Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

USizi Lokushonelwa

USizi Lokushonelwa

Yiziphi izibonelo eziseBhayibhelini ezibonisa ukuthi kungokwemvelo ukuba lusizi lapho umuntu eshonelwe?

Yini ebonisa ukuthi uJehova ufuna ukubaduduza labo abashonelwe?

Ukwazi isimo sabafile kusiduduza kanjani?

Shu 9:5, 10; 1Th 4:13

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Luk 20:37, 38—UJesu uchaza ukuthi uvuko luzokwenzeka ngempela nokuthi kuNkulunkulu kunjengokungathi abafile bayaphila

    • Joh 11:5, 6, 11-14—Ngemva kokuba kufe umngani wakhe amthandayo uLazaru, uJesu ufanisa ukufa nokulala

    • Heb 2:14, 15—Umphostoli uPawulu uyachaza ukuthi akudingeki sigqilazwe ukwesaba ukufa

Kungani umuntu eba yigugu kakhulu kuJehova lapho eshona kunalapho ezalwa?

IBhayibheli likuchaza kanjani ukufa futhi yini uNkulunkulu azokwenza ngakho?

Yini esenza siqiniseke ukuthi abantu bazovuswa?

Isay 26:19; Joh 5:28, 29; IzE 24:15

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • IBhayibheli likhuluma ngabantu abangu-9 abavuswa, abangu-8 kubo bavuselwa emhlabeni. Kulabo abasosizini lokushonelwa abantu ababathandayo, indaba ngayinye ibanikeza induduzo nethemba ngekusasa

      • 1Kh 17:17-24—Umprofethi u-Eliya uvusa indodana yomfelokazi waseZarefati edolobhaneni laseSidoni

      • 2Kh 4:32-37—Umprofethi u-Elisha uvusa umfana eShunemi bese emyisa kubazali bakhe

      • 2Kh 13:20, 21—Indoda esanda kushona iyavuka lapho isidumbu sayo sithinta amathambo omprofethi u-Elisha

      • Luk 7:11-15—Edolobheni laseNayini, uJesu umisa umngcwabo ukuze avuse indodana yomfelokazi

      • Luk 8:41, 42, 49-56—UJesu uvusa indodakazi esencane kaJayiru, isikhulu sesinagoge

      • Joh 11:38-44—UJesu uvusa umngani wakhe amthandayo uLazaru ukuze abe kanye nodadewabo, uMarta noMariya

      • IzE 9:36-42—Umphostoli uPetru uvusa uDorka, umKristu othandekayo, onesandla esivulekile

      • IzE 20:7-12—Umphostoli uPawulu uvusa insizwa okuthiwa u-Evitiku owawa efasiteleni washona

    • UJesu Kristu uyavuswa abe isidalwa somoya esingafi okwenza sonke siqiniseke ukuthi zonke izithembiso ngekusasa zizofezeka

    • UJesu ungowokuqala ukuvuselwa ezulwini nokunikezwa ilungelo lokungafi kodwa akasiye owokugcina, abalandeli bakhe abagcotshiwe abangu-144 000 nabo bavuswa ngendlela efanayo

Singabasiza kanjani abasosizini lokushonelwa abantu ababathandayo?