Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IMali

IMali

Kungani ukuthanda imali kuyingozi?

Bheka nesithi “UkuThanda Imali

IBhayibheli libonisa kanjani ukuthi ukwenza imali ukuze unakekele umndeni wakho akukubi?

Shu 7:12; 10:19; Efe 4:28; 2Th 3:10; 1Ti 5:8, 18

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Gen 31:38-42—UJakobe usebenzela umukhwe wakhe, uLabani, ngokwethembeka ukuze anakekele umndeni wakhe. ULabani umphatha kabi kodwa uJehova uyambusisa uJakobe ngenxa yokuzikhandla kwakhe

    • Luk 19:12, 13, 15-23—UJesu wenza umfanekiso obonisa ukuthi kuyinto evamile ukuba abantu bangesikhathi sakhe batshale imali ukuze babe nemali eningi

Yiziphi izimiso zeBhayibheli ezisiqondisayo mayelana nokuboleka noma ukubolekisa ngemali?

Kungani kungekuhle ukuba nezikweletu ezingenasidingo?

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Neh 5:2-8—Abakweletisi besikhathi soMbusi uNehemiya babaphatha ngesihluku abantu ababakweletayo

    • Mat 18:23-25—Umfanekiso kaJesu usikhumbuza ukuthi uma sihluleka ukukhokha isikweletu singajeziswa

Yini okufanele siyiqaphele ngaphambi kokwenza isivumelwano sebhizinisi nomuntu ongeyena uFakazi, nomuntu onguFakazi noma isihlobo?

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Gen 23:14-20—Lapho u-Abrahama ezongcwaba uSara, uthenga insimu nomhume phambi kofakazi ukuze kungabibikho muntu ozophikisa lesi sivumelwano kamuva

    • Jer 32:9-12—Lapho umprofethi uJeremiya ethenga indawo kumfowabo, ubhala itayitela, enze ikhophi yalo bese ekhokha phambi kofakazi

Kungani kukuhle ukuhlela kahle indlela ozoyisebenzisa ngayo imali?

Kungani amaKristu kufanele agweme izingxabano ezibangelwa imali ukuze ibandla lingahlukani?

1Ko 6:1-8

Bheka nale miBhalo Rom 12:18; 2Ti 2:24

Singayisebenzisa kanjani imali ngendlela ezosenza sijabule ngempela?