Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AbaDala

AbaDala

Iziphi izimfuneko abadala abangamaKristu okufanele bahlangabezane nazo?

Abadala bebandla kudingeka babe izibonelo ngaziphi izindlela?

Yini edingekayo ukuze ube inceku ekhonzayo?

Umoya kaNkulunkulu ubasiza kanjani abazalwane lapho kukhethwa abadala?

IzE 20:28

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • IzE 13:2-5; 14:23—Ababonisi abajikelezayo uPawulu noBarnaba bakhetha amadoda athenjwayo ukuba abe abadala emabandleni ahlukahlukene; nanamuhla ababonisi besigodi benza okufanayo, bathandazela umoya ongcwele, bazilandele ngokucophelela iziqondiso ezisemiBhalweni ephefumulelwe ngomoya, okuyiyo enezimfuneko zabadala

    • Tit 1:1, 5—UThithu unikezwa isabelo sokuhambela amabandla ahlukahlukene nokukhetha amadoda ukuba abe abadala

Lingelikabani ibandla futhi yini ayidela ukuze libe khona?

Kungani iBhayibheli lichaza abadala noma ababonisi ngokuthi izikhonzi noma izinceku?

Kungani abadala kumelwe bathobeke ngaso sonke isikhathi?

Flp 1:1; 2:5-8; 1Th 2:6-8; 1Pe 5:1-3, 5, 6

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:

    • IzE 20:17, 31-38—Umphostoli uPawulu uhlola umsebenzi asewenzile nabadala base-Efesu futhi bayambonga ngothando alubonisile

Abadala abangamaKristu basibheka kanjani isiqondiso abasithola ‘ngenceku ethembekile neqondayo’?

Iyiphi indlela engcono kakhulu abadala abangayisebenzisa lapho befundisa abanye?

1Ti 4:12; 1Pe 5:2, 3

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Neh 5:14-16—UMbusi uNehemiya akalisebenzisi kabi igunya lakhe ngenxa yokuthi uyamhlonipha uJehova, akathathanga ngisho nalokho okwakufanele kube ngokwakhe

    • Joh 13:12-15—UJesu ufundisa abalandeli bakhe isifundo sokuthobeka ngokuba isibonelo

Umalusi ongumKristu angambonisa kanjani umuntu ngamunye uthando ebandleni?

Abadala babasiza kanjani abagulayo ngokomoya?

Yini abadala okufanele bayiqaphele lapho befundisa?

Kungani abadala kufanele baqikelele ukuthi bagcina ibandla lihlanzekile ngokokuziphatha?

Abadala baqeqesha obani?

2Ti 2:1, 2

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Mat 10:5-20—UJesu uqeqesha abaphostoli bakhe abangu-12 ngaphambi kokubathuma ukuba bayoshumayela

    • Luk 10:1-11—UJesu uyala abafundi bakhe abangu-70 futhi ubanika iziqondiso ngaphambi kokubathuma ukuba bayoshumayela

Yini ezosiza abadala ukuba banakekele imisebenzi yabo eminingi?

1Pe 5:1, 7

Bheka nalo mBhalo IzA 3:5, 6

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Kh 3:9-12—INkosi uSolomoni ithandaza kuJehova icela ikhono lokwahlukanisa nokuqonda ukuze yahlulele isizwe sikaJehova

    • 2Kr 19:4-7—INkosi uJehoshafati imisa abahluleli emadolobheni akwaJuda futhi iyabakhumbuza ukuthi uJehova uzoba nabo njengoba benza lo msebenzi obalulekile

Ibandla kumele libaphathe kanjani abadala abathembekile?

1Th 5:12, 13; 1Ti 5:17; Heb 13:7, 17

Bheka nalo mBhalo Efe 4:8, 11, 12

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • IzE 20:37—Abadala base-Efesu abananazi ukubonisa umphostoli uPawulu uthando

    • IzE 28:14-16—Umphostoli uPawulu uya ngaseRoma, abazalwane bakulelo dolobha bahamba amakhilomitha angu-65 beyomhlangabeza eMakethe ka-Aphiyo ukuze bamkhuthaze