Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UkuLalela

UkuLalela

Kubaluleke kangakanani ukulalela?

Eks 19:5; Dut 10:12, 13; Shu 12:13; Jak 1:22

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Sa 15:17-23—Umprofethi uSamuweli usola iNkosi uSawule ngokungamlaleli uJehova, ube esegcizelela ukubaluleka kokulalela

    • Heb 5:7-10—Nakuba uJesu ebelokhu eyiNdodana kaNkulunkulu engenasono, wafunda ukumlalela uYise lapho ephathwa kabi ngesikhathi esemhlabeni

Yini okufanele yenziwe umKristu uma umuntu osegunyeni emtshela ukuba angamlaleli uNkulunkulu?

IzE 5:29

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Dan 3:13-18—AmaHebheru amathathu ayenqaba ukukhulekela isithombe esibekwe iNkosi uNebukhadinezari ngisho nalapho ukuphila kwawo kusengcupheni

    • Mat 22:15-22—UJesu uthi abalandeli bakhe kumele balalele ohulumeni ngaphandle uma ohulumeni bebacela ukuba bangamlaleli uJehova

    • IzE 4:18-31—Abaphostoli baqhubeka beshumayela ngesibindi ngisho nalapho ohulumeni bebatshela ukuba bayeke

Yini okufanele siyenze ukuze simlalele njalo uJehova?

Dut 6:1-5; Hu 112:1; 1Jo 5:2, 3

Bheka nale miBhalo Hu 119:11, 112; Rom 6:17

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Ezr 7:7-10—Umpristi othembekile u-Ezra ulungisa inhliziyo yakhe ukuze ahole ekulaleleni uMthetho KaNkulunkulu futhi afundise abanye ngawo

    • Joh 14:31—UJesu uyasitshela ukuthi kungani emlalela njalo uNkulunkulu

Yini okufanele isenze silalele uJehova noJesu?

Ukulalela kwethu kulubonisa kanjani ukholo esinalo?

Rom 1:5; 10:16, 17; Jak 2:20-23

Bheka nalo mBhalo Dut 9:23

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Gen 6:9-22; Heb 11:7—UNowa ubonisa ukuthi unokholo ngokwakha umkhumbi ngendlela uJehova amyala ngayo, wenza “kanjalo nje”

    • Heb 11:8, 9, 17—U-Abrahama ubonisa ukuthi unokholo ngokulalela imithetho kaJehova ngokungathuthi nje kuphela e-Uri kodwa nangokunikela ngendodana yakhe

UJehova ubathembisa ziphi izibusiso labo abamlalelayo?

Jer 7:23; Mat 7:21; 1Jo 3:22

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

Yini ezokwenzeka uma singalaleli?

Rom 5:19; 2Th 1:8, 9

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Gen 2:16, 17; 3:17-19—U-Adamu no-Eva balahlekelwa ukuphila ePharadesi, ukuphila okungenasono nokuphila okuphakade ngenxa yokuthi abamlaleli uJehova uNkulunkulu

    • Dut 18:18, 19; IzE 3:12, 18, 22, 23—UJehova ubikezela ukuthi kuyofika umProfethi omkhulu kunoMose, uphinde aveze ukuthi ukungamlaleli lowo mProfethi kuzoletha imiphumela ebuhlungu

    • Jud 6, 7—Izingelosi ezivukelayo nezakhamuzi zaseSodoma naseGomora zithukuthelisa uJehova ngokungalaleli kwazo

Kungani kufanele silalele uJesu Kristu?

Gen 49:10; Mat 28:18

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:

Kungani amaKristu elalela abaholayo ebandleni?

Kungani inkosikazi engumKristu kufanele izithobe kumyeni wayo?

Kungani izingane kufanele zilalele abazali bazo?

IzA 23:22; Efe 6:1; Kol 3:20

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Gen 37:3, 4, 8, 11-13, 18—UJosefa osemusha uyamlalela uyise futhi uyahamba ayobheka abafowabo nakuba bemzonda

    • Luk 2:51—UJesu uyazithoba kuJosefa nakuMariya nakuba bona benesono yena engenaso

Kungani kufanele silalele umqashi ngisho nalapho kungekho muntu osibhekile?

Kungani amaKristu elalela ohulumeni?