Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AsebeKhulile

AsebeKhulile

Yini eyenzekayo njengoba sikhula?

Hu 71:9; 90:10

Bheka nesithi “Induduzo—Ukungakwazi ukwenza izinto ezithile ngenxa yokugula noma ngenxa yokukhula

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:

    • Shu 12:1-8—Ngamazwi asankondlo, iNkosi uSolomoni ichaza izinkinga eziza nokukhula, njengokungaboni kahle emehlweni (‘izintokazi ezibuka ngaphandle emafasiteleni zithola kumnyama’) nokungezwa kahle ezindlebeni (“izintombi ezihlabelelayo sezizwakalela phansi”)

Asebekhulile bangakwazi yini ukuhlala bejabule naphezu kwezinkinga nokungakwazi ukwenza izinto ezithile ngenxa yokukhula?

2Ko 4:16-18; Jak 1:2-4

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Sa 12:2, 23—Umprofethi uSamuweli osekhulile uyayazi indlela okubaluleke ngayo ukuthandazela abantu bakaJehova

    • 2Sa 19:31-39—INkosi uDavide iyamazisa uBharizilayi osekhulile ngokuyisekela ngobuqotho futhi uBharizilayi ngokuzithoba uyavuma ukuthi kunezinto angeke asakwazi ukuzenza

    • Hu 71:9, 18—INkosi uDavide isaba ukuthi uJehova ngeke esayisebenzisa ngakho iyamncenga ukuba ayiphe amandla futhi angayeki ukuyisebenzisa ukuze ifundise izizukulwane ezizayo ngoJehova

    • Luk 2:36-38—Umprofethikazi ongumfelokazi osekhulile, u-Ana, uyabusiswa ngenxa yokukhonza kwakhe uNkulunkulu ngokuzinikela nangokwethembeka

UJehova ubaqinisekisa kanjani asebekhulile ukuthi bayigugu kuye?

Hu 92:12-14; IzA 16:31; 20:29; Isay 46:4; Tit 2:2-5

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Gen 12:1-4—Lapho u-Abrahama eseneminyaka engu-75, uJehova umnikeza isabelo esishintsha ukuphila kwakhe

    • Dan 10:11, 19; 12:13—Ingelosi itshela umprofethi uDaniyeli, oneminyaka eyevile kwengu-90, ukuthi uyigugu kuJehova nokuthi uzobusiswa ngenxa yobuqotho bakhe

    • Luk 1:5-13—UJehova ubusisa uZakariya no-Elizabethe ngendodana yabo uJohane ezalwa ngokuyisimangaliso

    • Luk 2:25-35—UJehova unika uSimeyoni osekhulile ilungelo lokubona usana olwaluzoba uMesiya; uSimeyoni usho isiprofetho esiphefumulelwe esiphathelene noMesiya

    • IzE 7:23, 30-36—Lapho umprofethi uMose eneminyaka engu-80, uJehova umenza umholi wabantu baKhe, ama-Israyeli

Kufanele sibaphathe kanjani asebekhulile abathembekile?

Lev 19:32; 1Ti 5:1

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Gen 45:9-11; 47:12—UJosefa uyala ukuba kulandwe uyise osekhulile, uJakobe futhi umnakekela aze ashone

    • Rut 1:14-17; 2:2, 17, 18, 23—URuthe usekela uNawomi osekhulile ngamazwi nangezenzo

    • Joh 19:26, 27—Lapho efa esigxotsheni, uJesu ucela umphostoli amthandayo uJohane ukuba anakekele umama wakhe osekhulile

Yini engenziwa amaKristu ukuze asize asebekhulile ebandleni?