Ngokuphindaphindiwe, uJehova uthethelela ama-Israyeli anhlanhlathayo nakuba ukona kwawo kumzwisa ubuhlungu

    • Luk 15:11-32—UJesu uchaza indlela uJehova athethelela ngayo ngokwenza umfanekiso kababa onesihe ophatha indodana yakhe engalaleli ngomusa kodwa ephendukayo

Yini uJehova ayenzile ukuze sithole intethelelo

Joh 1:29; Efe 1:7; 1Jo 2:1, 2

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Heb 9:22-28—Umphostoli uPawulu uchaza ukuthi singathethelelwa kuphela izono zethu ngegazi likaKristu

    • IsA 7:9, 10, 14, 15—Umphostoli uJohane ubona umbono ‘wesixuku esikhulu’ esinobuhlobo obuhle noNkulunkulu ngenxa yegazi likaKristu

Uma sifuna uJehova asithethelele, yini okufanele siyenze lapho abanye besona?

Mat 6:14, 15; Mar 11:25; Luk 17:3, 4; Jak 2:13

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Job 42:7-10—Ngaphambi kokuba uJehova aqede usizi lukaJobe futhi ambuyisele impilo enhle nengcebo yakhe, ucela uJobe ukuba athandazele abangani bakhe abathathu abakhulume kabi ngaye

    • Mat 18:21-35—UJesu uxoxa ngomfanekiso owenza kucace ukuthi kungani kubalulekile ukuthethelela abanye uma nathi sifuna ukuthethelelwa

Kubaluleke kangakanani ukuvuma izono futhi siphenduke ngobuqotho?

IzE 3:19; 26:20; 1Jo 1:8-10

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Hu 32:1-5; 51:1, 2, 16, 17—INkosi uDavide izizwa iphelelwa amandla futhi izwa ubuhlungu ngenxa yezono zayo ezinkulu, kodwa iphenduka ngobuqotho

    • Jak 5:14-16—UJakobe uthi lapho senze isono esikhulu, kufanele siye kubadala

Yiluphi ushintsho okufanele silwenze uma sifuna uJehova asithethelele?

IzA 28:13; Isay 55:7; Efe 4:28

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Kh 21:27-29; 2Kr 18:18-22, 33, 34; 19:1, 2—Lapho iNkosi u-Ahabi yahlulelwa, iyazithoba futhi uJehova uyibonisa umusa; kodwa ayiphendukile ngempela futhi uJehova uyibheka njengenkosi embi ngakho ubangela ukuba ibulawe

    • 2Kr 33:1-16—INkosi uManase yenza izinto ezimbi kakhulu; kodwa lapho iphenduka uJehova uyayithethelela. UManase ubonisa ukuthi ushintshe ngempela ngokuqeda ukukhulekelwa kwezithixo nangokugqugquzela ukukhulekela kweqiniso

UJehova uzimisele ukusithethelela ngezinga elingakanani uma siphenduka ngempela?

Hu 103:10-14; Isay 1:18; 38:17; Jer 31:34; Mik 7:19

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:

    • 2Sa 12:13; 24:1; 1Kh 9:4, 5—Nakuba uDavide enze izono ezimbi kakhulu, uJehova uyamthethelela ngenxa yokuthi uyaphenduka futhi umbiza ngokuthi indoda eqotho

UJesu ukulingisa kanjani ngokuphelele ukuzimisela kukaJehova ukuthethelela?

Hu 86:5; Luk 23:33, 34

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Mat 26:36, 40, 41—Abalandeli bakaJesu balele ngesikhathi edinga usizo lwabo kakhulu kodwa uJesu uyaqonda ukuthi bakhathele

    • Mat 26:69-75; Luk 24:33, 34; IzE 2:37-41—UPetru uphika uJesu izikhathi ezintathu kodwa uJesu uyamthethelela lapho ephenduka, kamuva unikeza uPetru umsebenzi obalulekile emabandleni

Sazi kanjani ukuthi uJehova akathetheleli noma ubani?

Mat 12:31; Heb 10:26, 27; 1Jo 5:16, 17

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Mat 23:29-33—UJesu uxwayisa ababhali nabaFarisi ukuthi bazothola isahlulelo saseGehena noma ukubhujiswa kwaphakade njengeqembu

    • Joh 17:12; Mar 14:21—UJesu ubiza uJuda Iskariyothe ngokuthi ‘indodana yokubhubha’ futhi uthi bekuyoba ngcono ukube lo mkhapheli akazalwanga

Yini engasisiza sithethelele abanye?