Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UkuThanda Imali

UkuThanda Imali

Ingabe iBhayibheli liyakwenqabela ukuba nemali noma liyabalahla labo abanayo?

Shu 7:12

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Kh 3:11-14—UJehova ubusisa iNkosi uSolomoni ngengcebo eningi ngoba ithobekile

    • Job 1:1-3, 8-10—UJobe udla izambane likapondo kodwa ubudlelwane anabo noJehova bubaluleke kakhulu kuye

Kungani ukuzifunela ingcebo eningi nokuqongelela izinto kunganelisi futhi kungasiniki ukuthula?

Ingcebo ayilusizo lwalutho, ngaziphi izindlela?

Iyiphi ingozi enkulu eza nemali nokuziqongelelela izinto?

Ingcebo ingasikhohlisa kanjani?

IzA 11:4, 18, 28; 18:11; Mat 13:22

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:

    • IzE 8:18-24—USimoni uba yisiwula, uzama ukuthenga isikhundla ebandleni lobuKristu

Ukuthanda imali kungasilahlekisela ngani?

Mat 6:19-21; Luk 17:31, 32

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Mar 10:17-23—Insizwa ecebile ezithanda ngokweqile izinto zayo iphuthelwa ithuba lokulandela uJesu

    • 1Ti 6:17-19—Umphostoli uPawulu uxwayisa amaKristu acebile ukuba agweme ukuzikhukhumeza, okungawalahlekisela ngomusa kaNkulunkulu

Ukuthanda imali kungaluqeda kanjani ukholo lomuntu, kumenze alahlekelwe umusa kaNkulunkulu?

Dut 8:10-14; IzA 28:20; 1Jo 2:15-17

Bheka nale miBhalo Hu 52:6, 7; Amo 3:12, 15; 6:4-8

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Job 31:24, 25, 28—UJobe uyiqonda kahle ingozi yokubeka ithemba lakhe engcebweni ngoba kuzomenza angathembeli kuNkulunkulu

    • Lu 12:15-21—UJesu ukhuluma ngomuntu oziqongelelela umcebo kodwa engacebile kuNkulunkulu ukuze axwayise ngokuthanda imali

Singaneliswa kanjani yilokho esinakho?

Iyiphi ingcebo ebaluleke kakhulu ukwedlula imali nezinto esinazo futhi kungani?

IzA 3:11, 13-18; 10:22; Mat 6:19-21

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Hag 1:3-11—UJehova usebenzisa umprofethi uHagayi ukuze atshele abantu bakhe ukuthi ngeke esababusisa ngoba abakusekeli ukukhonza uNkulunkulu ngeqiniso kodwa basebenza kanzima ukuze nje bazakhele imizi yabo, banethezeke

    • IsA 3:14-19—UJesu usola ibandla laseLawodikeya ngoba lithanda kakhulu imali kunokukhonza uNkulunkulu

Kungani kufanele simethembe uJehova ukuthi uzosinika esikudingayo ukuze siphile?