Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UkuPhathwa Kabi

UkuPhathwa Kabi

Singazizwa kanjani lapho abanye besiphatha kabi?

Hu 69:20; IzA 18:14; Shu 4:1-3; Mal 2:13-16; Kol 3:21

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 2Sa 10:1-5—Amanye amasosha ebutho leNkosi uDavide ezwa ubuhlungu lapho ehlazwa izitha ngonya nakuba engalimele kodwa uDavide uwabonisa umusa omkhulu

    • 2Sa 13:6-19—UThamari udabula izingubo zakhe njengoba ekhihla isililo ngemva kokuba edlwengulwe u-Amnoni futhi wamhlaza kakhulu

Yini ebonisa ukuthi uJehova uyabona uma othile ephathwe kabi futhi usilungisa kanjani isimo?

Job 34:21, 22; Hu 37:8, 9; Isay 29:15, 19-21; Rom 12:17-21

Bheka nalo mBhalo Hu 63:6, 7

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Sa 25:3, 14-17, 21, 32-38—UNabali, indoda enokhahlo nemikhuba emibi, ufaka ukuphila komndeni wakhe engozini ngokuthuka uDavide futhi uJehova uyamjezisa

    • Jer 20:1-6, 9, 11-13—Ekuqaleni uJeremiya uzizwa edangele lapho umpristi uPhashuri emshaya futhi emvalela esitokisini kodwa uJehova uyamkhuthaza, amsize