Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INkululeko

INkululeko

Ubani onenkululeko engenamkhawulo ezulwini nasemhlabeni?

Isay 40:13, 15; Rom 9:20, 21

Bheka nalo mBhalo Rom 11:33-36

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Dan 4:29-35—Inkosi enamandla uNebukhadinezari ifunda ukuthi uJehova unalo lonke igunya nokuthi akekho okufanele alandise kuye

    • Isay 45:6-12—Njengoba uJehova enguMdali, akudingeki asitshele ukuthi kungani enza izinto ezithile

Yiziphi izinto uJehova angasoze azenze nakuba enenkululeko engenamkhawulo?

Kungani inkululeko esinayo ilinganiselwe?

Kungani amaKristu kufanele angazenzi izinto ezithile ngenxa yokucabangela abanye?

Kungani singathi izinceku zikaJehova zikhululekile ngandlela-thile?

Kungani ukukhonza uJehova kujabulisa?

Hu 40:8

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Gen 18:3; Heb 11:8-10—U-Abrahama akalikhohlwa ithemba uJehova amnika lona futhi lokhu kumsiza aqhubeke emkhonza

    • Heb 11:24-26—Umprofethi uMose uthola ukwaneliseka okukhulu, inkululeko nethemba njengoba ekhonza uJehova

Yini uJehova asikhulula kuyo?

Kungani kungafanele siyisebenzise kabi inkululeko esinayo?

Kunini lapho uthando lungenza umKristu ayeke ukwenza okuthile anenkululeko yokukwenza?

Umyalezo wethu ubenza kanjani abantu bakhululeke?

IBhayibheli lisithembisa yiphi inkululeko esikhathini esizayo?

Kungayiphi indlela labo abazenzela umathanda beyizigqila?

Yini ebonisa ukuthi bonke abantu bayalingana kuNkulunkulu?