Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKuba Qotho KuNkulunkulu

UKuba Qotho KuNkulunkulu

Buyini ubuqotho?

Hu 18:23-25; 26:1, 2; 101:2-7; 119:1-3, 80

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Lev 22:17-22—UJehova ufuna ukuba izilwane eziyimihlatshelo ‘ziphile kahle’ noma zingabi nasici; igama elithi ‘eziphile kahle’ lihlobene ngokuseduze negama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi ubuqotho futhi lisikisela ukuthi ubuqotho buhilela ukuzinikela ngokuphelele kuJehova

    • Job 1:1, 4, 5, 8; 2:3—Ukuphila kukaJobe kubonisa ukuthi ukuze umuntu abe qotho kumele amhloniphe ngokujulile uJehova, amkhonze ngayo yonke inhliziyo futhi agweme izinto azizondayo

Kungani kudingeka sibe qotho?

Yini engasikhuthaza ukuba sihlale siqotho?

Singaba qotho kanjani futhi yini esingayenza ukuze sihlale siqotho?

Jos 24:14, 15; Hu 101:2-4

Bheka nale miBhalo Dut 5:29; Isay 48:17, 18

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Job 31:1-11, 16-33—UJobe uzakhela idumela elihle lokuba umuntu oqotho ekuphileni kwakhe ngokugwema ukuziphatha kabi nangokuphatha abanye ngomusa nenhlonipho. Ukhonza uJehova ngendlela emsulwa, akakhonzi izithombe futhi uphila ukuphila okulula

    • Dan 1:6-21—UDaniyeli nabangani bakhe abathathu bahlala beqotho ngisho nalapho bekhetha ukudla abazokudla nakuba bephakathi kwabantu abangamkhonzi uJehova

Uma umuntu enza amaphutha amaningi, angakwazi yini ukuphinde abe qotho?

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Kh 9:2-5; Hu 78:70-72—INkosi uDavide yaphenduka ezonweni zayo yathethelelwa ngakho uJehova uyibheka njengomuntu oqotho

    • Isay 1:11-18—Nakuba uJehova etshela abantu ukuthi bayazenzisa futhi banezono ezinkulu, uthembisa ukuthi uzozihlanza uma bephenduka futhi beyeka izindlela zabo ezimbi