Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INhliziyo

INhliziyo

IBhayibheli libonisa kanjani ukuthi inhliziyo engokomfanekiso iyilokho umuntu anguye ngaphakathi kuhlanganise imicabango, izinhloso, ubuntu bakhe nemizwa yakhe?

Hu 49:3; IzA 16:9; Luk 5:22; IzE 2:26

Bheka nale miBhalo Dut 15:7; Hu 19:8

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:

    • Luk 9:46-48—UJesu ulungisa abalandeli bakhe ngoba ebona ukuthi ezinhliziyweni zabo bafuna ukuvelela

Kungani kubalulekile ukuqapha izinhliziyo zethu?

1Kr 28:9; IzA 4:23; Jer 17:9

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Gen 6:5-7—Ububi obusenhliziyweni yomuntu bumenza abe nodlame futhi kwenza uNkulunkulu alethe uZamcolo emhlabeni wonke

    • 1Kh 11:1-10—INkosi uSolomoni iyahluleka ukuqapha inhliziyo yayo, ishada namakhosikazi ezinye izizwe, agcina echezukisa inhliziyo yayo kuJehova

    • Mar 7:18-23—UJesu uthi inhliziyo iwumthombo wazo zonke izinto ezingangcolisa umuntu phambi kukaNkulunkulu

Singazivikela kanjani izinhliziyo zethu?

Hu 19:14; IzA 3:3-6; Luk 21:34; Flp 4:8

Bheka nale miBhalo Ezr 7:8-10; Hu 119:11

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:

    • Efe 6:14-18; 1Th 5:8—Lapho echaza isembatho sempi esivela kuNkulunkulu, umphostoli uPawulu uthi ukulunga, ukholo nothando kungavikela izinhliziyo zethu ezingokomfanekiso njengoba nje isivikelo sesifuba sivikela inhliziyo engokoqobo

Singabona kanjani uma inhliziyo yethu engokomfanekiso inenkinga?

IzA 21:2-4; Heb 3:12

Bheka nalo mBhalo IzA 6:12-14

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 2Kr 25:1, 2, 17-27—Okwesikhathi esithile, iNkosi u-Amaziya iyamlalela uNkulunkulu kodwa hhayi ngokusuka enhliziyweni, ngokuhamba kwesikhathi iyaqhosha futhi ingathembeki bese ibhekana nemiphumela

    • Mat 7:17-20—UJesu uthi njengoba nje nesihlahla esibi sithela izithelo ezimbi nenhliziyo embi iholela umuntu ukuba enze izinto ezimbi

Kungani kufanele silwele ukuba nezinhliziyo ezinhle futhi singakwenza kanjani lokho?

IzA 10:8; 15:28; Luk 6:45

Bheka nale miBhalo Hu 119:97, 104; Rom 12:9-16; 1Ti 1:5

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 2Kh 20:1-6—Lapho ibhekene nokufa, iNkosi uHezekiya incenga uJehova ukuba ayibonise umusa ngenxa yokuthi yayimkhonze ngenhliziyo ephelele nangokwethembeka

    • Mat 21:28-32—UJesu usebenzisa umfanekiso ukuze abonise ukuthi isimo senhliziyo yomuntu sivezwa yizinto azenzayo kunalokho akushoyo

Kungani kusiqinisa idolo ukwazi ukuthi uJehova uhlola izinhliziyo zethu?

1Kr 28:9; Jer 17:10

Bheka nalo mBhalo 1Sa 2:3

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Sa 16:1-13—Umprofethi uSamuweli ufunda ukuthi uJehova akakhohliswa ukubukeka komuntu; kunalokho, ubona lokho okusenhliziyweni

    • 2Kr 6:28-31—Umthandazo weNkosi uSolomoni ewenza lapho kunikezelwa ithempeli likaJehova ubonisa ukuthi uNkulunkulu ukubona ngokunembile okusenhliziyweni yomuntu futhi uyakuqonda