Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UkuThobeka

UkuThobeka

UJehova ubabheka kanjani abantu abathobekile nabaqhoshayo?

Hu 138:6; IzA 15:25; 16:18, 19; 22:4; 1Pe 5:5

Bheka nale miBhalo IzA 29:23; Isay 2:11, 12

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 2Kr 26:3-5, 16-21—INkosi u-Uziya iyaqhosha; iphula uMthetho kaNkulunkulu futhi iyathukuthela lapho yelulekwa; uNkulunkulu uyishaya ngochoko

    • Luk 18:9-14—UJesu usebenzisa umfanekiso ukuze achaze indlela uJehova azizwa ngayo ngemithandazo yabaqhoshayo neyabathobekile

UJehova uzizwa kanjani ngabantu abazithobayo baphenduke ngobuqotho?

2Kr 7:13, 14; Hu 51:2-4, 17

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 2Kr 12:5-7—INkosi uRehobowamu nezikhulu zakwaJuda bayazithoba kuJehova, ngenxa yalokho uJehova akababhubhisi

    • 2Kr 32:24-26—Inkosi elungile uHezekiya iyaqhosha kodwa uJehova uyayithethelela lapho izithoba

Ukuzithoba kusisiza kanjani sithuthukise ubungani bethu nabanye?

Efe 4:1, 2; Flp 2:3; Kol 3:12, 13

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Gen 33:3, 4—UJakobe ubonisa ukuzithoba okukhulu lapho ehlangana nomfowabo u-Esawu owayemzonda, okwenza kube nokuthula phakathi kwabo

    • Hlu 8:1-3—Ngokuthobeka, umaHluleli uGideyoni utshela amadoda akwa-Efrayimi ukuthi wona aphakeme kunaye okuwenza angabe esathukuthela, ayeke ukuxabana naye

UJesu Kristu wakufundisa kanjani ukubaluleka kokuthobeka?

Mat 18:1-5; 23:11, 12; Mar 10:41-45

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Isay 53:7; Flp 2:7, 8—Njengoba kwaprofethwa, uJesu wamukela isabelo sokuza emhlabeni ngokuthobeka, uze avume ukufa kabuhlungu nangokuhlazisayo

    • Luk 14:7-11—UJesu ukhuluma ngendlela okuhlalwa ngayo lapho kudliwa edilini ukuze abonise ukuthi ukuthobeka kusisiza kanjani ekuphileni

    • Joh 13:3-17—UJesu ubekela abalandeli bakhe isibonelo sokuthobeka ngokwenza umsebenzi ophansi wokugeza abaphostoli bakhe izinyawo

Ukuzibheka ngendlela uJehova asibheka ngayo nangendlela ababheka ngayo abanye kusisiza kanjani sithobeke?

Kungani ukuzithoba kokuzenzisa kungasizi ngalutho?