Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IziQu Zokuhlonishwa

IziQu Zokuhlonishwa

Kufanele yini amaKristu asebenzise iziqu zenkolo zokuhlonishwa?

Joh 5:41

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:

    • Luk 18:18, 19—UJesu akavumi ukubizwa ngokuthi “Mfundisi Omuhle” nakuba emuhle kodwa uthi nguJehova kuphela omuhle

Kungani amaKristu ekugwema ukusebenzisa iziqu zenkolo ezinjengesithi Baba noma “Mholi”?

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Mat 23:9-12—UJesu uyakwenqabela ukusetshenziswa kweziqu ezinjengesithi Baba noma “Mholi”

    • 1Ko 4:14-17—Nakuba umphostoli uPawulu ayenjengobaba kubantu abaningi, akukho lapho sizwa khona ebizwa ngokuthi uBaba uPawulu noma ngesinye isiqu esifana naleso

Kungani amaKristu kufanele abizane futhi aphathane njengabafowethu noma odadewethu?

Mat 23:8

Bheka nale miBhalo IzE 12:17; 18:18; Rom 16:1

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:

    • Mat 12:46-50—UJesu ukwenza kucace ukuthi labo abakhonza uJehova bangabafowabo nodadewabo

Kungani kufaneleka ukuba amaKristu asebenzise iziqu zokuhlonipha ababusi bezwe nezepolitiki, amajaji nezinye izikhulu?

Rom 13:1, 7; 1Pe 2:17

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:

    • IzE 26:1, 2, 25—Umphostoli uPawulu ubiza ababusi bezwe njengo-Agripha noFestu ngeziqu zokubahlonipha