Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

OMama

OMama

Yimiphi imisebenzi eyenziwa omama?

IzA 31:17, 21, 26, 27; Tit 2:4

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Gen 21:8-12—Lapho uSara ebona u-Ishmayeli ehlukumeza indodana yakhe encane u-Isaka, uncenga u-Abrahama ukuba ayivikele

    • 1Kh 1:11-21—Lapho uBhati-sheba ethola ukuthi ukuphila kukaSolomoni nobukhosi bakhe kusengozini, uncenga iNkosi uDavide ukuba ingenelele

Kungani kufanele sibalalele futhi sibahloniphe omama bethu?

Eks 20:12; Dut 5:16; 27:16; IzA 1:8; 6:20-22; 23:22

Bheka nalo mBhalo 1Ti 5:9, 10

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Pe 3:5, 6—Umphostoli uPetru uthi uSara waba ngumama emadodakazini amaningi ngenxa yokholo lwakhe oluqinile

    • IzA 31:1, 15, 21, 28—Umama kaLemuweli, inkosi, unikeza indodana yakhe iseluleko esibalulekile ngokuphathelene nomshado nendima edlalwa inkosikazi nomama

    • 2Ti 1:5; 3:15—Umphostoli uPawulu uphefumulelwa ukuba ancome umama kaThimothewu, u-Evnike, ngokufundisa indodana yakhe imiBhalo kusukela isewusana nakuba umyeni wakhe engeyena umKristu