Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISihe

ISihe

Ukuba nesihe kuhlanganisa nani?

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Hu 51:1, 2—Lapho iNkosi uDavide incenga uJehova ukuba ayibonise isihe, isuke icela ukuthethelelwa nokuhlanzwa ezonweni zayo

    • Luk 10:29-37—UJesu ufundisa ngesihe ngokwenza isibonelo somSamariya owabonisa umJuda umusa nokumcabangela

Kungani bonke abantu bekudinga ukuboniswa isihe?

UJehova usibekela siphi isibonelo ngokubonisa isihe?

Eks 34:6; Neh 9:17; Hu 103:8; 2Ko 1:3

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Job 42:1, 2, 6-10; Jak 5:11—UJehova ubonisa uJobe isihe, uphinde amfundise ukuba naye abonise abanye isihe

    • Luk 15:11-32—UJesu uchaza isihe sikaJehova ngokwenza umfanekiso wendlela ubaba aphatha ngayo indodana yakhe evukelayo bese iphenduka

Kungani uJehova esibonisa isihe?

Iyiphi indima edlalwa umhlatshelo kaJesu ekuthethelelweni kwezono?

Kungani kufanele sicele ukuboniswa isihe futhi singasithathi kalula lesi sipho?

Luk 11:2-4; Heb 4:16

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Hu 51:1-4—INkosi uDavide iyazisola ngezono zayo, iyazithoba ngokuncenga uJehova ukuba ayibonise umusa

    • Luk 18:9-14—UJesu usebenzisa umfanekiso ukuze agcizelele ukuthi uJehova ubabonisa umusa abawavuma ngokuthobeka amaphutha abo

Ngisho nalabo abenze izono ezinkulu bangaba kanjani nethemba lokuthola umusa?

Dut 4:29-31; Isay 55:7

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 2Kr 33:9-13, 15—Nakuba eyinkosi embi kakhulu, uManase uyaphenduka acele ukuboniswa isihe; uphinde abekwe njengenkosi, ngemva kwalokho ubonisa ngezenzo ukuthi usephendukile

    • Jon 3:4-10—AbaseNineve bayaphenduka futhi uNkulunkulu ubabonisa isihe nakuba babenonya futhi bebulale abantu abaningi

Singasithola kanjani isihe sikaJehova isoni esivuma izono zaso sishiye nendlela ebesiphila ngayo?

Isihe sikaJehova asiyivimbi imiphumela noma isijeziso esisitholayo ngenxa yezono zethu

Kungani kufanele sibe nesihe?

Uma singababonisi abanye isihe, bungathinteka kanjani ubungani bethu noJehova?

Mat 9:13; 23:23; Jak 2:13

Bheka nalo mBhalo IzA 21:13

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Mat 18:23-35—UJesu usebenzisa umfanekiso ukuze abonise ukuthi umuntu ongababonisi abanye isihe noJehova ngeke ambonise isihe

    • Luk 10:29-37—Umfanekiso odumile wembula ukuthi uJehova noJesu ababemukeli abantu abangasibonisi isihe kodwa bayabathanda ababonisa isihe njengomSamariya

UJehova ubaphatha kanjani abantu abanesihe?